ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 60


Isigaba 60

Isambulo esanikwa ngo Joseph Smith umPhrofethi, e-Independence, esiFundeni iJackson, eMissouri, ngomhlaka 8 Agasti 1831. Kulesi sikhathi amagosa ayehambe aya esiFundeni iJackson futhi ayehlanganyele ekungcweliseni indawo nesiza sethempeli ayefisa ukwazi okwakufanele akwenze.

1–9, Amagosa kufanele ashumayele ivangeli emabandleni ababi; 10–14, Akufanele bahlale bengenzi lutho ngesikhathi sabo, noma bafihle amathalente abo; 15–17, Bangazigeza izinyawo zabo njengobufakazi obumelene nalabo abenqaba ivangeli.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi kumagosa ebandla layo, okufanele abuyele ngokushesha ezweni abaphuma kulo: Bhekani, kuyangithokozisa, ukuthi nize nafika lapha;

2 Kodwa ngabanye angithokozile kahle, ngokuba abayivuli aimilomo yabo, kodwa bbayalifihla ithalente engibanike lona, ngenxa cyokwesaba abantu. Maye kwabanjalo, ngokuba intukuthelo yami iyokheleka kubo.

3 Futhi kuzokwenzeka, uma bengathembekile futhi kimi, akuyothathwa kususwe kubo, naloko abanakho.

4 Ngokuba mina, iNkosi, ngiyabusa emazulwini phezulu, futhi naphakathi akwamabutho omhlaba; futhi osukwini lapho ngiyokwakha khona bamagugu ami, bonke abantu bayokwazi ukuthi kuyini lokho okukhombisa ngamandla kaNkulunkulu.

5 Kodwa, ngiqinisile, ngizokhuluma kini ngohambo oluya ezweni eniphuma kulo. Akube khona isikebhe esenziwayo, noma sithengwe, njengoba kubonakala kukuhle kini, akusho lutho kimi, futhi nithathe uhambo lwenu ngokushesha niye endaweni ebizwa ngokuthi yi St. Louis.

6 Futhi kusuka lapho izinceku zami, uSidney Rigdon, uJoseph Smith, omNcane, no-Oliver Cowdery, mabathathe uhambo lwabo oluya eCincinnati;

7 Futhi kulendawo mabaphakamise izwi labo futhi bamemezele izwi lami ngamazwi aphezulu, ngaphandle kwentukuthelo noma ukungabaza, bephakamisa izandla ezingcwele kubo. Ngokuba mina ngiyakwazi ukunenza nibe angcwele, futhi zono zenu bzithethelelwe.

8 Futhi abasalayo mabathathe uhambo lwabo besuka eSt. Louis, ngababili, futhi bashumayele izwi, ngaphandle kokuphuthuma, phakathi kwamabandla ababi, baze babuyele emabandleni ababesuke kuwo.

9 Futhi konke lokhu ukuze kuzuze amabandla; ngibathumele ngalenhloso.

10 Futhi inceku yami au-Edward Partridge makanike imali engimnike yona, ingxenye kumagosa ami ayalwe ukuba abuye;

11 Futhi lowo okwaziyo, makayibuyise ngendlela yomphatheli; futhi lowo ongakwazi, kuye akudingekile.

12 Manje sengikhuluma ngalabo abasele ukuba beze kulendawo.

13 Bhekani, bathunyelwe ukushumayela ivangeli lami phakathi kwamabandla ababi; ngalokho-ke, ngibanika umyalelo, kanje: aUngahlali ungenzi lutho ngesikhathi sakho, futhi ungalifihli bithalente lakho ukuze lingaziwa.

14 Futhi emva kokuba usubuyile ezweni laseSiyoni, futhi usulimemezelile izwi lami, uyobuya masinyane, umemezele izwi lami phakathi kwamabandla ababi, ngaphandle kokuphuthuma, nangaphandle akolaka noma ngombango.

15 Futhi nithuntuthe authuli ezinyaweni zenu kulabo abanganemukeli, hhayi phambi kwabo, hleze nibacunule, kodwa ngasese; futhi nihlanze izinyawo zenu, njengobufakazi obumelene nabo ngosuku lokwahlulela.

16 Bhekani, lokhu kwanele kini, nentando yakhe onithumileyo.

17 Futhi ngomlomo wenceku yami uJoseph Smith, omNcane, kuyokwaziwa okumayelana noSidney Rigdon no-Oliver Cowdery. Okuseleyo emva kwalokhu. Ngisho kanjalo. Amen.