ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 109


Isigaba 109

Umkhuleko owenziwa kungcweliswa ithempeli eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 27 Mashi, 1836. Ngokwaku lotshwe ngumPhrofethi, lomkhuleko wanikwa kuye ngesambulo.

1–5, IThempeli laseKirtland lakhiwa njengendawo lapho kungahambela khona iNdodana yoMuntu; 6–21, Lifanele libe yindlu yomkhuleko, yokuzila ukudla, yokukholwa, yokufunda, yobukhosi nokuhleleka, nendlu kaNkulunkulu; 22–33, Sengathi abangaphendukile abaphikisa abantu beNkosi bangathuliswa; 34–42, Sengathi abaNgcwele bangahamba ngamandla ukuqoqela abalungileyo eSiyoni; 43–53, Sengathi abaNgcwele bangakhululwa ezintweni ezimbi ezizo thululwa phezu kwababi ngezinsuku zokugcina; 54–58, Sengathi izizwe nabantu namabandla bangalilungela ivangeli; 59–67, Sengathi amaJuda, amaLamani, nawo wonke u-Israyeli bangakhululwa; 68–80, Sengathi abaNgcwele bangaqheliswa ngobukhosi nokuhlonishwa futhi bafumane insindiso yaphakade.

1 aMalibongwe igama lakho, O Nkosi Nkulunkulu ka-Israyeli, ogcina bisivumelwano futhi otshengisa ububele ezincekwini zakho ezihamba ngobuqotho phambi kwakho, ngezinhliziyo zazo zonke—

2 Wena oyale izinceku zakho ukuthi azakhe indlu egameni lakho kulendawo [eKirtland].

3 Manje uyabona, O Nkosi, ukuthi izinceku zakho sezenzile njengokomyalelo wakho.

4 Manje siyakucela, Baba oNgcwele, egameni likaJesu Kristu, iNdodana yakho ethandiweyo, ngegama lakhe kuphela insindiso enganikwa kubantwana babantu, siyakucela, O Nkosi, ukuthi awemukele lendlu, bumsebenzi wezandla zethu, izinceku zakho, osiyalile ukuba siyakhe.

5 Ngokuba uyazi ukuthi siwenze lomsebenzi ngosizi olukhulu; futhi esimweni sokuhlupheka sinikele ngezinto zethu ukwakha aindlu egameni lakho, ukuze iNdodana yoMuntu ibe nendawo yokuzibonakalisa kubantu bayo.

6 Futhi njengoba ushilo kuso aisambulo, esinikwe kithi, usibiza ngabahlobo bakho, uthi—Bizani umhlangano wenu ozothile, njengoba nginiyalile;

7 Futhi njengoba bonke bengenakho ukukholwa, funani ngokukhuthala futhi nifundisane omunye nomunye amazwi okuhlakanipha; yebo, funani ezincwadini ezinhle kakhulu amazwi okuhlakanipha, funani ukufumana ulwazi ngisho ngokufunda nangokukholwa futhi;

8 Zihleleni; nilungise yonke into edingekayo, futhi nimise indlu, ngisho indlu yokukhuleka, indlu yokuzila ukudla, indlu yokukholwa, indlu yokufunda, indlu yobukhosi, indlu yokuhleleka, indlu kaNkulunkulu;

9 Ukuze ukungena kwenu kube segameni leNkosi, ukuze ukuphuma kwenu kube segameni leNkosi; ukuze konke ukubingelelana kwenu kube segameni leNkosi, ngezandla eziphakanyiselwe koPhakeme kaKhulu—

10 Manje, Baba oNgcwele, siyakucela ukuba usisize, thina abantu bakho, ngomusa wakho, ekubizeni umhlangano wethu ozothileyo, ukuze lokho kwenzelwe ukukuhlonipha nokuze kwamukelwe nguwe;

11 Futhi ngendlela yokuthi sitholakale sifanelekile, ebusweni bakho, ukuze sifumane ukugcwaliseka kwe azethembiso ozenzileyo kithi, abantu bakho, kuzo izambulo ezinikwe kithi;

12 Ukuze ainkazimulo yakho yehlele phansi kubantu bakho, naphezu kwalendlu yakho, esiyahlukanisela kuwe manje, ukuze ingcweliswe futhi yahlukaniselwe ukuba ibe ngcwele, futhi ukuze ubukhona bakho obungcwele buhlale bukhona njalonjalo;

13 Futhi ukuze bonke abantu abayongena emnyango wendlu yeNkosi bawezwe amandla akho, futhi baphoqeleke ukuvuma ukuthi uyingcwelisile, futhi nokuthi iyindlu yakho, indawo yobungcwele bakho.

