ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 131


Isigaba 131

Izimfundiso zikaJoseph Smith umPhrofethi, ezanikwa eRamus, e-Illinois, ngomhlaka 16 no 17 Meyi 1843.

1–4, Umshado wesilestiyali udingeka kakhulu ukuze umuntu aphakanyiselwe kweliphezulu kakhulu izulu; 5–6, Kuyachazwa ukuthi abantu baqinisekiswa kanjani ngokuphila okuphakade; 7–8, Konke okungumoya kuyinto ethintekayo futhi nebonakalayo.

1 aEmbusweni wesilestiyali kunamazulu noma amabanga amathathu;

2 Futhi ukuze afumane aeliphezulu kunawo wonke, umuntu kufanele angene kulolu hlelo lobuphristi, [okungukuthi bisivumelwano esisha nesaphakade somshado];

3 Futhi uma engangeni kulolu hlelo, ngeke alifumane.

4 Angangena kwelinye ibanga, kodwa lokho sekuyisiphetho sombuso wakhe; ngeke abe anokwanda ngezizukulwane.

5 (Ngomhlaka 17 Meyi 1843.) Izwi eliqinisekile kakhulu le asiphrofetho lisho ukwazi komuntu ukuthi use bkhethelwe cukuphila okuphakade, ngesambulo nangomoya wokuphrofetha, ngamandla obuPhristi obuNgcwele.

6 Ngeke kwenzeke ukuba umuntu aasindiswe bengenalo ulwazi.

7 Ayikho into engathinteki nenga bonakali. Konke okungu amoya kuyinto ethintekayo nebonakalayo, kodwa kucolekile noma kucwebe kakhulu, futhi kungabonwa kuphela ngamehlo bacwebe kakhulu;

8 Asikwazi ukuku bona; kodwa uma imizimba yethu isicwebisiwe siyobona ukuthi konke kuyinto ethintekayo nebonakalayo.