ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 106


Isigaba 106

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 25 Novemba, 1834. Lesi sambulo siqondiswe kuWarren A. Cowdery, umfowabo omdala ka-Oliver Cowdery.

1–3, UWarren A. Cowdery ubizwa ukuba aphathe isikhundla sokwengamela salapho ehlala khona; 4–5, UkuZa kwesiBili ngeke kubafice abantwana bokukhanya njengesela; 6–8, Zinkulu izibusiso ezilandela ukusebenza ngokwethembeka eBandleni.

1 Kuyintando yami ukuba inceku yami uWarren A. Cowdery abekwe futhi agcotshwe abe ngumphristi omkhulu owengamele ebandleni lami, ezweni lase aFreedom nasezifundeni eziseduze;

2 Futhi kufanele ashumayele ivangeli lami laphakade, futhi aphakamise izwi lakhe futhi axwayise abantu, hhayi kuphela endaweni yakhe, kodwa ezifundeni eziseduze;

3 Futhi anikele ngesikhathi sonke sakhe kulolubizo oluphezulu nolungcwele, engilunika yena manje, aefuna ngokukhuthala bumbuso wasezulwini nokulunga kwawo, futhi zonke izinto ezidingekayo ziyokwengezwa kulokho; ngokuba cisisebenzi sifanelwe yinkokhelo yaso.

4 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, aukuza kweNkosi bkuyasondela eduze, futhi kufica umhlaba cnjengesela ebusuku—

5 Ngakho-ke, bophani izinkalo zenu, ukuze nibe abantwana abokukhanya, futhi lolo suku ngeke blunifice njengesela.

6 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kwabakhona injabulo ezulwini ngesikhathi inceku yami uWarren ekhothamela intonga yami, futhi ezihlukanisa nobuqili babantu;

7 Ngakho-ke, ibusisiwe inceku yami uWarren, ngokuba ngizoba nomusa kuye; futhi, nakuba aenobuze enhliziyweni yakhe, ngizomuphakamisa kangangoba ezozithoba phambi kwami.

8 Futhi ngizomunika aumusa nesiqiniseko angama ngaso; futhi uma eqhubeka eba ngufakazi owethembekile nokukhanya ebandleni ngimlungisele umqhele bezindlini zikaBaba. Ngisho kanjalo. Amen.