ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 98


Isigaba 98

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 6 Agasti, 1833. Lesi sambulo seza ngenxa yokuhlushwa kwabaNgcwele eMissouri. Ukwanda kokuthutheleka kwamalungu eBandla ezohlala eMissouri kwabahlupha abanye ababevele behleli kuleyo ndawo, ababe satshiswa wukwanda kwesibalo sabaNgcwele, nomthelela ababenawo kwezombangazwe nakwezo mnotho, nangokuhluka kwabo ngokwenkolo nangokwama siko. Ngo Julayi 1833, isixuku esithize sabhubhisa izakhiwo zeBandla, kwathi amalungu amabili eBandla apendwa ngetiyela aphinde athelwa ngamaqubu, sase sithi abaNgcwele mabaphume baphele esiFundeni iJackson. Nakuba ezinye izindaba zezinkinga eMissouri nakanjani zase zifikile kumPhrofethi eKirtland (amakhulu ayisishiyagalolunye amamayela ekude), ubunzima besimo babungazeka kuye ngesambulo kuphela ngalolu suku.

1–3, Izinhlupho zababaNgcwele zizoba nenzuzo kubo; 4–8, AbaNgcwele kufanele basekele umthetho sisekelo wezwe; 9–10, Abantu abaqotho, abahlakaniphile, nabalungile kufanele basekelwe ukusebenza kumkhandlu ophetheyo wezwe; 11–15, Labo abadela izimpilo zabo ngenxa yomsebenzi weNkosi bayoba nokuphila okuphakade; 16–18, Lahlani impi nimemezele ukuthula; 19–22, AbaNgcwele eKirtland bayasolwa futhi bayalwa ukuba baphenduke; 23–32, INkosi yambula imithetho Yayo ephathelene nokuhlushwa nobunzima okuthweswe abantu Bayo; 33–38, Impi ivumelekile kuphela uma iNkosi ilayeza ngayo; 39–48, AbaNgcwele kufanele bazixolele izitha zabo, okuzothi uma ziphenduka, nazo ziphunyule empindiselweni yeNkosi.

1 Ngiqinisile ngithi kini abahlobo bami, ningesabi, izinhliziyo zenu maziduduzeke; yebo, thokozani njalonjalo, futhi kukho konke bbongani;

2 Uma anisalindile ngokubekezela eNkosini, ngokuba imikhuleko yenu ingenile ezindlebeni zikaJehova Sebawoti, futhi ibhaliwe ngokuvunywa nobufakazi—iNkosi ifungile futhi yamisa ukuthi iyonikwa.

3 Ngakho-ke, inikeza lesi sethembiso kini, ngesivumelwano esingaguqulekiyo sokuthi iyofezeka; futhi konke aenihlukunyezwe ngakho kuyosebenzelana ukuze nizuze, futhi nokudumisa igama lami, kusho iNkosi.

4 Manje, ngiqinisile ngithi kini ngokuphathelene nemithetho yezwe, kuyintando yami ukuba abantu bami bagcine zonke izinto noma yini engibayala ngayo.

5 Futhi lowo amthetho wezwe ohambisana bnomthetho-sisekelo, osekela umgomo wenkululeko ekugcineni amalungelo, ungowabo bonke abantu, futhi ulungile phambi kwami.

6 Ngakho-ke, mina, iNkosi, anginibeki cala, nabazalwane benu bebandla lami, ekusekeleni lowo mthetho ongumthetho-sisekelo wezwe;

7 Futhi ngokuphathelene nomthetho owenziwe ngumuntu, noma yikuphi okungafani nalokhu kuvela ebubini.

8 Mina, iNkosi uNkulunkulu, ngiyani akhulula, ngakho-ke nikhululekile impela; futhi nomthetho nawo uyanikhulula.

9 Nokho, uma kubusa aababi abantu bayakhala.

10 Ngalokho-ke, abantu aabaqotho nabahlakaniphile kufanele bafunwe ngokukhuthala, futhi abantu abalungile nabahlakaniphile kufanele niqiniseke ukuthi niyabasekela; kungenjalo noma yini engafani nalokhu ivela ebubini.

