ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 52


Isigaba 52

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kumagosa eBandla, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 6 Juni 1831. Umhlangano owawukade ubanjelwe eKirtland, wawuqale ngomhlaka 3 waphela ngomhlaka 6 kuJuni. Kulomhlangano kukhona abagcotshwa okokuqala esikhundleni sobuphristi obukhulu, kwathi nezibonakaliso ezithile zemimoya yamanga nedukisayo zabonakala futhi zakhuzwa.

1–2, Umhlangano olandelayo umiselwe ukubanjwelwa eMissouri; 3–8, Ukubekwa kwamagosa athile ukuba ahambe ndawonye kuyenziwa; 9–11, Amagosa kumele afundise lokho abaphostoli nabaphrofethi abakubhalile; 12–21, Labo abakhanyiselwe nguMoya baveza izithelo zendumiso nokuhlakanipha; 22–44, Amagosa ahlukahlukene abekwa ukuba ahambe eshumayela ivangeli ngesikhathi eya eMissouri emhlanganweni.

1 Bhekani, isho kanje iNkosi kumagosa aewabizileyo newakhethileyo kulezi zinsuku zokugcina, ngezwi loMoya wayo—

2 Ithi: Mina, iNkosi, ngizokwazisa kini engithanda nikwenze kusuka ngalesi sikhathi kuze kube wumhlangano olandelayo, ozobanjelwa eMissouri, aezweni bengizolingwelisela abantu bami, cabayinsali kaJakobe, nalabo abayizindlalifa ngokwe dsivumelwano.

3 Ngalokho-ke, ngiqinisile ngithi kini, izinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon mabathathe uhambo lwabo emva kokuba amalungiselelo enziwe ukushiya amakhaya abo, futhi bahambele indawo yaseMissouri.

4 Futhi kangangoba bethembekile kimi, kuyokwaziswa kubo ukuthi bayokwenzani;

5 Futhi kuyophinda, kangangoba bethembekile, kwaziswe kubo aizwe lefa lenu.

6 Futhi kangangoba bengathembekile, bayosuswa, ngisho njengoba ngithanda, njengoba kubonakala kukuhle kimi.

7 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami uLyman Wight nenceku yami uJohn Corrill mabathathe uhambo lwabo ngokushesha;

8 Futhi nenceku yami uJohn Murdock, nenceku yami uHyrum Smith, mabathathe uhambo lwabo baye endaweni efanayo ngendlela yaseDetroit.

9 Futhi mabahambe kusuka kuleyondawo beshumayela izwi endleleni, bengasho alutho olunye ngaphandle kwalokho babaphrofethi nabaphostoli abakubhalile, futhi nalokho abakufundiswe cnguMduduzi ngomkhuleko wokukholwa.

10 Mabahambe angababili, futhi ngaleyo ndlela mabashumayele endleleni kubo bonke abazalwane, bebhabhadisa bngamanzi, futhi bebabeka cizandla ekhanda ngasemanzini.

11 Ngokuba isho kanje iNkosi, ngizowufinyeza umsebenzi wami angokulunga, ngokuba izinsuku ziyeza lapho engiyothumela khona ukwahlulela kube ukunqoba.

12 Futhi inceku yami uLyman Wight makaqaphele, ngokuba uSathane ufisa aukumhlunga njengekhoba.

13 Futhi bhekani, lowo aothembekileyo uyokwenziwa umbusi phezu kwezinto eziningi.

14 Futhi phezu kwalokho, ngizoninika isifanekiso kuzo zonke izinto, ukuze ningakhohliswa; ngokuba uSathane ukhona ndawozonke ezweni, futhi uhamba ekhohlisa izizwe—

15 Ngalokho-ke lowo okhulekayo, umoya wakhe aodabukileyo, nguye lowo bowemukelekile kimi uma ethobela cizimiso zami.

16 Lowo okhulumayo, umoya wakhe odabukileyo, nolimi lwakhe olumnene futhi olwakhayo, nguye lowo ongokaNkulunkulu uma ethobela izimiso zami.

17 Futhi phezu kwalokho, lowo oqhaqhazelayo esaba amandla ami uyokweziwa aaqine, futhi uyoveza izithelo zendumiso bnokuhlakanipha, ngokwezambulo namaqiniso engininike wona.

