ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 40


Isigaba 40

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eFayette, eNew York, ngomhlaka 6 Januwari, 1831. Ngaphambi kokuloba lesi sambulo, umlando womPhrofethi uthi, “Njengoba uJames Covel alenqaba izwi leNkosi, futhi wabuyela emigomweni nakubantu bakhe baphambilini, iNkosi yanika mina noSidney Rigdon lesi sambulo esilandelayo” (bheka isigaba 39).

1–3, Ukwesaba ukuhlushwa nokunaka okomhlaba kudala ukulenqaba ivangeli.

1 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, inhliziyo yenceku yami auJames Covel yayisilungile phambi kwami, ngokuba wenza isivumelwano nami sokuthi uzolithobela izwi lami.

2 Futhi awalemukela izwi ngenjabulo, kodwa masinyane uSathane wamlinga; futhi ukwesaba bukuhlushwa nokunaka okomhlaba kwadala ukuba calenqabe izwi.

3 Ngalokho-ke wasephula isivumelwano sami, futhi kukimi ukuthi ngimphathe njengoba kubonakala kukuhle kimi. Amen.