ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 44


Isigaba 44

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eKirtland, e-Ohio, ngasekupheleni kukaFebruwari 1831. Ngokuvumelana nalokho okudingekayo okubekwe lapha, iBandla laqoka ukubamba umhlangano ngasekuqaleni kwenyanga kaJuni eyayilandela.

1–3, Amagosa kufanele abuthane emhlanganweni; 4–6, Kufanele bahlele ngokwemithetho yezwe futhi banakekele abampofu.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi kini zinceku zami, kufanele kimi ukuthi amagosa ebandla lami abizelwe ndawonye, kusuka empumalanga nasentshonalanga, nasenyakatho naseningizimu, ngencwadi noma ngenye indlela.

2 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi kangangoba bethembekile, futhi besebenzisa ukukholwa kimi, ngiyothulula auMoya wami kubo ngosuku abayobuthana ngalo ndawonye.

3 Futhi kuyokwenzeka ukuthi bayohamba baye ezifundeni eziseduze, futhi abashumayele ukuphenduka kubantu.

4 Futhi abaningi abayophendulwa, kangangoba niyothola amandla okuzihlela bngokwemithetho yabantu;

5 Ukuze aizitha zenu zingabi namandla phezu kwenu; ukuze nigcinwe ezintweni zonke; ukuze ninikwe amandla okugcina imithetho yami; ukuze bonke ubudlelwano buphulwe okungabo isitha sifuna ukubhubhisa abantu bami.

6 Bhekani, ngithi kini, kumele anivakashele abampofu, nabantulayo futhi nibaphe ukuze bakhululeke, ukuze bagcinwe kuze kwenziwe zonke izinto ngomthetho wami eniwufumene. Amen.