ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 42


Isigaba 42

Isambulo esanikwa saba yizingxenye ezimbili ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 9 nangomhlaka 23, Februwari 1831. Ingxenye yokuqala, okungama vesi 1 kuya ku 72, yatholakala kukhona amagosa ayishumi nambili futhi kugcwaliseka isethembiso seNkosi esenziwa phambilini sokuthi “umthetho” uyonikwa e-Ohio (bheka isigaba 38:32). Ingxenye yesibili ngamavesi 73 kuya ku 93. UmPhrofethi uthi lesi sambulo “siqukethe umthetho weBandla.”

1–10, Amagosa abizelwa ukushumayela ivangeli, ukubhabhadisa abaphenduki, nokwakha iBandla; 11–12, Kumele abizwe futhi agcotshwe futhi kufanele afundise imigomo yevangeli etholakala emibhalweni engcwele; 13–17, Kufanele afundise futhi aphrofethe ngamandla kaMoya; 18–29, AbaNgcwele bayalwa ukuba bangabulali, bangebi, bangaqambi amanga, bangakhanuki, bangaphingi, noma bakhulume okubi ngabanye; 30–39, Imithetho elawula ukunikela ngempahla ibekwa obala; 40–42, Ukuzazi nobuvila kuyagxekwa; 43–52, Abagulayo kufanele belashwe ngokuphiwa izibusiso nangokukholwa; 53–60, Imibhalo engcwele ilawula iBandla futhi kufanele ishunyayelwe emhlabeni; 61–69, Isiza seJerusalema eNtsha nezimfihlakalo zombuso kuzokwambulwa; 70–73, Izimpahla ezinikelwayo kufanele zisetshenziselwe ukuhlinzekela abasezikhundleni zeBandla; 74–93, Imithetho elawula ukuhlobonga, ukuphinga, ukubulala, ukweba, nokuvuma izono ibekwa obala.

1 Lalelani, O nina magosa ebandla lami, enibuthene ndawonye egameni lami, ngisho uJesu Kristu iNdodana kaNkulunkulu ophilayo, umSindisi womhlaba; kangangoba nikholwa egameni lami futhi nigcina imiyalelo yami.

2 Ngiyaphinda ngithi kini, lalelani futhi nizwe futhi nithobele aumthetho engizoninika wona.

3 Ngokuba ngiqinisile ngithi, njengoba nibuthene ndawonye angokomyalelo enginiyale ngawo, futhi nivumelana bngokuphathelene nalento eyodwa, futhi nicelile kuBaba egameni lami, kanjalo-ke nizofumana.

4 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, ngininika lomyalelo wokuqala, wokuthi niyohamba egameni lami, nonke, ngaphandle kwezinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon.

5 Futhi ngibanika umyalelo wokuthi bayohamba isikhashana, futhi kuzokunikezwa ngamandla akaMoya ukuthi bayobuya nini.

6 Futhi niyohamba ngamandla oMoya wami, nishumayela ivangeli lami, angababili, egameni lami, niphakamisa amaphimbo enu njengomsindo wecilongo, nimemezela izwi lami njengezingelosi zikaNkulunkulu.

7 Futhi niyohamba nibhabhadisa ngamanzi, nithi: Phendukani, phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

8 Futhi kusuka kulendawo nizohambela ezifundazweni ezingasentshonalanga; futhi kangangoba nizobathola abazonamukela niyokwakha ibandla lami kuzo zonke izifunda—

9 Kuze kufike isikhathi lapho kuzokwembulwa kini kusuka phezulu, lapho aumuzi wase bJerusalema eNtsha uyolungiswa khona, ukuze cniqoqwe nibe ndawonye, ukuze nibe dngabantu bami futhi nami ngibe uNkulunkulu wenu.

10 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, inceku yami au-Edward Partridge uyokuma esikhundleni engimubeke kuso. Futhi kuyokwenzeka, ukuthi uma ephula umthetho bomunye uyobekwa esikhundleni sakhe. Ngisho kanjalo. Amen.

