ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 102


Isigaba 102

Amaminithi okuhlelwa komkhandlu omkhulu wokuqala weBandla, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 17 Februwari, 1834. Amaminithi okuqala abhalwa ngamaGosa u-Oliver Cowdery no-Orson Hyde. UmPhrofethi wabe esewa buyekeza lama minithi ngosuku olulandelayo, okwathi ngalo lolosuku ase emukelwa ngokuvumelana ngumkhandlu omkhulu njenge “nqubo nesisekelo somkhandlu omkhulu” weBandla. Amavesi u 30 kuya ku 32, ayephathelene nomKhandlu wabaPhostoli abayiShumi namBili, engezwa ngonyaka ka 1835 ngokuyalela kuka Joseph Smith ngesikhathi lesi sigaba silungiselelwa ukuthi sikhishwe encwadini yeMfundiso neziVumelwano.

1–8, Umkhandlu omkhulu uyabekwa ukuze uxazulule ubunzima obubalulekile obuvela eBandleni; 9–18, Izinqubo zokuthetha amacala ziyanikwa; 19–23, Umongameli womkhandlu ukhipha isinqumo; 24–34, Inqubo yokudlulisa amacala ibekwa obala.

1 Ngalolu suku umkhandlu wabo bonke abaphristi abakhulu abangamashumi amabili-nane wahlangana emzini kaJoseph Smith, omNcane, ngesambulo, futhi baqhubeka nokuhlela aumkhandlu omkhulu webandla likaKristu, owawuzokwakhiwa ngabaphristi abakhulu abayishumi nambili, noyedwa noma abathathu omongameli njengoba kudingekile.

2 Umkhandlu omkhulu wabekwa ngesambulo ukuze uxazulule izinkinga ezibalulekile ezazingavela ebandleni, ezazingeke zixazululwe yibandla noma awumkhandlu kambhishobhi kuze kuneliseke abathintekayo.

3 UJoseph Smith, omNcane, uSidney Rigdon noFrederick G. Williams bavunywa njengomongameli ngezwi lomkhandlu; futhi uJoseph Smith, oMdala, uJohn Smith, uJoseph Coe, uJohn Johnson, uMartin Harris, uJohn S. Carter, uJared Carter, u-Oliver Cowdery, uSamuel H. Smith, u-Orson Hyde, uSylvester Smith, noLuke Johnson, abaphristi abakhulu, bakhethwa ukuba babe ngumkhandlu ozohlale ukhona webandla, ngezwi lawo wonke umkhandlu.

4 Lamalunga omkhandlu abalulwe ngenhla abe esebuzwa ukuthi ayakwamukela ukubekwa kwawo na, futhi nokuthi azosebenza kuleso sikhundla ngokomthetho wasezulwini na, kulokho bonke baphendula ukuthi bayakwamukela ukubekwa kwabo, futhi nokuthi bayogcwalisa izikhundla zabo ngokomusa kaNkulunkulu abaphiwe wona.

5 Inani elalakhe umkhandlu, elavota egameni lebandla futhi lavotela ibandla ngokubeka lamalunga omkhandlu abalulwe ngenhla lalingamashumi amane nantathu, okwakuyilaba: abaphristi abakhulu abayisishiyagalolunye, amagosa alishumi nesikhombisa, abaphristi abane, namalungu alishumi nantathu.

6 Kwavotelwa ukuthi: umkhandlu omkhulu awukwazi ukuba namandla okwenza izinto ngaphandle kwamalunga omkhandlu ayisikhombisa ababalulwe ngenhla, noma kubekhona abalandelayo ababekwe ngokujwayelekile.

7 Laba abayisikhombisa bayoba namandla okubeka abanye abaphristi abakhulu, abangababona befanelekile futhi nabangakwazi ukusebenza endaweni yalawo malungu omkhandlu angekho.

