ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 38


Isigaba 38

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFayette, eNew York, ngomhlaka 2 Januwari 1831. Kwakungesikhathi somhlangano weBandla.

1–6, UKristu wadala zonke izinto; 7–8, Uphakathi kwabaNgcwele Bakhe, abazokumbona maduze; 9–12, Yonke inyama yonakele phambi Kwakhe; 13–22, Ubekele abaNgcwele Bakhe izwe lesethembiso kulesi sikhathi naphakade; 23–27, AbaNgcwele bayalwa ukuba babe munye futhi bazisane njengabantu abakhe ndawonye; 28–29, Izimpi ziyabikezelwa; 30–33, AbaNgcwele kufanele banikwe amandla avela phezulu futhi bahambe baye phakathi kwezizwe zonke; 34–42, IBandla liyalwa ukuba linakekele abampofu nabadingile futhi lifune ingcebo yephakade.

1 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu wenu, ngisho uJesu Kristu, aungiNguye oMkhulu, u-Alfa no-Omega, bisiqalo nesiphetho, lowo owabuka ububanzi bephakade, futhi nalolonke cuquqaba lwamaserafi asezulwini, dngaphambi ekokwenziwa komhlaba;

2 Lowo aowazi zonke izinto, ngokuba bzonke izinto ziphambi kwamehlo ami;

3 Nginguye owakhuluma, futhi umhlaba awenziwa, futhi zonke izinto zeza ngami.

4 Nginguye othathe aiSiyoni ka-Enoke wayiletha esifubeni sami; futhi ngiqinisile, ngithi, ngisho bonke babakholelwe egameni lami, ngokuba nginguKristu, futhi egameni lami, ngenxa yamandla cegazi engilichithile, ngibanxusele phambi kukaBaba.

5 Kodwa bhekani, insalela ayababi ngiyigcine bemaketangweni obumnyama kuze kube cukwahlulelwa kosuku olukhulu, oluzokuza ekupheleni komhlaba;

6 Futhi kanjalo-ke ngizokwenza ababi ukuba bagcinwe, labo abangayikulizwaizwi lami kodwa abaqinisa izinhliziyo zabo, futhi maye, maye, maye, isiphetho sabo.

7 Kodwa bhekani, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini aamehlo ami aphezu kwenu. bNgiphakathi kwenu futhi anikwazi ukungibona;

8 Kodwa usuku luyeza maduze lapho aniyongibona khona, futhi nazi ukuthi nginguye; ngokuba isisitho sobumnyama siyodatshulwa maduze, futhi lowo onga bhlanziwe angeke camelane nalolo suku.

9 Ngalokho-ke, bophani izinkalo zenu futhi nizilungiselele. Bhekani, aumbuso ungowenu, futhi isitha ngeke sinqobe.

10 Ngiqinisile ngithi kini, anihlanzekile, kodwa hhayi nonke; futhi akekho omunye bengithokoza kahle ngaye;

11 Ngokuba yonke ainyama yonakele phambi kwami; futhi namandla bobumnyama ayabusa phezu komhlaba, phakathi kwabantwana babantu, phambi koquqaba lonke lwasezulwini—

12 Okwenza ukuthula kubuse, futhi iphakade lonke alibuhlungu, futhi bnezingelosi zilinde umyalelo omkhulu cwokuvunela phansi umhlaba, ukuqoqela dukhula ukuze elushiwe; futhi, bhekani, isitha sihlangene.

13 Manje nginibonisa imfihlakalo, into ephathwa emagunjini afihlekileyo, ukuletha ngisho aukubhujiswa kwenu ngokuhamba kwesikhathi, futhi beningakwazi;

14 Kodwa manje nginitshela yona, futhi nibusisiwe, hhayi ngenxa yobubi benu, nezinhliziyo zenu zokungakholwa; ngokuba ngiqinisile abanye benu banecala phambi kwami, kodwa ngizoba nesihawu ebuthakathakeni benu.

15 Ngakho-ke, aqinani kusukela manje kuya phambili; bningesabi, ngokuba umbuso ungowenu.

16 Futhi ngenxa yensindiso yenu ngininika umyalelo, ngokuba ngiyizwile imikhuleko yenu, futhi aabampofu bakhalile phambi kwami, futhi babacebileyo ngibadalile, futhi yonke inyama ingeyami, futhi cangibheki ubuso babantu.

17 Futhi ngenze umhlaba unothe, futhi bhekani auyisenabelo sezinyawo zami, ngalokho-ke, ngizophinda futhi ngime kuwo.

18 Futhi ngifisa ukuninika ingcebo enkulu, ngisho izwe lesethembiso, izwe elichichima ubisi noju, lapho kungayikubakhona isiqalekiso uma kuza iNkosi;

19 Futhi ngizoninika lona njengezwe lefa lenu, uma nilifuna ngezinhliziyo zenu zonke.

20 Futhi lesi kuyokuba yisivumelwano sami nani, nizokubanalo njengezwe lefa lenu, anefa labantwana benu ingunaphakade, ngesikhathi umhlaba usamile, futhi niyobanalo futhi naphakade, ngeke lisadlula neze.

