ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 46


Isigaba 46

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi eBandleni, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 8 Mashi 1831. Ngalesi sikhathi sokuqala kweBandla, isibonelo esifanayo sokuphatha izinkozo zeBandla sasingakabi bikho. Kodwa, umkhuba wokwamukela amalungu kuphela nabasahlola ibandla ngentshisekelo emihlanganweni yesidlo esingcwele nakweminye imibuthano yeBandla kwase kuyinto ejwayelekile. Lesi sambulo sizwakalisa intando yeNkosi mayelana nokulawula nokuphatha imihlangano ngokunjalo nomyalelo Wayo ngokuphathelene nokuzifuna nokuzibona izipho zikaMoya.

1–2, Amagosa kufanele aphathe imihlangano njengoba eholwa nguMoya oNgcwele; 3–6, Abafuna iqiniso akufanele benqatshelwe ukungena enkonzweni yesidlo esingcwele; 7–12, Buza kuNkulunkulu futhi ufune izipho zikaMoya; 13–26, Ukubalwa kwezinye zalezi zipho kuyanikwa; 27–33, Abaholi beBandla banikwa amandla okubona izipho zikaMoya.

1 Lalelani, O nina bantu bebandla lami; ngokuba ngiqinisile ngithi kini lezi zinto zakhulunywa kini ukuze anizuze inzuzo futhi nifunde.

2 Kodwa nakuba kunezinto ezibhaliwe, bekulokhu kwanikezwa aamagosa ebandla lami kusuka ekuqaleni, futhi kohlala kunjalo, bukuphatha yonke imihlangano njengoba beqondiswe futhi beholwa nguMoya oNgcwele.

3 Nokho niyaliwe ukuba aningakhiphi namunye ngaphandle kwemihlangano yenu yawo wonke umuntu, ebanjelwa phambi kwabantu.

4 Niyaliwe futhi ukuba ningakhiphi namunye ongowe abandla ngaphandle kwemihlangano yenu yesidlo esingcwele; nokho, uma kukhona owonile, bningamvumeli athathe isidlo aze enze ukubuyisana.

5 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ningakhiphi muntu ngaphandle emihlanganweni yenu yesidlo esingcwele abafuna umbuso ngeqiniso—ngikhuluma lokhu ngokuphathelene nalabo abangesibo abebandla.

6 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, ngokuphathelene nemihlangano yenu ayokuqinisa, uma kukhona noma ngobani abangebona abebandla, abafuna umbuso ngeqiniso, ningabakhiphi ngaphandle.

7 Kodwa niya yalwa kuzo zonke izinto ukuba anicele kuNkulunkulu, ophana ngobuhle; futhi lokho okufakazwa nguMoya kini kanjalo-ke ngifuna nikwenze bngobungcwele bonke benhliziyo, nihamba ngobuqotho phambi kwami, cnicabanga ngomphumela wensindiso yenu, nenza zonke izinto ngomkhuleko dnokubonga, ukuze eningayengwa yimimoya emibi, noma yizimfundiso fzodeveli, noma gyimiyalelo yabantu; ngokuba eminye ngeyabantu, futhi neminye ngeyodeveli.

8 Ngalokho-ke, qaphelani kungenjalo nizokhohliseka; futhi ukuze ningakhohliseki afunani ngeqiniso izipho ezinhle kakhulu, nikhumbula njalo ukuthi zinikelwani;

9 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, zinikwe ukuze kuzuze labo abangithandayo nabagcina yonke imiyalelo yami, futhi nalowo ofuna ukwenza njalo; ukuze bonke bazuze labo abafuna noma abacela kimi, labo abacelayo nabangaceli aisibonakaliso ukuze bbanelise izinkanuko zabo.

10 Futhi, phezu kwalokho ngiqinisile ngithi kini, ngifisa ukuthi nikhumbule njalo, futhi njalo nikugcine aezingqondweni zenu ukuthi ziyini lezo bzipho, ezinikwa ibandla.

11 Ngokuba akubona bonke abanikwe zonke izipho; ngokuba ziningi izipho, futhi kuwo awonke umuntu unikezwe isipho ngoMoya kaNkulunkulu.

12 Kwabanye kunikwa esinye, nakwabanye kwanikwa esinye, ukuze bonke bazuze ngazo.

13 Kwabanye kunikwa ngoMoya oNgcwele ukuba abazi ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu, nokuthi wabethelelwa izono zomhlaba.

14 Kwabanye kunikwa aukukholwa emazwini abo, ukuze nabo bathole ukuphila kwaphakade uma beqhubeka nokukholwa.

15 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikwa ngoMoya oNgcwele ukuba bazi aizindlela zokuphatha ezahlukene, njengoba kuthokozisa kuleyoNkosi efanayo, njengokufisa kweNkosi, yenza umusa wayo ngokwezimo zabantwana babantu.

16 Futhi, kunikwa ngoMoya oNgcwele kwabanye ukuba bazi imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, noma ngabe ngekaNkulunkulu yini, ukuze izibonakaliso zikaMoya zinikwe kuwo wonke umuntu ukuze bonke bazuze ngazo.

17 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kwabanye kunikiwe, ngoMoya kaNkulunkulu, izwi alokuhlakanipha.

18 Komunye kunikwe izwi alokwazi, ukuze bonke bafundiswe ukuba bahlakaniphe nokuba babe nolwazi.

19 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikiwe ukuba babe anokukholwa ukuba baphiliswe;

20 Futhi kwabanye kunikiwe ukuba babe nokukholwa kokuba abaphilise;

21 Futhi phezu kwalokho, kwabanye kunikiwe ukuba benze aizimangaliso;

22 Futhi kwabanye kunikiwe ukuba abaphrofethe;

23 Futhi kwabanye aukwahlukanisa imimoya.

24 Futhi phezu kwalokho, kunikiwe kwabanye ukuba bakhulume angezilimi;

25 Futhi komunye kunikezwe ukuhumusha izilimi.

26 Futhi zonke lezi azipho zivela kuNkulunkulu, ukuze kuzuze babantwana baNkulunkulu.

27 Futhi akumbhishobhi webandla, futhi nakulabo uNkulunkulu ayobabeka futhi abagcobe ukuba bavikele ibandla futhi nokuba babe ngamagosa ebandleni, bayonikwa bukwahlukanisa zonke lezo zipho ukuze kungabi bikho namunye phakathi kwenu ozenza onezipho zokuphrofetha futhi engeyena okaNkulunkulu.

28 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo ocela angokoMoya uyothola ngokoMoya;

29 Ukuze kwabanye kunikezwe ukuba babe nazo zonke lezo zipho, ukuze kube nenhloko, ukuze onke amalungu azuze ngazo.

30 Lowo aocela bngokoMoya ucela cngokwentando kaNkulunkulu; ngalokho-ke kwenziwa ngisho njengoba ecelile.

31 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, zonke izinto kumele zenziwe egameni likaKristu, nanoma yini eniyenza ngokoMoya;

32 Futhi kumele anibonge uNkulunkulu ngokoMoya nganoma yisiphi isibusiso enibusiswa ngaso.

33 Futhi kumele nenze aukulunga bnobungcwele phambi kwami njalonjalo. Ngisho kanjalo. Amen.