ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 111


Isigaba 111

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eSalem, eMassachusetts, ngomhlaka 6 Agasti, 1836. Ngalesi sikhathi abaholi beBandla babe sezikweletini kakhulu ngenxa yemisebenzi yabo ebufundisini. Ngokuzwa ukuthi babenokuthola isamba esikhulu semali eSalem, umPhrofethi, uSidney Rigdon, uHyrum Smith, no-Oliver Cowdery baya lapho besuka eKirtland, e-Ohio, ukuyophenya ngalokhu okwakushiwo, futhi nokushumayela ivangeli. Labazalwane benza izinto ezahlukeneyo zomsebenzi weBandla futhi bafeza nokushumayela okuthile. Ngesikhathi kubonakala ukuthi imali yayingezukuza, baphindela eKirtland. Izinto ezithile ezahlukeneyo nezigqamileyo kulesi simo ziyavela emazwini alesi sambulo.

1–5, INkosi inakekela izidingo zasemhlabeni zezinceku Zayo; 6–11, Izoyiphatha ngobubele iSiyoni futhi ihlele zonke izinto ukuze kuzuze izinceku Zayo.

1 Mina, iNkosi uNkulunkulu wenu, angicasukile ngokuthatha kwenu loluhambo, nakuba nenze ubuwula.

2 Nginengcebo eningi yenu ekulelidolobha, ukuze kuzuze iSiyoni, futhi nabantu abaningi abakuleli dolobha, engizobaqoqa ngesikhathi esifanele ukuze kuzuze iSiyoni, ngosizo lwenu.

3 Ngakho-ke, kufanele ukuthi nakhe ubudlelwane nabantu abakuleli dolobha, njengoba niyoholwa, futhi njengoba kuyokwambulwa kini.

4 Futhi kuyokwenzeka ngesikhathi esifanele ukuthi ngizonikela lelidolobha ezandleni zenu, ukuze nibe namandla phezu kwalo, kangangoba ngeke bazi ngezinhloso zenu; futhi ingcebo yalo yegolide nesiliva iyoba ngeyenu.

5 Ningazihluphi angezikweletu zenu, ngokuba ngizoni nika amandla okuzikhokha.

6 Ningazihluphi ngoSiyoni, ngokuba ngizomphatha ngesihawu.

7 Hlalani kulendawo, nasezifundeni ndawo zonke;

8 Futhi indawo lapho okuyintando yami ukuba nihlale khona, kakhulu, izokwaziswa kini angokuthula namandla oMoya wami, oyoza kini.

9 Lendawo ningayithola ngokuyiqasha. Futhi buzani ngokukhuthala ngabantu bakudala nabakhi balelidolobha;

10 Ngokuba kunamagugu amaningi enu kulelidolobha.

11 Ngakho-ke, ahlakaniphani njengezinyoka kodwa futhi ningabi nasono; futhi ngizozihlela zonke izinto ukuze bnizuze, ngokushesha uma nikwazi ukuzemukela. Amen.