11 Futhi ngini nika umyalelo, wokuthi nishiye konke okubi futhi nibambelele kukho konke okuhle, ukuze niphile ngawo wonke aamazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

12 Ngokuba uzo anika abathembekileyo imfundiso phezu kwemfundiso, umthetho phezu komthetho; futhi ngizoni bhlola futhi nginivivinye ngalokhu.

13 Futhi lowo aodela impilo yakhe esemsebenzini wami, ngenxa yegama lami, uyobuye ayifumane futhi, ngisho ukuphila okuphakade.

14 Ngakho-ke, aningazesabi izitha zenu, ngokuba ngikumisile enhliziyweni yami, kusho iNkosi, ukuthi ngizoni bvivinya kuzo zonke izinto, ukuthi nizohlala yini esivumelwaneni sami, ngisho kuze kube csekufeni, ukuze nitholakale nifanelekile.

15 Ngokuba uma ningahlali esivumelwaneni sami aningifanele.

16 Ngakho-ke, alahlani bimpi futhi nimemezele cukuthula, futhi nifune ngokukhuthala dukuphendula izinhliziyo zabantwana koyise, nezinhliziyo zoyise kubantwana;

17 Futhi phezu kwalokho, izinhliziyo azamaJuda kubaphrofethi, nabaphrofethi kumaJuda; funa ngize ngishaye umhlaba wonke ngesiqalekiso, futhi yonke inyama ishe phambi kwami.

18 Izinhliziyo zenu mazinga khathazeki; ngokuba ekhaya likaBaba kukhona aizindlu eziningi, futhi senginilungisele indawo; futhi lapho uBaba nami sikhona, niyoba-khona lapho nani.

19 Bhekani, mina, iNkosi, angithokozile kahle ngabaningi abasebandleni eKirtland;

20 Ngokuba abazishiyi izono zabo, nezindlela zabo zobubi, ukuzikhukhumeza kwezinhliziyo zabo, nokufisa kwabo, nezinto zonke zabo ezinengekile, futhi bagcine amazwi okuhlakanipha nawokuphila okuphakade engibanike wona.

21 Ngiqinisile ngithi kini, mina, iNkosi, ngizoba ajezisa futhi ngizokwenza noma yini engifuna ukuyenza, uma bengaphenduki futhi bagcine zonke izinto noma yini engiyisho kubo.

22 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, uma nizama aukwenza noma yini enginiyala ngayo, mina, iNkosi, ngizophendula lonke ulaka nentukuthelo kusuke kini, futhi bamasango esihogo ngeke abuse phezu kwenu.

23 Manje, sengikhuluma kini ngokuphathelene nemindeni yenu—uma abantu beni ashaya, noma imindeni yenu, kanye, futhi nikuthwale ngokubekezela futhi ningabathuki, ningafuni futhi ukuziphindiselela, niyonikwa umvuzo;

24 Kodwa uma ningakuthwali ngokubekezela, kuyothathwa anjengesilinganiso esilungile esinifanele.

25 Futhi phezu kwalokho, uma isitha senu sinishaya okwesibili, kodwa ningasithuki isitha senu, kodwa nikuthwale ngokubekezela, umvuzo wenu uyophindwa ngekhulu.

26 Futhi phezu kwalokho, uma enishaya okwesithathu, futhi nikuthwale angokubekezela, umvuzo wenu uyophindwa kane;

27 Futhi lobu bufakazi obuthathu buyomelana nesitha senu uma singaphenduki, futhi ngeke bucinywe.

28 Manje, ngiqinisile ngithi kini, uma leso sitha siyophunyula empindiselweni yami, ukuba singalethwa ekwahlulelweni phambi kwami, uma kunjalo niyokwenza isiqiniseko sokuthi niyasi axwayisa egameni lami, ukuze singabe sisanihlasela futhi, noma imindeni yenu, ngisho abantwana babantwana benu besithathu nesesine isizukulwane.

