ImiBhalo eNgcwele
IZwi EliGunyaziwe 1


IZwi EliGunyaziwe 1

IBhayibheli neNcwadi kaMormoni zifundisa ukuthi ukushada nomuntu oyedwa kungumthetho kaNkulunkulu womshado ngaphandle uma kukhona okunye akushoyo (bheka Ⅱ Samuweli 12:7–8 kanye no Jakobe 2:27, 30). Emva kwesambulo ku Joseph Smith, umkhuba wesithembu wamiswa yiNkosi phakathi kwamalungu eBandla eminyakeni yo 1840 (bheka isigaba 132). Kusuka eminyakeni yo 1860 neyango 1880, umkhandlu ophetheyo wase Melika wamisa imithetho eyayiwu vimbela lomkhuba. Lemithetho yagcina isisekelwe yiNkantolo ePhakeme yase Melika. Emva kokuthola isambulo, uMongameli uWilford Woodruff wakhipha lesi siMemezelo esilandelayo, esemukelwa yiBandla njengesi phume kwabanamandla futhi nesibophayo ngomhlaka 6, Oktoba, 1890. Lokhu kwaholela ekutheni umkhuba womshado wesithembu uphele eBandleni.

Kulowo Okungathintana Naye:

Imibiko yezindaba isithunyelwe ngezinhloso zezombusazwe, isuka eSalt Lake City, nesikhishwe, ibika ukuthi uMkhandlu wase-Utah, embikweni wawo osandakwenziwa oya kuNobhala wezangaPhakathi, othi imishado yesithembu isenziwa futhi nokuthi imishado enjalo engamashumi amane noma ngaphezulu amalungu ebandla angene kuyo e-Utah kusukela ngoJuni odlule noma ngonyaka odlule, futhi nokuthi ezintshumayelweni zasemphakathini abaholi beBandla bawufundisile, bawukhuthazile futhi bawushoshozela umkhuba wokuthathwa kwesithembu—

Ngakho-ke mina, njengoMongameli weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, ngalesi simemezelo, ngesizotha esikhulu, ngimemezela ukuthi ngalesi simemezelo zingamanga. Asisifundisi isithembu noma imishado yokuganwa ngabafazi abaningi, futhi asivumeli umuntu ukuba enze lowomkhuba, futhi ngiyaphika ukuthi kukhona imishado yesithembu engamashumi amane noma eyasiphi esinye isibalo eyenziwe ngaleso sikhathi emaThempelini ethu noma kunoma iyiphi enye indawo kulesi siFunda.

Isehlakalo esisodwa sibikiwe, lapho labo abebebika bethi umshado wenzelwa eNdlini yeZipho zoMoya, eSalt Lake City, ngeNtwasahlobo ka1889, kodwa angikakwazi ukuthola ukuthi ubani owenza lomshado; noma yini eyenziwa kulesisehlaklo yenziwa ngaphandle kokwazi kwami. Ngenxa yalesi sehlakalo okuthiwa senzekile iNdlu yeZipho zoMoya, ngemiyalo yami, yabhidlizwa ngaphandle kokulibala.

Kangangoba imithetho isibekiwe yisiShayamthetho eyenqabela imishado yesithembu, leyo mithetho inkantolo yokugcina yezikhalo ethe ihambisana nomthetho-sisekelo, mina ngalesi simemezelo ngimemezela inhloso yami yokuthobela leyomthetho, futhi nokusebenzisa imfundiso yami kumalungu eBandla engiwengamele ukuba nawo enze okufanayo.

