ImiBhalo eNgcwele
Isandulelo


Isandulelo

IMfundiso neziVumelwano yinhlanganisela yezambulo zikaNkulunkulu nezimemezelo ezenziwe ngokuholwa ngumoya ezanikwa ukuze kumiswe futhi kulawulwe umbuso kaNkulunkulu emhlabeni ngezinsuku zokugcina. Nakuba izigaba eziningi ziqondiswe kumalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, imiyalezo, izexwayiso, neziyalo zenziwe ukuze kuzuze bonke abantu futhi ziqukethe isimemo esibhekiswe kubantu bonke yonke indawo ukuthi bezwe izwi leNkosi uJesu Kristu, ekhuluma nabo ukuze kufezwe inhlalakahle yabo emhlabeni futhi nensindiso yabo yaphakade.

Iningi lezambulo kulenhlanganisela zatholakala ngoJoseph Smith omNcane, umPhrofethi nomongameli wokuqala weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ezinye zazikhishwe ngabanye abamlandela kubuMongameli (bheka izihloko ze Mf&V 135, 136, no 138, namaZwi aGunyaziwe 1 no 2).

Incwadi yeMfundiso neziVumelwano ingenye yemisebenzi ebhaliweyo eyamukelekile yeBandla ehambisana neBhayibheli eliNgcwele, INcwadi kaMormoni, kanye neGugu LeNani eliKhulu. Kodwa, iMfundiso neziVumelwano ihlukile ngoba ayikona ukuhunyushwa kombhalo wakudala, kodwa ingeyesikhathi samanje futhi yanikwa nguNkulunkulu ngabaphrofethi Bakhe abakhethiweyo ukuze kubuyiselwe umsebenzi Wakhe ongcwele nokumiswa kombuso kaNkulunkulu emhlabeni kulezi zinsuku. Kulezi zambulo, umuntu uzwa izwi elizothileyo kodwa eliqinisekileyo leNkosi uJesu Kristu, ekhuluma kabusha kulo uhlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi; futhi umsebenzi oqaliweyo lapha ulungiselela ukuZa Kwakhe kwesiBili, ukuze kugcwaliseke futhi kuhambisane nawo wonke amagama abo bonke abaphrofethi abangcwele kusuka ekuqaleni komhlaba.

UJoseph Smith omNcane wazalwa ngomhlaka 23 Disemba 1805, eSharon, kwisiFunda iWindsor, eVermont. Ngesikhathi esemncane, wahamba nomndeni wakhe waya endaweni manje esibizwa ngeManchester, ngasentshonalanga yeNew York. Kwakungesikhathi ehlala lapho ngentwasahlobo ka1820, ngesikhathi eseneminyaka eyishumi nane ubudala, lapho abona khona umbono wakhe wokuqala, kuwo avakashelwa nguNkulunkulu, uBaba waPhakade uqobo, neNdodana Yakhe uJesu Kristu. Watshelwa kulombono ukuthi iBandla leqiniso likaJesu Kristu elalimiswe ngezikhathi zeTestamente eliSha, futhi elaliphethe ukuphelela kwevangeli, lalingasekho emhlabeni. Ezinye izambulo zikaNkulunkulu zalandela kuzo afundiswa yizingelosi eziningi; watshengiswa ukuthi uNkulunkulu wayenomsebenzi okhethekileyo ayefuna awenze emhlabeni futhi nokuthi iBandla likaJesu Kristu laliyobuyiselwa ngaye emhlabeni.

