ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 50


Isigaba 50

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 9 Meyi, 1831. Umlando ka Joseph Smith uthi amanye amagosa aye ngaziqondi izibonakaliso zemimoya eyahlukahlukene ndawozonke emhlabeni futhi nokuthi lesi sambulo sanikezwa kuphendulwa umbuzo wakhe othize kuloludaba. Okubizwa ngezehlakalo ezingajwayelekile zemimoya zazivamile phakathi kwamalungu, amanye awo ayethi anikwe imibono nezambulo.

1–5, Miningi imimoya ekhohlisayo ndawozonke emhlabeni; 6–9, Maye kubazenzisi nakulabo abasusiwe eBandleni; 10–14, Amagosa kufanele ashumayele ivangeli ngoMoya; 15–22, Abashumayeli nabezwayo kudingeka bakhanyiselwe nguMoya; 23–25, Lokho okungakhiyo akukona okukaNkulunkulu; 26–28, Abakholwayo bangabanini bezinto zonke; 29–36, Imikhuleko yabangcwelisiwe iyaphendulwa; 37–46, UKristu unguMelusi oMuhle neTshe likaIsrayeli.

1 Lalelani, O nina magosa ebandla lami, futhi ninike indlebe ezwini likaNkulunkulu ophilayo; futhi ninake amazwi okuhlakanipha ayonikezwa nina, njengokucela kwenu futhi nivumelene ngokuthinta ibandla, nemimoya esabalele ndawozonke emhlabeni.

2 Bhekani, ngithi kini, miningi aimimoya ekhohlisayo, esabalele izwe lonke, ikhohlisa umhlaba.

3 Futhi auSathane ufune ukunikhohlisa, ukuze aniwise.

4 Bhekani, mina, iNkosi, nginibukile, futhi ngabona izinengiso ebandleni aelimemezela igama lami.

5 Kodwa babusisiwe labo abathembekile anababekezelayo, noma kusekuphileni noma kusekufeni, ngokuba bayodla ifa lempilo engunaphakade.

6 Kodwa maye kulabo aabangabakhohlisi nabazenzisi, ngokuba, isho kanje iNkosi, ngizobaletha ekwahlulelweni.

7 Bhekani, ngithi kini, akunabakhohlisi phakathi kwenu, asebekhohlise abanye, osekunikeze bisitha camandla; kodwa bhekani dabanjalo bazobuyiswa;

8 Kodwa abazenzisi bayokhonjwa futhi abayosuswa, noma kusekuphileni noma kusekufeni, ngisho njengokuthanda kwami; futhi maye kulabo abasusiwe ebandleni lami, ngokuba abanjalo banqotshwa ngumhlaba.

9 Ngalokho-ke, wonke umuntu makazi funa enze lokho okungelona iqiniso nokulunga phambi kwami.

10 Futhi wozani manje, kusho iNkosi, ngoMoya, kumagosa ebandla lakhe, futhi amasikhulume, ukuze niqonde;

11 Masikhulume njengomuntu ekhuluma nomunye ubuso nobuso.

12 Manje, uma umuntu ekhuluma uyaqondwa ngumuntu, ngokuba ukhuluma njengomuntu; kanjalo-ke nami, iNkosi, ngizokhuluma nani ukuze aniqonde.

13 Ngalokho-ke, mina iNkosi nginibuza lombuzo—anagcotshelwa ini na?

14 Ukushumayela ivangeli lami angoMoya, ngisho buMduduzi owathunyelwa ukufundisa iqiniso.

15 Futhi emuva kwalokho nase nemukela aimimoya enaningeke niyiqonde, futhi niyamukele ngoba nithi isuka kuNkulunkulu; futhi kulokhu ngabe aninacala na?

16 Bhekani nizowuphendula lombuzo nina uqobo; nokho, ngiyoba nomusa kini; lowo obuthakathaka phakathi kwenu emva kwalokhu uyokwenziwa aaqine.

17 Ngiqinisile ngithi kini, lowo ogcotshwe yimi futhi nothunyiwe aukushumayela izwi leqiniso ngoMduduzi, ngoMoya weqiniso, ngabe ulishumayela bngoMoya weqiniso noma ngenye indlela na?

18 Futhi uma kungenye indlela akuyona ekaNkulunkulu.

19 Futhi phezu kwalokho, lowo olamukelayo izwi leqiniso, ngabe ulamukela ngoMoya weqiniso noma ngenye indlela na?

20 Uma kungenye indlela akuyona ekaNkulunkulu.

21 Ngakho-ke, kungani ningaqondi futhi nazi, ukuthi lowo owemukela izwi ngoMoya weqiniso ulemukela njengoba lishunyayelwa ngoMoya weqiniso na?