11 Futhi phezu kwalokho ngithi kini, akuyikuvunyelwa namunye ukuthi ahambe aukuyoshumayela ivangeli lami, noma akhe ibandla lami, ngaphandle kokuba begcotshwe ngothile conegunya futhi kwaziwa ebandleni ukuthi unegunya futhi oseke wagcotshwa ngendlela efanele ngabaphathi bebandla.

12 Futhi phezu kwalokho, aamagosa, abaphristi nabafundisi balelibandla bbayofundisa imigomo yevangeli lami, ese cBhayibhelini nase dNcwadini kaMormoni, lapho kukhona eivangeli elipheleleyo.

13 Futhi bayogcina aizivumelwano nezimfundiso zebandla ukuba bazenze, futhi lokhu kuyokuba yizifundiso zabo, njengokuba beyokhonjiswa nguMoya.

14 Futhi uMoya uyonikezwa kini angomkhuleko wokukholwa; futhi uma ninganikwa buMoya aniyikufundisa.

15 Futhi niyogcina konke lokhu njengoba ngiyalile mayelana nokufundisa kwenu, kuze kunikwe ukuphelela akwemibhalo engcwele yami.

16 Futhi uma niyophakamisa amaphimbo enu angoMduduzi, niyokhuluma futhi niphrofethe njengoba kubonakala kukuhle kimi;

17 Ngokuba, bhekani, uMduduzi uyazazi zonke izinto, futhi ufakaza ngoBaba nangeNdodana.

18 Manje, bhekani, ngikhuluma ebandleni. aUngabulali, futhi lowo bobulalayo ngeke abe nokuxolelwa kulomhlaba, nasemhlabeni ozayo.

19 Futhi phezu kwalokho, ngithi, ungabulali; kodwa lowo obulalayo auyokufa.

20 aUngebi; futhi lowo owebayo futhi owenqaba ukuphenduka uyokhishelwa ngaphandle.

21 aUngakhulumi amanga; lowo ukhuluma amanga futhi owenqaba ukuphenduka uyokhishelwa ngaphandle.

22 aWothanda umfazi wakho ngenhliziyo yakho yonke, futhi bunamathele kuye hhayi omunye.

23 Futhi lowo obuka owesifazane aamkhanukele uyolulahla ukholo, futhi ngeke abe nawo uMoya; futhi uma enqaba ukuphenduka uyokhishelwa ngaphandle.

24 aUngaphingi; futhi lowo ophingayo, futhi owenqaba ukuphenduka, uyokhishelwa ngaphandle.

25 Kodwa lowo osephingile futhi aephenduka ngenhliziyo yakhe yonke, futhi ekuyeka lokho, futhi engasaphindi akwenze, bniyomthethelela;

26 Kodwa uma aephinda ekwenza, ngeke axolelwe, kodwa uyokhishelwa ngaphandle.

27 aUngakhulumi okubi ngomakhelwane wakho, noma umenzakalise.

28 Uyayazi imithetho yami emayelana nalezi zinto enikwe emibhalweni yami engcwele; lowo owonayo futhi angaphenduki auyokhishelwa ngaphandle.

29 Uma aungithanda buyongisebenzela futhi cugcine yonke imiyalelo yami.

30 Futhi bheka, ubokhumbula aabampofu, futhi bunikele ngempahla yakho cukubondla ngalokho onakho ukubanika kona, ngesivumelwano nangencwadi yesibopho nesenzo esingeke saphulwa.

31 Futhi kangangoba aninikela ngezimpahla zenu kwaba bmpofu, nizokwenza kimi; futhi ziyobekwa phambi kuka cmbhishobi webandla lami nakubeluleki bakhe, ababili bamagosa, noma abaphristi abakhulu, njengalabo azobabeka noma asebabekile futhi dwabahlukanisela lenhloso.