Ngokuhamba kwesikhathi, uJoseph Smith wakwazi ngosizo lukaNkulunkulu ukuhumusha futhi akhiphe iNcwadi kaMormoni. Ngaleso sikhathi yena no-Oliver Cowdery bagcotshelwa kubuPhristi buka-Aroni nguJohani umBhabhadisi ngoMeyi 1829 (bheka Mf&V 13), futhi masinyane emva kwalokho bagcotshelwa kubuPhristi bukaMelkisedeki ngabaPhostoli bakudala uPetru, uJakobe, kanye noJohane (bheka Mf&V 27:12). Okunye ukugcotshwa kwalandela kukho okwanikwa izikhiye zobuphristi nguMose, u-Eliya, u-Eliyasi, kanye nabaningi abaphrofethi bakudala (bheka Mf&V 110; 128:18, 21). Loku kugcotshwa, eqinisweni, kwakungukubuyiselwa kwegunya likaNkulunkulu kumuntu emhlabeni. Ngomhlaka 6 Epreli 1830, ngokuyalelwa kwasezulwini, umPhrofethi uJoseph Smith walimisa iBandla, futhi ngaleyo ndlela iBandla leqiniso likaJesu Kristu laphinda futhi lasebenza njengebandla phakathi kwabantu, elinegunya lokufundisa ivangeli nokuphatha izimiso zensindiso. (Bheka Mf&V 20 kanye neGugu leNani eliKhulu, Joseph Smith—uMlando 1.)

Lezi zambulo ezingcwele zatholakala kuphendulwa umkhuleko, ngezikhathi zokudinga, futhi ziphuma ezimweni zempilo ezenzeka ngempela lapho okwakukhona khona abantu bangempela. UmPhrofethi nalabo ayehlangene nabo bafuna ukuholwa nguNkulunkulu, futhi lezi zambulo ziqinisa ukuthi bakuthola. Kulezi zambulo, umuntu ubona ukubuyiselwa nokwambulwa kwevangeli likaJesu Kristu nokungeniswa kohlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi. Ukufudukela ngasentshonalanga kweBandla lisuka eNew York nasePennsylvania liya e-Ohio, liya eMissouri, liya e-Illinois, futhi ekugcineni liya kwisiGodi esiKhulu sasentshonalanga neMelika nemishikashika emikhulu yabaNgcwele ekuzameni ukwakha iSiyoni emhlabeni kulezizikhathi zamanje kuyatshengiswa futhi kulezi zambulo.

Eziningi izigaba zokuqala zinezindaba eziphathelene nokuhunyushwa nokhishwa kweNcwadi kaMormoni (bheka izigaba 3, 5, 10, 17, kanye no 19). Ezinye izigaba zakamuva zikhombisa umsebenzi womPhrofethi uJoseph Smith wokuhunyushwa kweBhayibheli ngokuholwa ngumoya, lapho okwatholakala khona izigaba eziningi ezikhuluma ngemfundiso ebalulekile (isibonelo, bheka, izigaba 37, 45, 73, 76, 77, 86, 91, kanye no 132, zonke eziphathelene nokuhunyushwa kweBhayibheli).

Kulezi zambulo, izimfundiso zevangeli zibekwa obala nezincazelo ngamaqiniso asemqoka njengesimilo sobuNkulunkulu, imvelaphi yomuntu, ubukhona bukaSathane, inhloso yempilo yasemhlabeni, ukubaluleka kokulalela, ukudingeka kokuphenduka, ukusebenza kukaMoya oNgcwele, izimiso nokwenziwayo okuphathelene nensindiso, lokho umhlaba odalelwe kona, izimo ezizayo zomuntu emva koVuko nokwaHlulelwa, ukungapheli kobudlelwano bomshado, nokungapheli kobudlelwano bomndeni. Kanjalo-ke, nokwembulwa kancane kohlelo lwabaphetheyo lweBandla kuyatshengiswa ngokubizwa kwababhishobhi, ubuMongameli bokuQala, umKhandlu wabayiShumi namBili, nabangamaShumi ayisiKhombisa nokumiswa kwabanye abaphathi-zikhundla abengameleyo nemigwamanda. Okokugcina, ubufakazi obunikeziwe bukaJesu Kristu—ubunkulunkulu Bakhe, ubukhulu Bakhe, ukulunga Kwakhe, uthando Lwakhe, namandla Akhe akhululayo—kwenza lencwadi ibe yigugu elikhulu kubantu bonke futhi “ibaluleke kakhulu eBandleni njenge ngcebo yoMhlaba wonke” (bheka isihloko kwi Mf&V 70).

