ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 79


Isigaba 79

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio ngomhlaka 12 Mashi, 1832.

1–4, UJared Carter ubizelwa ukushumayela ivangeli ngoMduduzi.

1 Ngiqinisile ngithi kuwe, kuyintando yami ukuthi inceku yami uJared Carter kufanele ahambe futhi aye emazweni asempumalanga, indawo ngendawo, futhi idolobha ngedolobha, ngamandla aokugcotshwa agcotshwe ngawo, ememezela izindaba ezinhle zentokozo enkulu, ngisho ivangeli laphakade.

2 Futhi ngizothumela kuye auMduduzi, ozomfundisa iqiniso nendlela azohamba ngayo;

3 Futhi kangangoba ethembekile, ngizomethwesa umqhele futhi nezithungu.

4 Ngalokho-ke, inhliziyo yakho mayijabule, nceku yami uJared Carter, futhi aungesabi, kusho iNkosi yakho, ngisho uJesu Kristu. Amen.