18 Futhi phezu kwalokho, lowo onqotshwayo anongavezi izithelo, ngisho njengokwalesi sifanekiso, akasiye owami.

19 Ngalokho-ke, ngalesi sifanekiso aniyoyazi imimoya kuzo zonke izimo eziphansi kwamazulu onke.

20 Nezinsuku sezifikile; lapho abantu abeyokwenzelwa ngangokukholwa kwabo.

21 Bhekani, lomyalelo unikwe kuwo wonke amagosa engiwakhethileyo.

22 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, inceku yami auThomas B. Marsh nenceku yami u-Ezra Thayre mabathathe uhambo lwabo nabo, beshumayela izwi endleleni eya kulelozwe.

23 Futhi phezu kwalokho, inceku yami u-Isaac Morley nenceku yami u-Ezra Booth mabathathe uhambo lwabo, nabo beshumayela izwi endleleni eya kulelozwe.

24 Futhi phezu kwalokho, izinceku zami u-aEdward Partridge noMartin Harris mabathathe olwabo uhambo nezinceku zami uSidney Rigdon noJoseph Smith, omNcane.

25 Izinceku zami uDavid Whitmer noHarvey Whitlock mabathathe olwabo uhambo nabo, futhi bashumayele endleleni eya kulelozwe.

26 Futhi izinceku zami auParley P. Pratt no-bOrson Pratt mabathathe olwabo uhambo, futhi bashumayele endleleni, ngisho nakulelizwe.

27 Futhi izinceku zami uSolomon Hancock noSimeon Carter nabo mabathathe olwabo uhambo baye kulelizwe, futhi bashumayele endleleni.

28 Izinceku zami u-Edson Fuller noJacob Scott mabathathe nabo olwabo uhambo.

29 Izinceku zami uLevi W. Hancock noZebedee Coltrin nabo mabathathe olwabo uhambo.

30 Izinceku zami uReynolds Cahoon noSamuel H. Smith nabo mabathathe olwabo uhambo.

31 Izinceku zami uWheeler Baldwin noWilliam Carter nabo mabathathe olwabo uhambo.

32 Futhi izinceku zami auNewel Knight noSelah J. Griffin bobabili mabagcotshwe, futhi nabo bathathe olwabo uhambo.

33 Yebo, ngiqinisile ngithi, bonke laba mabathathe uhambo baye endaweni eyodwa, ezindleleni zabo ezihlukene, futhi umuntu oyedwa akayukwakhela phezu akwesisekelo somunye, futhi makangahambi endleleni yomunye.

34 Lowo othembekileyo, onjalo uyogcinwa futhi abusiswe angezithelo eziningi.

35 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, izinceku zami uJoseph Wakefield noSolomon Humphrey mabathathe uhambo lwabo baye emazweni angasempumalanga;

36 Mabasebenze nemindeni yabo, abengasho lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi nabaphostoli, lokho babakubonile nabakuzwile futhi cnabakukholwa ngokuqinisekile, ukuze iziphrofetho zigcwaliseke.

37 Ngenxa yesiphambeko, lokho okwanikwa uHeman Basset amakuthathwe kuye, futhi kubekwe ekhanda likaSimonds Ryder.

38 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, uJared Carter amakagcotshwe abe ngumphristi, futhi noGeorge James makagcotshwe abe bngumphristi.

39 Abasalayo bamagosa amabavikele amabandla, futhi bamemezele izwi ezifundeni eziseduze nabo; futhi mabasebenze ngezandla zabo ukuze kungabi bikho bkukhonza zithombe nobubi obenziwayo.

40 Futhi khumbulani kuzo zonke izinto aabampofu bnabantulayo, abagulayo nabasosizini, ngokuba lowo ongazenzi lezi zinto, nguye lowo ongeyena umfundi wami.

41 Futhi phezu kwalokho, izinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon no-Edward Partridge mabathathe aincwadi yesincomo ebandleni. Futhi makutholakale enye yenceku yami u-Oliver Cowdery.

42 Futhi ngaleyo ndlela, ngisho njengoba sengishilo, uma nithembekile niyobuthana ndawonye ukuze nijabule ezweni lase aMissouri, okuyizwe blefa lenu, okumanje yizwe lezitha zenu.

43 Kodwa, bhekani, mina, iNkosi, ngizolisheshisa lelidolobha ngesikhathi salo, futhi ngizobethwesa umqhele abathembekileyo angentokozo nangokujabula.

44 Bhekani, nginguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, futhi angizobaphakamisa ngosuku lokugcina. Ngisho kanjalo. Amen.