ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 8


Isigaba 8

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829. Ngesikhathi kuhunyushwa iNcwadi kaMormoni, u-Oliver, owayesebenza njengombhali, ebhala okwakushiwo umPhrofethi, wafisa ukuba aphiwe isipho sokuhumusha. INkosi yaphendula ukucela kwakhe ngokuzithoba ngokumnika lesi sambulo.

1–5, Isambulo sifika ngamandla oMoya oNgcwele; 6–12, Ulwazi lwezimfihlakalo zikaNkulunkulu futhi namandla okuhumusha imibhalo yakudala kufika ngokukholwa.

1 aU-Oliver Cowdery, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngesiqiniseko njengoba iNkosi iphila, enguNkulunkulu wakho nomHlengi wakho, kanjalo-ke ngesiqiniseko uyozuza bulwazi lwanoma yini coyoyicela ngokukholwa, nangenhliziyo enokuthembeka, ukholwa ukuthi uyoluthola ulwazi oluphathelene nalokho okuqoshwe demibhalweni yakudala, equkethe lezo zingxenye zemibhalo engcwele okukhulunywe ngayo engokwambulelwa ngoMoya wami.

2 Yebo, bheka, angizokutshela engqondweni bnasenhliziyweni yakho, ngo cMoya oNgcwele, oyoza kuwe futhi noyohlala enhliziyweni yakho.

3 Manje, bheka, lona ngumoya wesambulo; bheka, lona ngumoya uMose ahola ngawo abantwana bakwa-Israyeli phakathi no aLwandle oluBomvu emhlabathini owomileyo.

4 Ngakho-ke lesi yisipho sakho; sisebenzise, futhi ubusisiwe, ngokuba siyokukhulula ezandleni zezitha zakho, njengoba, uma bekungenjalo, babeyokubulala futhi baholele nomoya wakho ekubhujisweni.

5 O, khumbula lawa amazwi, futhi ugcine imiyalelo yami. Khumbula, isipho sakho lesi.

6 Manje akusona lesi kuphela isipho sakho; ngokuba unaso esinye isipho, okuyisipho sika-Aroni; bheka, sesikutshele izinto eziningi;

7 Bheka, awekho amanye amandla, ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu, angenza lesi sipho sika-Aroni sibe kuwe.

8 Ngakho-ke, ungangabazi, ngokuba kuyisipho sikaNkulunkulu; futhi uyosibamba ngezandla zakho, futhi wenze imisebenzi emangalisayo; futhi akukho mandla ayokwazi ukusithatha ezandleni zakho, ngokuba kuwumsebenzi kaNkulunkulu.

9 Futhi, ngakho-ke, noma yini oyoyicela kimi ukuthi ngikutshele yona ngalolotho, lokho ngizokunika kona, futhi uyoba nolwazi mayelana nalokho.

10 Khumbula ukuthi ngaphandle akokholo ungeke wenze lutho; ngakho-ke cela ngokukholwa. Ungadlali ngalezi zinto; bungaceli lokho ongafanele ukukucela.

11 Cela ukuthi wazi izimfihlo zikaNkulunkulu, futhi ukuze auhumushe futhi uthole ulwazi kuyo yonke imibhalo yakudala ebicashisiwe, engcwele; futhi ngokholo lwakho uyokwenzelwa kona.

12 Bheka, yimina engikhulume lokhu; futhi kuseyimina owakhuluma kuwena nasekuqaleni. Amen.