32 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi emva kokuba sezibekwe phambi kukambhishobhi webandla lami, emva kokuba esethole lobu bufakazi mayelana anokunikela ngempahla yebandla lami, ukuthi ngeke zisuswe ebandleni, ngokuvumelana nemiyalelo yami, wonke umuntu buyoziphendulela kimi, cumphathi phezu kwempahla yakhe, noma lokho akutholile ngokunikela, ngangokulingene yena dnomndeni wakhe.

33 Futhi phezu kwalokho, uma kuyoba khona izimpahla ezandleni zebandla, noma kumuntu ngamunye walo, ezingaphezu kokudingekile ukondla bona emva kwalokhu kunikela kokuqala, aokungokuseleyo okuyonikelwa kumbhishobhi, kuyogcinwa ukuze kwabelwe labo abangenakho, izikhathi ngezikhathi, ukuze wonke umuntu odingayo afumane ngokwanele futhi afumane ngokwezidingo zakhe.

34 Ngakho-ke, okuseleyo kuyogcinwa endlini yami yengcebo, ukuze kwabelwe abampofu nabadingayo, njengoba kuyoboniswa ngumkhandlu omkhulu webandla, nombhishobhi nomkhandlu wakhe;

35 Futhi ngenhloso yokuthenga imihlaba ukuze kuzuze wonke umuntu ebandleni, nokwakha izindlu zokukhonza, nokwakha aiJerusalema eNtsha ezokwambulwa maduze emva kwalokhu—

36 Ukuze abantu bami besivumelwano babuthane babe ndawonye ngalelo langa mhla angiza bethempelini lami. Futhi lokhu ngikwenzela insindiso yabantu bami.

37 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi lowo owonayo futhi angaphenduki auyokhishelwa ngaphandle kwebandla, futhi ngeke kubuyiselwe kuye lokho bakunikele kwabampofu nabadingayo ebandleni lami, noma ngamanye amazwi, kimi—

38 Ngokuba kangangoba anikwenza kwabancane balaba, nikwenza kimi.

39 Ngokuba kuyokwenzeka, ukuthi lokho engikukhulume ngomlomo wabaphrofethi bami kuyogcwaliseka; ngokuba ngizonikela ngengcebo yalabo abemukela ivangeli lami phakathi kwabeZizwe kwabampofu babantu bami abangabendlu ka-Israyeli.

40 Futhi phezu kwalokho, aungazikhukhumezi enhliziyweni yakho; zonke bizingubo zakho mazibe ngezingahlotshisiwe, nobuhle bazo bube wubuhle bomsebenzi wezandla zakho;

41 Futhi zonke izinto mazenziwe ngobunono phambi kwami.

42 Ungabi ayivila; ngokuba lowo oyivila ngeke adle isinkwa noma agqoke izingubo zosebenzayo.

43 Futhi noma ngubani aogulayo phakathi kwenu, nongenakho ukukholwa kokuba aphiliswe, kodwa ekholwa, uyokondliwa ngobumnene bonke, ngamakhambi nokudla okupholile, futhi lokho hhayi ngesandla sesitha.

44 Namagosa ebandla, amabili noma ngaphezulu, ayobizwa, futhi ayobakhulekela futhi ababeke aizandla zabo egameni lami; futhi uma befa bbayofela kimi, futhi uma bephila bayophilela mina.

45 aNiyohlala ndawonye bngothando, kangangokuba cniyolila ngokulahleka kwabafayo, futhi ikakhulukazi labo abangenalo dithemba lokuvuka kwabafileyo okuhle kakhulu.

46 Futhi kuyokwenzeka ukuthi labo abafela kimi ngeke bakuzwe aukufa, ngokuba kuyoba bmnandi kubo;

47 Futhi labo abangafeli kimi, maye kubo, ngokuba ukufa kwabo kubuhlungu.

48 Futhi phezu kwalokho, kuyokwenzeka ukuthi lowo aonokholo kimi lokuba baphiliswe, futhi enga cnqunyelwe ukufa, uyophiliswa.

