ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 32


Isigaba 32

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuParley P. Pratt nakuZiba Peterson, eManchester, eNew York, ekuqaleni kuka Oktoba ngonyaka ka 1830. Kwabakhona intshisekelo nokulangazelela okukhulu kumagosa mayelana namaLamani, izibusiso zawo ezaziphrofethiwe iBandla elalifunde ngazo eNcwadini kaMormoni. Ngenxa yalokho, kwakhulekwa kucelwa iNkosi yazise ngentando Yayo ekutheni amagosa angathunyelwa yini ngaleso sikhathi kwizizwana zamaNdiya eNtshonalalanga. Lesi sambulo salandela.

1–3, UParley P. Pratt noZiba Peterson babizelwa ukuyoshumayeza amaLamani nokuthi bahambe no-Oliver Cowdery kanye noPeter Whitmer omNcane; 4–5, Kufanele bakhulekele ukuyiqonda imibhalo engcwele.

1 Manje mayelana nenceku yami auParley P. Pratt, bheka, ngithi kuye njengoba ngiphila ngifisa ashumayele ivangeli lami futhi bafunde kimi, abemnene futhi athobeke ngenhliziyo.

2 Futhi lokho engimnike khona wukuthi auzohamba nezinceku zami, u-Oliver Cowdery noPeter Whitmer, omNcane, aye ehlane phakathi kwa bmaLamani.

3 Futhi no aZiba Peterson naye uzohamba nabo; futhi nami uqobo lwami ngizohamba nabo ngibe bphakathi kwabo; futhi cngingummeli wabo kuBaba, futhi akukho okuyobanqoba.

4 Futhi abazolalela lokho okulotshiwe, bangazenzi abanesinye bisambulo; futhi bayokhuleka njalo ukuze cngibambulele lokho ukuze dbaqonde.

5 Futhi bayowalalela lamazwi bangawenzi ubala, futhi ngizobabusisa. Amen.