ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 123


Isigaba 123

Okufanele kwenziwe ngabaNgcwele ngokuphathelene nalabo ababa hluphayo, njengoba kwabhalwa ngu Joseph Smith umPhrofethi ngesikhathi eyisiboshwa etilongweni laseLiberty, eMissouri. Lesi sigaba siyingxenye ethathwe encwadini ayibhalela iBandla ngosuku langomhlaka 20 Mashi, 1839 (bheka isihloko sesigaba 121).

1–6, AbaNgcwele kufanele baqoqe futhi bakhiphe umbiko ngokuzwa ubuhlungu nokuhlushwa kwabo; 7–10, Umoya ofanayo nalowo owamisa izinkolelo ezingalungile yiwo futhi oholela ekuhlushweni kwabaNgcwele; 11–17, Abaningi phakathi kwazo zonke izinkolo basazolemukela iqiniso.

1 Futhi phezu kwalokho, siphakamisa ukuthi nibheke imfanelo yokuba abangcwele bonke baqoqe ulwazi lwako konke okwenzekayo, futhi nokuzwa ubuhlungu nokuhlushwa ngabantu balesi siFundazwe;

2 Futhi nayo yonke impahla nobungako bomonakalo abawutholile, ngokwesimilo futhi nangokomzimba, kanye nangokwempahla;

3 Futhi kanye namagama abo bonke abantu ababe nesandla ekucindezelweni kwabo, kangangoba bengabathola futhi babafumane.

4 Futhi mhlawumbe ikomiti lingabekwa ukuze lithole lezi zinto, futhi nokuthi lithathe okushiwoyo nokufungelwe; futhi nokuthi liqoqe imibhalo ehlambalazayo esatshalalisiwe;

5 Futhi nayo yonke leyo esemaphephandabeni, nasezincwadini zolwazi olunhlobonhlobo, nayo yonke imilando ehlambalazayo ekhishiwe, futhi nesabhalwa, futhi nokuthi ibhalwa ngobani, futhi liveze lonke uchungechunge lwezehlakalo zalabo abanodeveli futhi nemithwalo emibi neyokubulala eyethweswe labantu—

6 Ukuze singayikhipheli kuphela emhlabeni wonke, kodwa siyibeke phambi kwabaholi bomkhandlu ophetheyo kubo bonke ububi bayo obesabekayo, njengemizamo yokugcina eyalelwe kithi nguBaba wethu oseZulwini, ngaphambi kokuba sikwazi ukucela ngokugcwele nangokupheleleyo leso sethembiso esiyombiza aendaweni yakhe acashe kuyo; futhi ukuze isizwe sonke singabi nazaba ngaphambi kokuba athumele amandla engalo yakhe enamandla.

7 Lokhu ngokufunekayo impela esibopheke ukuba sikwenzele uNkulunkulu, izingelosi, esiyomiswa nazo, futhi nokuthi siwenzele thina, abafazi bethu nabantwana bethu, abenziwe ukuba bathobele usizi, ukudabuka, nezinkathazo, ngaphansi kwesandla esizondeka kakhulu sokubulala, sobudlova, nengcindezelo, esiphaswa futhi nesishoshozelwa futhi nesisekelwa ngumthelela walowo moya owaqinisa izinkolelo zobaba, ababethole amanga, ezinhliziyweni zabantwana, futhi ogcwalise umhlaba ngokudideka, futhi obulokhu ukhula ngamandla, manje osuyisisusa sabo bonke ububi, futhi aumhlaba wonke ububula ngaphansi kwesi sindo sobubi bawo obukhulu.

8 aUyijoka lensimbi, uyisibopho esiqinile; ungozankosi bangempela, namaketango, futhi nezibopho, futhi nezindophi zesihogo.

9 Ngakho-ke lokhu ngofunekayo impela, hhayi kuphela ukuba sikwenzela abafazi nabantwana bethu, kodwa ukuba sikwenzele abafelokazi nezintandane, abayeni babo noyise aababulewe ngaphansi kwesandla sawo sensimbi;

10 Lezo zenzo ezimbi nezokuhlambalaza ezanele ukwenza isihogo uqobo sithuthumele, futhi sihlale sishaqekile futhi siphaphathekile, futhi nezandla zikadeveli uqobo ziqhaqhazele futhi zixegezele ngokungavimbelekiyo.

11 Futhi lokhu ngofunekayo impela esibopheke ukuba sikwenzele isizukulwane esikhulayo, futhi nabo bonke abamsulwa ezinhliziyweni—

12 Ngokuba basebaningi namanje emhlabeni phakathi kwazo zonke izinkolo, amaqembu, namabandla, aabavaleke amehlo ngobuqili babantu, obunamacebo okudukisa, futhi abavimbelekile ukuthola iqiniso ngokuba bbengazi ukuthi bazolithola kuphi—

13 Ngakho-ke, kufanele senze konke okusemandleni ukuveza zonke aizinto ezifihliweyo zobumnyama, ngangokuzazi kwethu; futhi ziyabonakaliswa ngempela kusuka ezulwini—

14 Ngakho-ke lokhu kufanele kwenziwe ngenkulu inkuthalo.

15 Makungabi biko muntu othatha lokhu njengezinto ezingabalulekile; ngokuba kuningi okukhona esikhathini esizayo, ngokuphathelene nabangcwele, okuncike kulezi zinto.

16 Niyazi, bafowethu, ukuthi umkhumbi omkhulu ausizwa kakhulu yiphini elincinyana ngesikhathi sesiphepho, ngokuthi ugcinwe uqhutshwa ngumoya namagagasi.

17 Ngakho-ke, bafowethu abathandeka kakhulu, masenze zonke izinto esinamandla okuzenza angenjabulo; futhi emva kwalokho singama sithule, ngesikhulu isiqiniseko, ukuze sibona binsindiso kaNkulunkulu, futhi nokuba ingalo yakhe yambulwe.