8 Kwavotelwa ukuthi: noma nini uma kuvela noma yisiphi isikhala ngokufa, ukususwa esikhundleni ngenxa yesiphambeko, noma ukususwa emikhawulweni yokuphathwa kwalelibandla, kwanoma yimuphi wamalunga omkhandlu kulaba aba balulwe ngenhla, siyogcwaliswa ngokubekwa okwenziwa ngumongameli noma omongameli, futhi kuvunyelwe ngezwi lomkhandlu wabo bonke abaphristi abakhulu, ohlangene ngaleso sizathu, ukwenza izinto egameni lebandla.

9 Umongameli webandla, futhi ongumongameli womkhandlu, ubekwa angesambulo, futhi bavunywe ekuphatheni kwakhe ngezwi lebandla.

10 Futhi kungokwesithunzi sesikhundla sakhe ukuba engamele lomkhandlu webandla; futhi kuyilungelo lakhe ukulekelelwa ngabanye ababili omongameli, ababekwe ngendlela efana naleyo naye uqobo abekwa ngayo.

11 Futhi uma kwenzeka kubakhona ongekho oyedwa noma bobabili kwababekiwe ukumusiza, unamandla okwengamela umkhandlu ngaphandle komsizi; futhi uma kwenzeka yena uqobo engekho, laba abanye omongameli banamandla okwengamela esikhundleni sakhe, bobabili noma yimuphi oyedwa kubona.

12 Noma inini umkhandlu omkhulu webandla likaKristu uhlelwa ngokwejwayelekile, ngokwalesi sifaniso esichaziwe, kuyokuba wumsebenzi wamalunga omkhandlu alishumi nambili ukwenza inkatho ngezinombolo, futhi ngalokho kutholakale ukuthi ngubani kulaba abayishumi nambili ozokhuluma kuqala, kuqala ngenombolo yokuqala kanjalo ngokulandelana kuze kube olandelayo wenombolo yeshumi nambili.

13 Noma inini uma lomkhandlu uhlangana ukubheka nanoma yiluphi udaba, laba abalishumi nambili bamalungu omkhandlu bayobheka ukuthi yicala elibukhuni noma cha; uma lingebukhuni, ababili kuphela bamalungu omkhandlu bayokhuluma kulo, ngokwale ndlela ebhalwe ngenhla.

14 Kodwa uma kucatshangwe ukuthi libukhuni, kuyobekwa abane; futhi uma libukhuni kakhulu, abayisithupha; kodwa akuyikwenzeka ukuthi abangaphezulu kwesithupha babekwe ukuba bakhulume.

15 Othweswe icala, zikhathi zonke, unelungelo lengxenye eyodwa yomkhandlu, ukuvimbela ukudelelwa noma okungekona ukulunga.

16 Futhi amalungu omkhandlu abekwe ukuba akhulume phambi komkhandlu kufanele ethule udaba, emuva kokucwaninga ubufakazi, njengoba bunjalo phambi komkhandlu; futhi wonke umuntu kufanele akhulume ngobuqotho nango akulunga.

17 Lawo malungu omkhandlu acoshe izinombolo ezingahlukaniseka ngesibili, ezingo, 2, 4, 6, 8, 10, kanye no 12, yiwo okufanele amele othweswe icala, futhi bavikele ukudelelwa nokungekona ukulunga.

18 Ngazo zonke izikhathi ummangali nobekwe icala bayoba nelungelo lokuzikhulumela phambi komkhandlu, emuva kokuba ubufakazi sebulaleliwe namalungu omkhandlu abekiwe ukuba akhulume ecaleni esekuqedile ukuphawula kwawo.

19 Emuva kokuba ubufakazi sebulaleliwe, abeluleki, ummangali nobekwe icala sebekhulumile, umongameli uyonikeza isinqumo ngokuliqonda kwakhe icala, futhi acele amalungu omkhandlu wabayishumi nambili ukuba avumele okufanayo ngevoti lawo.

20 Kodwa uma amalungu omkhandlu asele, angazange akhulume, noma yimuphi wabo, emuva kokulalelwa kobufakazi kanye nezicelo ngokungakhethi, ethole iphutha ngesinqumo sikamongameli, angakuveza lokho, futhi icala liyophinda lilalelwe.