Lezi zambulo ekuqaleni zabhalwa ngomabhalane ba Joseph Smith, futhi amalungu eBandla ayabelana ngogqozi ngama khophi ezambulo ayebhalwe ngesandla. Ukuze kwenziwe umbhalo owawuzo hlezi ukhona, omabhalane masinyane bazibhala lezi zambulo ezincwadini ezaziqukethe imibhalo elotshwe ngesandla, abaholi beBandla ababezi sebenzisa ukulungiselela izambulo ukuthi zigaywe. UJoseph Smith kanye nabaNgcwele bokuqala lezi zambulo babezithatha ngendlela efanayo naleyo ababethatha ngayo iBandla: zaziphila, zishintsha shintsha, futhi zazisazo thola okunye ukukhanya ngezambulo ezilandelayo. Babekubona futhi ukuthi kwakungenzeka ukuthi kwakukhona amaphutha ayenzeke ngokwakungeyona inhloso ngesikhathi kubhalwa izambulo futhi nangesikhathi sezilungiselelwa ukuthi zikhishwe. Ngenxa yalokho, eMhlanganweni omkhulu weBandla uJoseph Smith wacelwa ngonyaka ka 1831 ukuthi “awalungise lawo maphutha ayengawathola ngo Moya oNgcwele.”

Emva kokuthi lezi zambulo sezibuyekeziwe futhi namaphutha alungiswa, amalungu eBandla aqala ukugaya incwadi abayibiza ngokuthi yi A Book of Commandments for the Government of the Church of Christ (INcwadi yemiYalelo yokuPhathwa kweBandla lika Kristu), eyayiqukethe izambulo eziningi zokuqala zomPhrofethi. Kodwa lomzamo wokuqala wokukhipha lezi zambulo awuphumelelanga ngenxa yokuthi iqulu labantu lalibhubhisa ihhovisi labaNgcwele lokugaya elalisesi Fundeni iJackson ngomhlaka 20 Julayi, 1833.

Emva kokuzwa ngokubhujiswa kwehhovisi lokugaya elalise Missouri, uJoseph Smith kanye nabanye abaholi beBandla baqala ukwenza amalungiselelo okukhipha lezi zambulo eKirtland, e-Ohio. Ukuze alungise amanye amaphutha, acacise kahle okubhaliweyo, nokuthi akwazise ukukhula kwemfundiso yeBandla nokuhleleka kwalo, uJoseph Smith wengamela ukulungiswa kwemibhalo yezinye zezambulo ukulungiselela ukuba zikhishwe ngonyaka ka 1835 njenge Doctrine and Covenants of the Church of the Latter Day Saints (IMfundiso neziVumelwano zeBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina). UJoseph Smith wagunyaza ukuthi kukhishwe enye futhi incwadi yeMfundiso neziVumelwano, eyakhishwa emva kwezinyangana emva kokufel’ ukholo kukamPhrofethi ngo 1844.

AbaNgcwele bezinsuku zokuGcina bokuqala babe zazisa lezi zambulo futhi babezi thatha njengemi yalezo evela kuNkulunkulu. Ngolunye usuku unyaka ka 1831 usuya ngasema phethelweni, amagosa ambalwa eBandla afakaza ngesizotha ukuthi iNkosi yayifakazile kubo ngobu qiniso balezi zambulo. Lobu bufakazi bakhishwa kwenye incwadi yeMfundiso neziVumelwano yango nyaka ka 1835 njengobu fakazi baba Phostoli abayiShumi namBili:

UbuFakazi
babaPhostoli abayiShumi namBili ngobuQiniso
beNcwadi yeMfundiso neziVumelwano

UBufakazi boFakazi abazibonela ngokuphathelene neNcwadi yeMiyalelo yeNkosi, eyayinika iBandla Layo ngoJoseph Smith, omNcane, owakhethelwa lenhloso ngezwi leBandla:

Ngakho-ke, sizwa sithanda ukufakaza emhlabeni wonke, kukho konke okudaliweyo ebusweni bomhlaba, ukuthi iNkosi isinikile ubufakazi, ngoMoya oNgcwele esiphiwe wona, ukuthi lemiyalelo yanikwa ngentshisekelo kaNkulunkulu, futhi bonke abantu bangazuza kuyo futhi iyiqiniso ngempela.

