ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 9


Isigaba 9

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829. U-Oliver uyalwa ukuba abekezele futhi uyancengwa ukuba aneliseke wukubhala, okwamanje, lokho okushiwo ngumhumushi, kunokuzama ukuhumusha.

1–6, Eminye imibhalo yakudala isazohunyushwa; 7–14, INcwadi kaMormoni ihunyushwa ngokufunda nangokuthola isiqiniseko ngokomoya.

1 Bheka, ngithi kuwe, ndodana yami, ngokuba awuzange auhumushe njengalokho ucelile kimi, futhi uphinde waqala futhi bukubhalela inceku yami, uJoseph Smith, omNcane, ngisho kanjalo-ke ngifisa ukuba uqhubeke uze uqede lombhalo, engimphathise wona.

2 Futhi emva kwalokho, bheka, angineminye bimibhalo, engizokunika amandla ongawasebenzisela ukulekelela ukuyihumusha.

3 Bekezela, ndodana yami, ngokuba kuwukuhlakanipha kimi, futhi akudingekile ukuthi uhumushe kulesi sikhathi samanje.

4 Bheka, umsebenzi wena obizelwe ukuwenza ukubhalela inceku yami uJoseph.

5 Futhi, bheka, kungenxa yokuthi awuqhubekanga njengoba uqalile, ngesikhathi uqala ukuhumusha, okudale ukuthi ngilithathe leli lungelo kuwe.

6 aUngavungami, ndodana yami, ngokuba kuwukuhlakanipha kimi okudale ngikuphathe ngalendlela.

7 Bheka, awuzange uqondisise; ucabange ukuthi ngizokunika leli lungelo, ekubeni ungazange uzihluphe ngaphandle kokucela kimi.

8 Kodwa, bheka, ngithi kuwe, kufanele auzindle ngakho engqondweni yakho; bese bungibuza ukuthi kulungile yini, futhi uma kulungile ngiyokweza ukuthi cisifuba sakho dsivuthe ngaphakathi kuwe; ngakho-ke, euyozwa ukuthi kulungile.

9 Kodwa uma kungalungile ngeke ube naleyo mizwa, kodwa uyokuba anomqondo ongasebenzi oyokwenza ukukhohlwe lokho okuyinto engalungile; ngakho-ke, ngeke ukwazi ukubhala lokho okungcwele ngaphandle kokuthi unikwe yimi.

10 Manje, ukuba ubukwazile lokhu ngabe auhumushile; nokho, akudingekile ukuthi uhumushe manje.

11 Bheka, bekudingekile ngesikhathi uqala; kodwa ausabile, futhi isikhathi sesidlulile, futhi akusadingekile manje;

12 Ngokuba, awuboni yini ukuthi nginike inceku yami auJoseph amandla anele, akwazile ngawo ukukhokhela isikhathi esilahlekile na? Futhi akekho kini engimlahle ngecala.

13 Yenza lokhu engikuyale ngako, futhi uyophumelela. Thembeka, ungasivumeli asilingo.

14 Yima uqine aemsebenzini bengikubizele kuwo, futhi ngeke kulahleke ngisho nolulodwa unwele ekhanda lakho, futhi cuyophakanyiswa ngosuku lokugcina. Amen.