ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 25


Isigaba 25

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1830. (bheka isihloko sesigaba 24). Lesi sambulo siveza intando yeNkosi ku-Emma Smith, umfazi womPhrofethi.

1–6. U-Emma Smith, inkosikazi ekhethiweyo, ubizelwe ukusiza nokududuza umyeni wakhe; 7–11, Ubizelwe futhi ukubhala, ukuchasisa imibhalo engcwele, futhi nokukhetha amaculo; 12–14, Iculo lolungileyo liwumkhuleko eNkosini; 15–16. Imigomo yokuhlonipha ekulesi isambulo iqondene nawo wonke umuntu.

1 Lalela izwi leNkosi uNkulunkulu wakho, ngesikhathi ngikhuluma kuwe, Emma Smith, ndodakazi yami; ngokuba ngiqinisile ngithi kuwe, bonke labo aabemukela ivangeli lami bangamadodana namadodakazi bembusweni wami.

2 Isambulo ngikunika sona mayelana nentando yami; futhi uma uthembekile futhi auhamba endleleni byokulunga phambi kwami, ngizoyivikela impilo yakho, futhi uyothola cifa eSiyoni.

3 Bheka, aizono zakho zixolelwe, futhi uyinkosikazi ekhethiweyo, bengiyibizile.

4 Ungavungami ngenxa yezinto ongakaziboni, ngokuba zisagodliwe kuwe nasemhlabeni, okuwukuhlakanipha kimi ngesikhathi esizayo.

5 Futhi isikhundla sobizo lwakho siyoba awukududuza inceku yami, uJoseph Smith, omNcane, umyeni wakho, ezinhluphekweni zakhe, ngamazwi enduduzo, ngomoya wobumnene.

6 Futhi uyohamba naye ngesikhathi sokuhamba kwakhe, ube ngumbhali wakhe, ngesikhathi engekho ongambhalela, ukuze ngithumele inceku yami, u-Oliver Cowdery, noma yikuphi lapho ngizomthumela khona.

7 Futhi auyogcotshwa ngaphansi kwesandla sakhe ukuchasisa imibhalo engcwele, futhi nokuyala ibandla, njengoba uyokwambulelwa uMoya wami.

8 Ngokuba auyobeka izandla zakhe phezu kwakho, futhi uyophiwa uMoya oNgcwele, futhi isikhathi sakho uyosinikela ekubhaleni, nasekufundeni okuningi.

9 Futhi akudingekile usabe, ngoba umyeni wakho uzokusekela ebandleni; ngokuba aubizo lwakhe ngolwabo, ukuze zonke izinto bzambulwe kubo, noma yini engiyifisayo, njengokukholwa kwabo.

10 Futhi ngiqinisile ngithi kuwe uyobeka eceleni aizinto bzalomhlaba, futhi cufune izinto zomhlaba ongcono.

11 Futhi kuzokwabelwa kuwe, ukukhetha aamaculo angcwele, njengoba uzokwambulelwa, lokho okuthandekayo kimi, ukuze agcinwe ebandleni lami.

12 Ngokuba umoya wami uyajabula angeculo blenhliziyo; yebo, iculo lolungileyo liwumkhuleko kimi, futhi uyogcwaliswa ngesibusiso phezu kwabo.

13 Ngalokho-ke, phakamisa inhliziyo yakho ujabule, futhi ubambelele ezivumelwaneni ozenzile.

14 Hlala unomoya awobumnene, futhi uqaphele bukuzikhukhumeza. Umoya wakho mawujabule ngomyeni wakho, futhi nodumo oluyokuza kuye.

15 Gcina imiyalelo yami njalo njalo, futhi anomqhele bwokulunga uyowuthola. Futhi ngaphandle kokuthi wenze lokhu, lapho ngikhona cngeke uze.

16 Futhi ngiqinisile ngiqinisile, ngithi kuwe, leli ayizwi lami kubo bonke. Amen.