Sinika lobu bufakazi emhlabeni, iNkosi ingumsizi wethu; futhi kungomusa kaNkulunkulu uBaba, neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, ukuthi sivunyelwe ukuba nalelilungelo lokunika lobu bufakazi emhlabeni, esijabula kakhulu ngalo, sikhuleka eNkosini njalo ukuthi sengathi abantwana babantu bangazuza ngabo.

Amagama abayiShumi naMbili yilawa:

  • uThomas B. Marsh

  • uDavid W. Patten

  • uBrigham Young

  • uHeber C. Kimball

  • u-Orson Hyde

  • uWilliam E. McLellin

  • uParley P. Pratt

  • uLuke S. Johnson

  • uWilliam Smith

  • u-Orson Pratt

  • uJohn F. Boynton

  • uLyman E. Johnson

Kwezinye izincwadi zeMfundiso neziVumelwano ezabuya zakhishwa kamuva, kwabuye kwengezwa ezinye izambulo nezinye izindaba ezibalulekile, njengoba zazitholakala futhi zemukelwa yimihlangano yeBandla. Encwadini eyakhishwa ngonyaka ka 1876, eyalungiswa yiGosa u-Orson Pratt ngokuyalelwa ngu Brigham Young, izambulo zahlelwa ngokulandelana kwezikhathi zezehlakalo ezatholakala kuzo futhi kwabe sekwengezwa izihloko ezazichaza ngomlando wesambulo ngasinye.

Kwaqalwa ngencwadi eyakhishwa ngo1835, ukuthi kufakwe futhi izifundo eziyisikhombisa ezilandelanayo eziphathelene noNkulunkulu nokukholwa; lezi zona zanikwa isihloko esithi Lectures on Faith (IziFundo ngokuKholwa). Lezi zazilungiselwe ukusetshenziswa esiKoleni sabaPhrofethi eKirtland, e-Ohio, kusuka ngo1834 kuya ku1835. Nakuba zazinenzuzo ngokwemfundiso nokufundisa, lezi zifundo azifakwanga encwadini yeMfundiso neziVumelwano eyakhishwa ngo1921 ngoba zazinga tholakalanga noma zazinga nikwanga njengezambulo kulo lonke iBandla.

Encwadini yeMfundiso neziVumelwano eyakhishwa ngonyaka ka 1981, kwengezwa imibhalo emithathu okoku qala emlandweni. Lemibhalo kwakuyizi gaba 137 no 138, ezazichaza ngokuqavileyo okwakumayelana nensindiso yabafileyo; kanye neZwi eliGunyaziwe 2, elalazisa ngokuthi wonke amadoda afanelekile eBandla angagcotshelwa kubu phristi ngaphandle kokunaka ukuthi angawaluphi uhlanga.

Incwadi ngayinye ekhishiwe yeMfundiso neziVumelwano ilungise amaphutha abekhona phambilini futhi yabuye yengeza olunye ulwazi olusha, ikakhulukazi kulezo zingxenye zezihloko zezigaba ezinomlando. Kulencwadi kulethwe ukukhanya maqondana nezinsuku kanye namagama ezindawo kwabuye futhi kwalungiswa neminye imininingwane. Lezi zinguquko zenziwe ngenhloso yokuthi lokho okubhaliweyo kuhambisane nolwazi olusemlandweni okuyilona lona. Okunye okugqamileyo kulencwadi amabalazwe akhombisa lezo zindawo ezibalulekile lapho kwatholakala khona lezi zambulo, ngokunjalo nezithombe ezenziwe ngcono zezindawo zomlando weBandla, izinkomba, izihloko zezigaba, kanye namabal’ engwe alokho okuphakathi esambulweni ngasinye, konke okuhloswe ngakho ukuba kusizakale umfundi ngomyalezo weNkosi onikiwe kuleMfundiso neziVumelwano. Ulwazi olukhona ezihlokweni zezigaba luthathwe kwimiBhalo eLotshwe ngesandla yoMlando weBandla ngokunjalo nakwi History of the Church (UMlando weBandla) (okubizwa ndawonye ezihlokweni zezigaba njengomlando ka Joseph Smith) kanye nakwi Joseph Smith Papers (AmaPhepha ka Joseph Smith).