21 Futhi uma, emuva kokuphinda lilalelwe ngokucophelela, kuvezwa noma yiluphi olunye ulwazi olwengeziwe ecaleni, isinqumo siyoshintshwa njengoba kufanele.

22 Kodwa uma lungekho olunye ulwazi olwengeziwe olunikiwe, isinqumo sokuqala siyoma, iningi lomkhandlu linamandla okunquma okufanayo.

23 Uma kunobunzima ngokwe amfundiso noma umgomo, uma kungekho okwanele okubhaliwe ukwenza icala licace emiqondweni yabomkhandlu, umongameli angabuza futhi athole intando yeNkosi nge bsambulo.

24 Abaphristi abakhulu, uma bekude, banamandla okubiza futhi bahlele umkhandlu ngendlela esishiwo ngenhla, ukuxazulula ubunzima, uma abathintekayo noma oyodwa wabo ekucela loko.

25 Futhi lomkhandlu oshiwo wabaphristi abakhulu uyoba namandla okubeka oyedwa wabo ukwengamela lowomkhandlu okwesikhashana.

26 Kuyokuba umsebenzi womkhandlu oshiwo ukwedlulisa, masinyane, ikhophi yokuqhubekile, nobufakazi obuphelezela isinqumo sabo, emkhandlwini omkhulu wekomkhulu lobuMongameli bokuQala beBandla.

27 Uma abathintekayo noma oyedwa wabo enganeliseki ngesinqumo salowo mkhandlu esishiwo, bangalidlulisela emkhandlwini omkhulu wekomkhulu wobuMongameli bokuQala beBandla, futhi liphindwe lilalelwe, lelocala liyobe seliqhutshwa lapho, ngokwesifaniso sasekuqaleni esibhaliwe, kube sengathi akukaze kuthathwe sinqumo.

28 Lomkhandlu wabaphristi abakhulu abakude kufanele ubizwe kuphela akwezilukhuni kakhulu izimo zezindaba zebandla; futhi akukho simo esijwayelekile esinesizathu esanele sokubiza lowomkhandlu.

29 Abaphristi abakhulu abahambayo noma abahlala kude banamandla okusho ukuthi kunesidingo yini sokubiza lowomkhandlu noma cha.

30 Kunomehluko phakathi komkhandlu omkhulu noma abaphristi abakhulu abahambayo abakude, anomkhandlu ophezulu wabaphristi abahambayo owakhiwe ngaba bphostoli abayishumi nambili, ezinqumweni zabo.

31 Esinqumweni salaba bokuqala kungaba nokudluliswa kwecala; kodwa esinqumweni salaba okugcinwe ngabo akukho.

32 Laba okugcinwe ngabo bangabuzwa kuphela ngabanegunya elinkulu ebandleni lonke uma bephambuka.

33 Kwavunyelwana ukuthi: umongameli noma omongameli bekomkhulu lobuMongameli bokuQala beBandla bayoba namandla okunquma ukuthi noma yiliphi icala elinjalo, elidlulisiwe, ngokulunga lifanele liphindwe lilalelwe na, emuva kokucwaninga ukudluliswa nobufakazi nokushiwo okuphelezela udaba.

34 Amalungu omkhandlu ayishumi nambili emuva kwalokho abe eseqhubeka nokushaya inkatho noma ukuvota, ukuqiniseka ukuthi ngubani okwakufanele akhulume kuqala, futhi umphumela kwaba yilaba: 1, u-Oliver Cowdery; 2, uJoseph Coe; 3, uSamuel H. Smith; 4, uLuke Johnson; 5, uJohn S. Carter; 6, uSylvester Smith; 7, uJohn Johnson; 8, u-Orson Hyde; 9, uJared Carter; 10, uJoseph Smith, oMdala; 11, uJohn Smith; 12, uMartin Harris.Emva komkhuleko umhlangano wafika esiphethweni.

u-Oliver Cowdery,

u-Orson Hyde,

Omabhalane