Akukho lutho ezimfundisweni zami eBandleni noma kulabo engisebenzisana nabo, kuleso sikhathi esibaluliwe, okukhombisa ukuthi siqhubekisa noma sikhuthaza isithembu; futhi uma kukhona iGosa leBandla elisebenzise ulimi oluzwakala lufundisa imfundiso enjalo, lisolwe ngokushesha. Manje phambi kwabantu bonke ngimemezela iseluleko sami kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina sokuthi mabayeke imishado eyenqatshelwe wumthetho walelizwe.

uWilford Woodruff

UMongameli weBandla likaJesu Kristu
labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

UMongameli uLorenzo Snow wabeka lokhu okulandelayo:

“Ngiphakamisa ukuthi, ngokuba semukela uWilford Woodruff njengoMongameli weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, futhi nokuyiyona yodwa indoda emhlabeni kulesi sikhathi samanje onezikhiye zezimiso zokubopha, simthatha njengogunyazwe ngokugcwele ngenxa yesikhundla sakhe ukukhipha lesi siMemezelo esesifundiwe ukuze sizwe, futhi nesosuku lomhlaka 24, Septemba, 1890, futhi nokuthi njengeBandla kuloMhlangano oMkhulu ohlangene, siyasemukela isimemezelo ngokuphathelene nemishado yesithembu njengesisemthethweni nesibophayo.”

ESalt Lake City, e-Utah, ngomhlaka 6 Oktoba 1890.

Amazwi athathwe eziNkulumweni ezinTathu ezenziwa ngu
Mongameli UWilford Woodruff
Ngokuphathelene nalesi siMemezelo.

INkosi ngeke ingivumele mina noma iyiphi enye indoda eme njengoMongameli waleliBandla ukuba inihole ngokwedusa. Akukho ohlelweni. Akukho emqondweni kaNkulunkulu. Uma bengingakuzama lokho, iNkosi ibizongisusa endaweni yami, futhi izokwenza kanjalo kunoma iyiphi enye indoda ezama ukuhola yeduse abantwana babantu basuke ezambulweni zikaNkulunkulu futhi basuke nasemsebenzini wabo. (EMhlanganweni oMkhulu weNgxenye wonyaka wamaShumi ayisithupha nanye weBandla, ngoMsombuluko, ngomhlaka 6 Oktoba 1890, eSalt Lake City, e-Utah. Yabikwa kwiDeseret Evening News, yomhlaka 11 Oktoba 1890, ikhasi 2.)

Akusho lutho ukuthi ubani ophilayo noma ubani ofayo, noma ubani obizwe ukuhola leliBandla, kufanele balihole ngokushisekeliswa nguNkulunkulu uMninimandla Onke. Uma bengenzi ngaleyondlela, ngeke bakwenze kwakona. …

Ngibe nezambulo kulesi sikhathi esisanda kudlula, futhi ezibaluleke kakhulu kimi, futhi ngizonitshela ukuthi iNkosi itheni kimi. Ake nicabange ngalokhu okubizwa ngesimemezelo. …

INkosi ingitshele ukuba ngibabuze abaNgcwele beziNsuku zokuGcina umbuzo, futhi ingitshele ukuthi uma bengalalela lokho engakusho kubo futhi baphendule umbuzo obuzwe kubo, ngoMoya nangamandla kaNkulunkulu, bonke bazophendula ngendlela efanayo, futhi bazokholwa bonke ngendlela efanayo ngokuphathelene naloludaba.

Umbuzo yilona: Iyiphi indlela enokuhlakanipha kakhulu okumele abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bayilandele—baqhubeke ukuzama ukwenza umkhuba wokuganwa yisithembu, nemithetho yezwe iphikisana nako nokuphikiswa yizigidi ezingamashumi ayisithupha zabantu, futhi nomphumela wokuthathwa nokulahleka kwawo wonke amaThempeli, futhi nokumiswa kwazo zonke izimiso ezikuwo, zabaphilayo nezabafileyo, futhi nokuboshwa kobuMongameli bokuQala nabayiShumi namBili nezinhloko zemindeni eBandleni, futhi nokuthathwa kwezimpahla zabantu (konke lokhu okungenza abangcwele bawuyeke lomkhuba); noma, emuva kokwenza lokho esikwenzile nokuzwa ubuhlungu balokho esikuzwile ngokubambelela kwethu kulomgomo ukuba siwuyeke lomkhuba futhi sithobele umthetho, futhi ngokwenzenjalo sivumele abaPhrofethi, abaPhostoli nobaba babe semakhaya, ukuze bakwazi ukufundisa abantu futhi benze imisebenzi yeBandla, futhi siphinde sivumele amaThempeli abe sezandleni zabaNgcwele, ukuze bakwazi ukwenza izimiso zeVangeli, zabaphilayo nezabafileyo na?

