ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 36


Isigaba 36

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Edward Partridge, eduze naseFayette, eNew York, ngomhlaka 9 Disemba 1830 (bheka isihloko sesigaba 35). Umlando ka Joseph Smith uthi u-Edward Partridge “wayeyisibonelo sokukhuthazela ukukhonza uNkulunkulu, nomunye wamadoda athandeka kakhulu eNkosi.”

1–3, INkosi ibeka isandla Sayo ku-Edward Partridge ngesandla sikaSidney Rigdon; 4–8, Yonke indoda eyamukela ivangeli nobuphristi kufanele ibizelwe ukuhamba iyoshumayela.

1 Isho kanje isho iNkosi uNkulunkulu, aoMkhulu ka-Israyeli: Bheka, ngithi kuwe, nceku yami bu-Edward, ukuthi ubusisiwe, futhi nezono zakho zithethelelwe, futhi ubizelwe ukushumayela ivangeli lami njengephimbo lecilongo;

2 Futhi ngizobeka aisandla sami phezu kwakho ngesandla senceku yami uSidney Rigdon, futhi uyothola uMoya wami, uMoya oNgcwele, ngisho buMduduzi, ozokufundisa izinto czomoya wokuthula zombuso;

3 Futhi uyokumemezela ngephimbo eliphakeme, uthi: Hosana, libusisiwe igama likaNkulunkulu ophakeme kakhulu.

4 Manje lolu bizo nomyalelo ngikunika kona ngokuphathelene nabo bonke abantu—

5 Ukuthi abayoza ngobuningi phambi kwezinceku zami uSidney Rigdon noJoseph Smith, omNcane, bemukela lolubizo nomyalelo, abazogcotshwa futhi bathunyelwe bukuyoshumayela ivangeli laphakade phakathi kwezizwe—

6 Beshumayela ngokuphendula, bethi: aZisindiseni kulesi sizukulwane esihluphayo, futhi niphume emlilweni, nizonda ngisho bizingubo ezichaphazelwe ngenyama.

7 Futhi lomyalelo uyonikwa amagosa ebandla lami, ukuze wonke umuntu ozowamukela ngobunye benhliziyo agcotshwe futhi athunyelwe ahambe, ngisho njengoba sengikhulumile.

8 NginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu; ngalokho-ke, bophani izinkalo zenu futhi ngokuzumayo ngizokuza aethempelini lami. Ngisho kanjalo. Amen.