ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 47


Isigaba 47

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 8 Mashi 1831. UJohn Whitmer, owayeseke wasebenza njengoma bhalane kumPhrofethi, ekuqaleni wanqikaza ngesikhathi ecelwa ukuba asebenze njengomlobi wemilando yeBandla, esikhundleni sika Oliver Cowdery. Wabhala lokhu, “Angithandi ukukwenza lokhu kodwa ngiyabona ukuthi intando yeNkosi kufanele yenzeke, futhi uma ikufuna lokhu, ngifisa ukuthi ikwambule ngoJoseph umBoni.” Emva kokuthi uJoseph Smith athole lesi sambulo, uJohn Whitmer wasemukela wase esebenza kuleso sikhundla ayebekwa kuso.

1–4, UJohn Whitmer ukhethwa ukuba agcine umlando weBandla nokubhalela umPhrofethi.

1 Bheka, ngikubona kufanele ukuthi inceku yami uJohn abhale futhi agcine ngokulandelana aumlando, futhi akusize, nceku yami uJoseph, ekubhaleni zonke izinto eziyonikezwa kuwe, kuze kube ubizelwa kweminye imisebenzi.

2 Futhi, ngiqinisile ngithi kini angaliphakamisa futhi izwi lakhe emihlanganweni, noma yinini uma kuyobe kufanelekile.

3 Futhi phezu kwalokho, ngithi kuwe kuyobekwa kuye ukuba agcine imibhalo yebandla nomlando njalonjalo; ngokuba u-Oliver Cowdery sengimbeke komunye umsebenzi.

4 Ngalokho-ke, kuyonikwa kuye, kangangoba ethembekile, angoMduduzi, ukubhala lezi zinto. Ngisho kanjalo. Amen.