21 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini ngokuhamba kwesikhathi anizukuba nankosi nambusi, ngokuba ngiyokuba ayinkosi yenu futhi nginibheke.

22 Ngalokho-ke, yizwani izwi lami futhi aningilandele, futhi niyokuba bngabantu abakhululekileyo, futhi aniyikuba namithetho kodwa niyokuba neyami imithetho uma ngibuya, ngokuba cngingumniki-mthetho wenu, futhi yini engavimba isandla sami na?

23 Kodwa, ngiqinisile ngithi kini, afundisanani ngokwesikhundla enginibeke kuso;

24 Futhi wonke umuntu amakazise umfowabo njengoba ezazisa yena, futhi nenze bukulunga cnobungcwele phambi kwami.

25 Futhi ngiyaphinda ngithi kini, wonke umuntu makazise umfowabo njengoba ezazisa yena.

26 Ngokuba ngumuntu onjani phakathi kwenu othi enamadodana ayishumi nambili, futhi engawabandlululi, nawo emsebenzela ngokumhlonipha, futhi athi kwenye: Gqoka izingubo futhi uhlale lapha; futhi athi kwenye: Wena gqoka izidwedwe bese uhlala laphaya—bese ebuka amadodana akhe athi nginokulunga na?

27 Bhekani, lokhu ngininike kona njengomfanekiso, futhi kunjengoba mina nginjalo. Ngithi kini, yibani amunye; futhi uma ningemunye anibona abami.

28 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini isitha esisemagunjini afihlekileyo sifuna aizimpilo zenu.

29 Nizwa angezimpi emazweni akude, bese nithi kuzoba nezimpi ezinkulu maduze emazweni akude, kodwa anizazi izinhliziyo zabantu ezweni lenu.

30 Nginitshela lezi zinto ngenxa yemikhuleko yenu; ngalokho-ke, angcinani binhlakanipho ezifubeni zenu, hleze ububi babantu bambule lezi zinto kini ngobubi babo, ngendlela ezokhuluma ezindlebeni zenu ngezwi elikhulu kunalelo eliyozamazamisa umhlaba; kodwa uma nizilungiselele ngeke nesabe.

31 Futhi ukuze niphunyule emandleni esitha, futhi niqoqelwe kimi ningabantu abalungileyo, aabangenacashazi nabangasolakaliyo—

32 Ngakholo-ke, ngalesi sizathu ngininike umyalelo wokuthi kufanele niye ae-Ohio; futhi lapho ngizoninika bumthetho wami; futhi lapho cniyonikwa amandla avela phezulu;

33 Futhi kusukela kuleyo ndawo, noma ngubani engifisa ahambe uyo ahamba aye phakathi kwazo zonke izizwe, futhi bayotshelwa ukuthi benzeni; ngokuba nginomsebenzi omkhulu kakhulu obekiweyo, ngokuba u-Israyeli buyosindiswa, futhi ngizoba holela noma kuphi lapho ngithanda khona, futhi akukho mandla cayovimba isandla sami.

34 Manje, nginika ibandla kulezi zingxenye umyalelo, wokuthi abantu abathile phakathi kwabo bazobekwa, futhi bazobekwa angezwi lebandla;

35 Futhi bazobheka abampofu nabadingile, bese bebapha ukuze abakhululeke bangahlupheki; futhi babathumele endaweni engibayalele yona;

36 Futhi lona kuyoba ngumsebenzi wabo, ukuphatha izindaba zempahla yalelibandla.

37 Futhi labo abanamapulazi angadayiseki, mawayekwe noma aqashiswe njengoba kubonakala kukuhle kubo.

38 Bonani ukuthi zonke izinto zigciniwe; futhi uma abantu asebephiwe amandla avela phezulu futhi bethunywa, zonke lezi zinto ziyoqoqwa zibe ngezebandla.

39 Futhi uma nifuna aingcebo okuyintando kaBaba ukuninika yona, niyokuba ngabacebile kunabo bonke abantu, ngokuba niyoba nengcebo yaphakade; futhi kunesidingo sokuthi bingcebo yomhlaba kube yimi engiphanisa ngayo; kodwa qaphelani cukuzikhukhumeza, hleze nibe dnjengamaNefi asemandulo.

40 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, ngininika umyalelo, wokuthi wonke umuntu, igosa, umphristi, umfundisi, ngokunjalo nelungu, makasebenze ngamandla akhe, ngomsebenzi awezandla zakhe, ukulungiselela futhi afeze izinto engiyale ngazo.

41 Futhi aukushumayela kwenu makube yizwi blesexwayiso, wonke umuntu kumakhelwane wakhe, ngomusa nangobumnene.

42 Futhi aphumani phakathi kwababi. Zihlengeni. Hlanzekani nina eniphatha izitsha zeNkosi. Ngisho kanjalo. Amen.