22 Ngalokho-ke, lowo oshumayelayo nalowo owemukelayo, bayaqonda omunye nomunye, futhi bobabili abayakhana futhi bbajabule ndawonye.

23 Futhi lokho okungakhiyo akukona okukaNkulunkulu, futhi akungubumnyama.

24 Lokho okungokukaNkulunkulu akungukukhanya; futhi lowo owemukela ukukhanya, bnohlala kuNkulunkulu, ufumana cukukhanya okuningi; futhi lokho kukhanya kuyakhula futhi kukhule kuze kube semini.

25 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, futhi ngikusho lokhu ukuze nazi aiqiniso, ukuze nixoshe ubumnyama phakathi kwenu;

26 Lowo ogcotshiweyo ngokuka Nkulunkulu futhi wathunywa, nguye lowo obekwe ukuba abe angomkhulu kunani nonke, nakuba engomncane kubo bonke futhi beyinceku yabo bonke.

27 Ngalokho-ke, aungumnini wezinto zonke; ngokuba zonke izinto zingaphansi kwakhe, ezulwini nasemhlabeni, impilo nokukhanya, uMoya bnamandla, okuthunywe ngentando kaBaba ngoJesu Kristu, iNdodana yakhe.

28 Kodwa akukho muntu ongumnini wezinto zonke ngaphandle kokuba aecwebisiwe futhi bwahlanzwa kuzo zonke izono.

29 Futhi uma nicwebisiwe futhi nahlanzwa kuzo zonke izono, aniyocela noma yini eniyifisayo egameni likaJesu futhi kuyokwenziwa.

30 Kodwa yazini lokhu, kuyonikwa kini eniyokucela; futhi njengoba nibekiwe ukuba ayizinhloko, imimoya iyoba ngaphansi kwenu.

31 Ngalokho-ke, kuyokwenzeka, ukuthi uma nibona aumoya eningawuqondi ubonakaliswa, futhi ningawemukeli lowo moya, niyobuza kuBaba egameni likaJesu; futhi uma enganiniki lowomoya, ngalokho niyokwazi ukuthi akuwona okaNkulunkulu.

32 Futhi kuyonikwa kini, aamandla phezu kwalowo moya; futhi niyomemezela ngokumelene nalowomoya ngezwi elikhulu ukuthi akuwona okaNkulunkulu—

33 Kungabi angokusola kokuhlambalaza, ukuze ninganqotshwa, noma bngokuziqhayisa noma ukujabula, hleze ningenwe yiwo.

34 Lowo ofumana okukaNkulunkulu, makakwazise lokho njengokuvela kuNkulunkulu; futhi makajabule ukuthi ubonwe nguNkulunkulu efanele ukukufumana.

35 Futhi ngokunaka nokwenza lezi zinto enizifumene, nenizozifumana emva kwalokhu—futhi aumbuso ninikiwe wona nguBaba, futhi bnamandla okunqoba zonke izinto ezingagcotshwanga nguye—

36 Futhi bhekani, ngiqinisile ngithi kini, nibusisiwe nina eniwezwayo manje lamazwi ami ngomlomo wenceku yami, ngokuba izono zenu azixolelwe.

37 Inceku yami uJoseph Wakefield, engithokozayo ngaye, nenceku yami auParley P. Pratt mabahambe baye phakathi kwamabandla futhi bawaqinise ngezwi blokukhuthaza;

38 Futhi nenceku yami uJohn Corrill, noma abaningi bezinceku zami abagcotshiweyo kulesi sikhundla, futhi mabasebenze aesivinini; futhi makungabi bikho muntu obaphazamisayo ekwenzeni lokho engikumisele bona—

39 Ngalokho-ke, kulento inceku yami u-aEdward Partridge akaxolelwe; nokho makaphenduke futhi uzothethelelwa.

40 Bhekani, ningabantwana abancane futhi anikwazi aukuthwala zonke izinto manje; kufanele bnikhule cemseni nasolwazini dlweqiniso.

41 aNingesabi, bbantwana abancane, ngokuba ningabami, futhi cngiwunqobile umhlaba, futhi niyibo labo uBaba danginike bona;

42 Futhi abekho kulabo uBaba anginike bona aabayolahleka.

43 Futhi uBaba nami asimunye. Mina ngikuBaba naye uBaba ukimi; futhi kangangoba ningemukelile mina, nikimi nami ngikini.

44 Ngalokho-ke, ngiphakathi kwenu, futhi angingumalusi omuhle, bnetshe lika-Israyeli. Lowo owakhela phezu kwaleli cdwala dakasoze awa.

45 Futhi usuku luyeza lapho niyolizwa izwi lami futhi aningibone, futhi nibone ukuthi nginguye.

46 Ngakho-ke, alindani, ukuze nihlale bnilungile. Ngisho kanjalo. Amen.