ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 55


Isigaba 55

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuWilliam W. Phelps, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 14 Juni, 1831. UWilliam W. Phelps, umgayizincwadi, nomndeni wakhe babesanda kufika eKirtland, futhi umPhrofethi wafuna ulwazi eNkosini olumayelana naye.

1–3, U William W. Phelps uyabizwa futhi ukhethwa ukuba abhabhadiswe, agcotshwe abe yigosa, futhi ashumayele ivangeli; 4, Kufanele futhi abhale izincwadi zabantwana abasezikoleni zeBandla; 5–6, Kufanele ahambe aye eMissouri, okuzoba yindawo yakhe yokusebenza.

1 Bheka, isho kanje iNkosi kuwe, nceku yami uWilliam, yebo, ngisho iNkosi ayomhlaba wonke, ubiziwe futhi ukhethiwe; futhi emva kokuba busubhabhadisiwe ngamanzi, okuyothi uma ukwenza ngehlo elibheke inkazimulo yami, uyofumana ukuthethelelwa kwezono zakho futhi ufumane uMoya oNgcwele ngokubekwa cizandla;

2 Futhi emva kwalokho uyogcotshwa ngesandla senceku yami uJoseph Smith, omNcane, ube yigosa kuleli bandla, ushumayele ukuphenduka anokuthethelelwa kwezono ngokubhabhadiswa egameni likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.

3 Futhi labo oyobeka phezu kwabo izandla, uma bedabukile phambi kwami, uyoba namandla okubanika uMoya oNgcwele.

4 Futhi phezu kwalokho, uyogcotshelwa ukusiza inceku yami u-Oliver Cowdery ukwenza umsebenzi wokucindezela, futhi nowokukhetha nokubhala aizincwadi zezikole kulelibandla, ukuze abantwana abancane nabo bathole ukufundiswa phambi kwami njengoba kukuhle kimi.

5 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe, ngalenhloso uzothatha uhambo nezinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon, ukuze autshalwe ezweni lefa lakho ukwenza lomsebenzi.

6 Futhi phezu kwalokho, inceku yami uJoseph Coe naye makathathe uhambo lwakhe nabo. Okuseleyo bayokwaziswa kona emva kwalokhu, njengoba ngithanda. Amen.