49 Lowo onokukholwa kokuba abone uyobona.

50 Lowo onokukholwa kokuba ezwe uyozwa.

51 Izishosha ezinokukholwa kokuba zigxume ziyogxuma.

52 Futhi labo abangenakho ukukholwa kokuba benze lezi zinto, kodwa bekholwa kimi, banamandla okuba angamadodana ami; futhi kangangoba bengayiphuli imithetho yami buyobubekezelela ubuthakathaka babo.

53 Uyokuma endaweni ayobuphathi bakho.

54 Ungayithathi ingubo yomfowenu; uyokukhokhela lokho oyokufumana kumfowenu.

55 Futhi uma authola okungaphezulu kwalokho kokondla wena, uyokunikela bendlini yami yengcebo, ukuze zonke izinto zenziwe ngokwalokho engikushilo.

56 Wocela, anemibhalo yami engcwele iyonikwa njengoba ngikhombisile, futhi biyogcinwa iphephile;

57 Futhi kubalulekile ukuthi ungasho lutho mayelana nayo, futhi ungafundisi ngayo kuze kube usuyifumene ngokugcwele.

58 Futhi ngikunika umyalelo wokuthi ngaleso sikhathi uyofundisa ngayo kubo bonke abantu; ngokuba iyofundiswa kuzo azonke izizwe, izihlobo, izilimi nabantu.

59 Uyothatha izinto ozifumene, ezinikwe wena emibhalweni engcwele yami njengomthetho, kube wumthetho wami wokubusa ibandla lami;

60 Futhi lowo aowenza ngokwalezi zinto uyosindiswa, futhi lowo ongazenzi uyoba bngaphansi kwamandla kaSathane uma eqhubeka kanjalo.

61 Uma uyocela, uyonikwa aisambulo phezu kwesambulo, bulwazi phezu kolwazi, ukuze wazi cizimfihlakalo dnezinto zomoya wokuthula—lokho okuletha eintokozo, lokho okuletha impilo yaphakade.

62 Wocela, futhi kuyokwambulwa kuwe ngesami isikhathi esifanele lapho kuyokwakhiwa khona aiJerusalema eNtsha.

63 Futhi bheka, kuyokwenzeka ukuthi izinceku zami ziyothunyelwa empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naseningizimu.

64 Futhi ngisho manje, lowo oya empumalanga makafundise labo abayophenduka ukuba babalekele aentshonalanga, futhi lokhu ngenxa yalokho okuzayo emhlabeni, nangenxa byozungu.

65 Bheka, uyozigcina zonke lezi zinto, futhi uyoba mkhulu umvuzo wakho; ngokuba kini kunikiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso, kodwa emhlabeni akunikezwanga kubo ukuzazi.

66 Niyoyigcina imithetho eniyifumene futhi nithembeke.

67 Futhi emva kwalokhu niyofumana aizivumelwano zebandla, njengalezo eziyobe zanele ukunimisa, lapha kanye nase Jerusalema eNtsha.

68 Ngakho-ke, lowo oswele aukuhlakanipha, makacele kimi, futhi ngizomnika ngobubele futhi ngingamsoli neze.

69 Phakamisani izinhliziyo zenu futhi nithokoze, ngokuba aumbuso ungowenu, noma ngamanye amazwi, bizikhiye zebandla zinikiwe. Ngisho kanjalo. Amen.

70 aAbaphristi bnabafundisi bayoba cnobuphathi babo, njengamalungu.

71 Futhi amagosa noma abaphristi abakhulu abaqokelwe ukulekelela umbhishobhi njengabeluleki ezintweni zonke, kufanele imindeni yabo yondliwe ngempahla aenikelwe kumbhishobhi, ukusiza abampofu, nokufeza ezinye izinhloso, njengoba kushiwo phambilini;

72 Noma kufanele bafumane inkokhelo efanele ngokusebenza kwabo konke, njengomphathi noma ngokunye, njengoba kungabonakala kufanele noma kunqume abeluleki nombhishobhi.