INkosi ingibonisile ngombono nangesambulo kahle hle ukuthi bekuzokwenzekani uma besingawumisi lomkhuba. Ukuba asiwumisanga, beningeke niwadinge … amadoda kulelithempeli laseLogan; ngokuba zonke izimiso bezizoyekwa kulo lonke izwe laseSiyoni. Ukudideka bekuzobusa kuwo wonke u-Israyeli, futhi amadoda amaningi abezoba yiziboshwa. Lenkathazo ibizokwehlela iBandla lonke, futhi besizophoqeka ukuwumisa lomkhuba. Manje, umbuzo yilona, ngabe kufanele umiswe ngalendlela, noma ngendlela iNkosi esambulele yona, futhi sivumele abaPhrofethi bethu nabaPhostoli nobaba ukuba babe ngamadoda akhululekile, futhi namathempeli esezandleni zabantu, ukuze abafileyo bakhululwe na? Isibalo esikhulu sesikhululiwe endlini yetilongo yilaba bantu ezweni lemimoya, futhi ingabe umsebenzi uzoqhubeka noma uzoma na? Yilona umbuzo engiwubeka phambi kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Kufanele nizinqumele nina. Ngifuna niziphendulele nina lombuzo. Ngeke ngiwuphendule; kodwa ngithi kini yiso kanye lesisimo thina njengabantu ebesizokuba kuso ukuba asiyithathanga lendlela esiyithathile.

… Ngabona kahle hle ukuthi bekuzokwenzekani ukuba bekungenziwanga lutho. Sengibenawo lomoya kimi isikhathi eside. Kodwa ngifuna ukukusho lokhu: Bengizodedela amathempeli wonke aphume ezandleni zethu; bengizoya etilongweni mina uqobo, futhi nawo wonke amadoda abezoya lapho, ukuba uNkulunkulu wasezulwini ubengangiyalanga ukuba ngenze lokho engikwenzile; futhi kuthe uma sekufika ihora lapho ngiyalwe khona ukuba ngikwenze lokho kube sobala konke kimi. Ngaya phambi kweNkosi, futhi ngabhala lokho iNkosi engitshele ukuba ngikubhale. …

Nginishiya nalokhu, ukuze nizindle ngakho futhi nikucabange. INkosi isebenza ngathi. (UMhlangano wesiFunda saseCache, eLogan, e-Utah, ngosuku lwangeSonto ngomhlaka 1 Novemba 1891. Kwakubikwe kwiDeseret Weekly onke, ngomhlaka 14 Novemba 1891.)

Manje sengizonitshela okwembulwa kimi futhi nokwenziwa yiNdodana kaNkulunkulu kulento … Zonke lezi zinto bezizokwenzeka, njengoba uNkulunkulu uMninimandla onke ephila, ukuba leso siMemezelo asinikwanga. Ngakho-ke, iNdodana kaNkulunkulu ifise ukuba leyonto yethulwe eBandleni futhi nasemhlabeni ukuze ifeze izinhloso ezisemqondweni wayo. INkosi ibisikumemezelile ukumiswa kweSiyoni. Ibisikumemezelile ukuba kuqedelwe leli thempeli. Ubesekumemezelile ukuthi insindiso yabaphilayo nabafileyo kufanele inikwe kulezizigodi zezintaba. Futhi UNkulunkulu uMninimandla onke ukumemezelile ukuthi uDeveli akufanele akuvimbele lokho. Uma ningakuqonda lokho, lokho kuyisikhiye sezizathu zokunikwa kwalesi siMemezelo. (Kuthathwe enkulumweni yokwahlukaniselwa kwesithupha kweThempeli laseSalt Lake, ngo-Epreli 1893. Umbhalo olotshwe ngomshini wemiSebenzi yokwaHlukanisela, eNdlini yemiLando, kuMnyango wezemiLando yeBandla, eSalt Lake City, e-Utah.)