29 Futhi emva kwalokho, uma ehlasela nina noma abantwana benu, noma abantwana babantwana benu besithathu nesesine isizukulwane, isitha senu ngisinikela ezandleni zenu;

30 Futhi uma uzosihawukela, uyonikwa umvuzo ngokulunga kwakho; futhi nabantwana bakho nabantwana babantwana bakho kwesesithathu nesesine isizukulwane.

31 Nokho, isitha sakho sisezandleni zakho; futhi uma usinika umvuzo ngemisebenzi yaso uyoba ongenacala uma efuna impilo yakho, futhi impilo yakho isebucayini ngaye, isitha sakho sisezandleni zakho futhi uyoba ongenacala.

32 Bhekani, lona ngumthetho engawunika inceku yami uNefi, anoyihlo, uJosefa, noJakobe, no-Isaka, no-Abrahama, nabo bonke abaphrofethi nabaphostoli bami basendulo.

33 Futhi phezu kwalokho, lona angumthetho engawunika abantu bami basendulo, wokuthi bangayi empini bemelene nanoma yisiphi isizwe, izihlobo, izilimi, noma abantu, ngaphandle kuphela uma mina, iNkosi, ngibayalile.

34 Futhi uma kukhona isizwe, ulimi, noma abantu abamemezela impi bemelene nabo, kufanele kuqale baphakamise isibonakaliso asokuthula kulabo bantu, isizwe, noma lolo limu;

35 Futhi uma labo bantu bengakwemukeli ukuthula, noma okwesibili noma okwesithathu, kufanele balethe lobu bufakazi phambi kweNkosi;

36 Emva kwalokho mina, iNkosi, ngizobanika umyalelo, futhi ngibathola bengenacala ekulweni naleso sizwe, ulimi, noma abantu.

37 Futhi mina, iNkosi, angangizolwa izimpi zabo, nezimpi zabantwana babo, nabantwana babantwana babo, kuze kube sebeziphindiselele kuzo zonke izitha zabo, kwesesithathu nesesine isizukulwane.

38 Bhekani, lesi yisibonelo kubo bonke abantu, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, ukuze nitholwe ningenacala phambi kwami.

39 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uma isitha sakho esikuhlasele okokuqala, siphenduka futhi size kuwe sicela intethelelo kuwe, ubosithethelela, futhi ungakugcini lokho njengobufakazi bakho kuye—

40 Ngokunjalo futhi okwesibili nokwesithathu; futhi njengokuphenduka njalo kwesitha sakho ekoneni kwaso esikone ngako, auyomthethelela, kuze kube amashumi ayisikhombisa ephindwe kasikhombisa.

41 Futhi uma ekona futhi engaphenduki okokuqala, nokho uyomthethelela.

42 Futhi uma ekona okwesibili, futhi engaphenduki, nokho uyomthethelela.

43 Futhi uma ekona okwesithathu, futhi engaphenduki, uyomthethelela futhi.

44 Kodwa uma ekona okwesine ungamthetheleli, kodwa uyoletha lobu bufakazi phambi kweNkosi; futhi ngeke bucinywe aze aphenduke futhi akukhokhele ngokuphindwe kane kuzo zonke izinto asekone kuzo.

45 Futhi uma ekwenza lokhu, uyomthethelela ngayo yonke inhliziyo yakho; futhi uma engakwenzi lokhu, mina, iNkosi, ngizoku aphindiselela esitheni sakho kuphindwe ngekhulu.

46 Futhi nasebantwaneni bakhe, nasebantwaneni babantwana babo bonke abangizondayo, akwesesithathu nesesine isizukulwane.

47 Kodwa uma abantwana beyophenduka, noma abantwana babantwana, futhi be aphendukela eNkosini uNkulunkulu wabo, ngezinhliziyo zabo zonke nangawo wonke amandla, umqondo, nangokuqina kwabo, futhi babuyisele ngokuphindwe kane ngazo zonke izono zabo abanone ngazo, noma oyise abona ngazo, noma oyise boyise, emva kwalokho intukuthelo yakho kufanele iphele.

48 Futhi aimpindiselo ngeke iphinde ize kubo, kusho iNkosi uNkulunkulu wakho, futhi izono zabo ngeke zisalethwa futhi njengobufakazi phambi kweNkosi ngokumelene nabo. Amen.