73 Futhi umbhishobhi, naye, uyofumana isondlo sakhe, noma inkokhelo efanele ngakho konke ukusebenza kwakhe ebandleni.

74 Bhekani, ngiqinisile ngithi kini, noma yibaphi abantu phakathi kwenu, abathi behlukanisile nabashade nabo ngesizathu asokuhlobonga, noma ngamanye amazwi, uma beyofakaza phambi kwenu ngokuzithoba konke kwenhliziyo ukuthi kunjalo, aniyukubakhiphela ngaphandle kwenu;

75 Kodwa uma nithola ukuthi kukhona abantu abashiye abashade nabo ngenxa ayokuphinga, futhi nabo beyizoni, futhi abashade nabo bephila, bbayokhishelwa ngaphandle kwenu.

76 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, niyohlala aniphapheme futhi niqaphele, ngakho konke ukubuza, ukuze ningamukeli abanjalo phakathi kwenu uma beshadile;

77 Futhi uma bengashadile, bayophenduka kuzo zonke izono zabo noma aniyukubamukela.

78 Futhi phezu kwalokho, wonke umuntu ongowalelibandla likaKristu, uyogcina yonke imiyalelo nezivumelwano zebandla.

79 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi noma yibaphi abantu phakathi kwenu aabayobulala bayolethwa futhi baphathwe ngokwemithetho yezwe; ngokuba khumbulani ukuthi akanakuxolelwa; futhi kuyofakazelwa ngokwemithetho yezwe.

80 Futhi noma iyiphi indoda noma owesifazane oyophinga, uyoquliswa phambi kwamagosa amabili ebandla, noma ngaphezulu, futhi wonke amazwi amelene naye ayoqiniswa ngofakazi ababili bebandla, futhi hhayi besitha, kodwa uma bengaphezulu kwababili ofakazi kungcono.

81 Kodwa uyolahlwa ngecala ngomlomo wofakazi ababili; futhi amagosa ayobeka icala phambi kwebandla, futhi ibandla liyophakamisa izandla limelene naye, ukuze baphathwe ngokomthetho kaNkulunkulu.

82 Futhi uma kungenzeka, kudingekile ukuthi umbhishobhi abekhona naye.

83 Futhi niyokwenza kanjalo kuwo wonke amacala ayobekwa phambi kwenu.

84 Futhi uma indoda noma owesifazane ephanga, uyolethwa emthethweni wezwe.

85 Futhi uma aeba, uyolethwa emthethweni wezwe.

86 Futhi uma aekhuluma amanga, uyolethwa emthethweni wezwe.

87 Futhi uma enza noma yibuphi ububi, uyolethwa emthethweni, ngisho lowo kaNkulunkulu.

88 Futhi uma aumfowenu noma udadewenu bekona, uyomthatha nihlangane nobabili kuphela; futhi uma cesivuma isono niyobuyisana.

89 Futhi uma engasivumi isono uyomletha ebandleni, hhayi kumalungu, kodwa kumagosa. Futhi kuyokwenziwa emhlanganweni, futhi lokho kungabi phambi komhlaba.

90 Futhi uma umfowenu noma udadewenu ona abaningi, auyojeziswa phambi kwabaningi.

91 Futhi noma ubani uma ona phambi kwabantu, uyosolwa phambi kwabantu, ukuze athotshiswe. Futhi uma engasivumi isono, uyolethwa emthethweni kaNkulunkulu.

92 Uma kukhona oyokona ngasese, uyosolwa ngasese, ukuze abe nethuba lokuvuma isono ngasese kulowo amonile, nakuNkulunkulu, ukuze ibandla lingakhulumi ngokudumazayo ngaye.

93 Futhi niyokwenza kanjalo kuzo zonke izinto.