ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 65


Isigaba 65

Isambulo esimayelana nomkhuleko esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 30 Oktoba, 1831.

1–2, Izikhiye zombuso kaNkulunkulu zibekwa kubantu emhlabeni, futhi nokuhamba kwevangeli kuzophumelela; 3–6, Umbuso wasezulwini weminyaka eyinkulungwane uzofika uhlangane nombuso kaNkulunkulu osemhlabeni.

1 Lalelani, futhi bheka, izwi okungelalowo othunywe esuka phezulu, omkhulu nonamandla, ohamba ukuya emkhawulweni womhlaba, yebo, ozwi lakhe liya kubantu—aLungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.

2 aIzikhiye bzombuso kaNkulunkulu zibekwa kubantu abasemhlabeni, futhi ukusula lapho ivangeli lizoginqika njalo kuze kube sekupheleni komhlaba, cnjengetshe elaqheshulwa entabeni kungengazandla liyoginqika njalo, lize dligcwalise umhlaba wonke.

3 Yebo, izwi elikhalayo—Lungisani indlela yeNkosi, lungisani aisidlo seMvana, lindelani buMyeni.

4 Khulekani eNkosini, memezani igama lakhe elingcwele, yazisani imisebenzi yakhe ebabazekayo phakhathi kwabantu.

5 Bizani iNkosi, ukuze umbuso wayo uqhubekele phambili emhlabeni, ukuze abantu abakuwo bawemukele, futhi balungiselele izinsuku ezizofika, lapho iNdodana yoMuntu aiyoza phansi isuka ezulwini, byembethe ukukhanya ckwenkazimulo yayo, ukuzohlangana dnombuso kaNkulunkulu omiswe emhlabeni.

6 Ngalokho-ke, sengathi aumbuso kaNkulunkulu ungaqhubeka, ukuze bumbuso wasezulwini ufike, ukuze wena, O Nkulunkulu, ukhazimuliswe ezulwini nasemhlabeni, ukuze izitha zakho zinqotshwe; ngokuba colwakho udumo, namandla nenkazimulo, phakade naphakade. Amen.