14 Futhi nika, Baba oNgcwele, ukuthi bonke labo abayokhonza kulendlu bafundiswe amazwi okuhlakanipha ezincwadini ezinhle kakhulu, futhi nokuthi bafune ulwazi ngisho ngokufunda, futhi nangokukholwa, njengoba ushilo;

15 Futhi ukuze bakhule kuwe, futhi banikwe ukuphelela konke kukaMoya oNgcwele, futhi bahlelwe ngokwemithetho yakho, futhi balungele ukufumana konke okudingekayo;

16 Futhi ukuze lendlu ibe yindlu yomkhuleko, indlu yokuzila ukudla, indlu yokukholwa, indlu yobukhosi nekaNkulunkulu, ngisho indlu yakho;

17 Ukuze konke ukungena kwabantu bakho, kulendlu, kube segameni leNkosi;

18 Ukuze konke ukuphuma kwabo kulendlu kube segameni leNkosi;

19 Futhi ukuze konke ukubingelelana kwabo kube segameni leNkosi, ngezandla ezingcwele, ziphakanyiselwe koPhakeme kaKhulu;

20 Futhi nokuthi kungabi bikho aokungahlanzekile okuyovunyelwa ukuza endlini yakho ukuzoyingcolisa;

21 Futhi uma abantu bakho bephambuka, noma yimuphi kubo, bangaphenduka ngokushesha futhi babuyele kuwe, futhi bafumane umusa emehlweni akho, futhi babuyiselwe kuzo izibusiso ozinikile ukuba zithululwe phezu kwalabo abayo akuhlonipha endlini yakho.

22 Futhi siyakucela, Baba oNgcwele, ukuba izinceku zakho zihambe kusuka kulendlu zihlome ngamandla akho, futhi nokuthi igama lakho libe phezu kwabo, futhi nenkazimulo yakho ibe kubo nxazonke, futhi aizingelosi zakho zibabheke;

23 Futhi kusuka kulendawo ukuze bahambise izindaba ezinkulu nezimangalisayo, ngeqiniso, kuze kube kuyo aimikhawulo yomhlaba, ukuze bazi ukuthi lona ngumsebenzi wakho, nokuthi uselulile isandla sakho, ukugcwalisa lokho okukhulumile ngemilomo yabaphrofethi, ngokuphathelene nezinsuku zokugcina.

24 Siyakucela, Baba oNgcwele, ukuba ubamise abantu abayokhonza, futhi baliphathe ngokuhlonipha igama nokuma kulendlu yakho, kuzo zonke izizukulwane futhi naphakade;

25 Ukuze kungabi bikho asikhali esenzelwe bona esiyophumelela; ukuze lowo obambela bumgodi angene kuwo yena;

26 Ukuze kungabi bikho nhlanganisela yobubi eyokuba namandla okubavukela futhi aibanqobe abantu bakho bokuyobekwa kubo igama lakho kulendlu;

27 Futhi uma kukhona abantu abayovukela labantu, ukuba ulaka lwakho lokheleke ngokumelene nabo;

28 Futhi uma beyobashaya labantu uyobashaya nabo; uyobalwela abantu bakho ngosuku lwempi, ukuze bakhululwe ezandleni zazo zonke izitha zabo.

29 Siyakucela, Baba oNgcwele, ukuba ubanqobe, futhi ubamangalise, futhi ubafake ehlazweni nokudideka, bonke labo abandise imibiko yamanga phesheya, emhlabeni, ngokumelene nenceku noma izinceku zakho, uma bengezukuphenduka, uma ivangeli laphakade selishunyayelwa ezindlebeni zabo;

30 Futhi nokuthi yonke imisebenzi yabo yenziwe ize, futhi ishanelwe nge asichotho, futhi ngezahlulelo oyozithumela kubo ngolaka lwakho, ukuze kuphele bukuqamba amanga nokuhlambalaza abantu bakho.

31 Ngokuba uyazi, O Nkosi, ukuthi izinceku zakho bezingenacala phambi kwakho ekufakazeni ngegama lakho, ezizwe ubuhlungu ngalo.

32 Ngakho-ke siyanxusa phambi kwakho ukukhululeka konke nokuphelele phansi kwaleli ajokwe;

33 Linqamule, O Nkosi; linqamule emiqaleni yezinceku zakho, ngamandla akho, ukuze sikwazi ukuvuka phakathi kwalesi sizukulwane futhi senze umsebenzi wakho.

34 O Jehova, yiba nomusa phezu kwalabantu, futhi njengoba bonke abantu abona, thethelela iziphambeko zabantu bakho, futhi mazisulwe ingunaphakade.

35 aUkubekwa kwabefundisi bakho makube yinto engaseyikuphela kubo ngamandla asuka phezulu.

36 Makugcwaliseke phezu kwabo, njengaphezu kwalabo ngosuku lwePhentekoste; aisiphiwo sezilimi masithululwe phezu kwabantu bakho, ngisho bizilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo, futhi nokuhunyushwa kwazo.

37 Futhi indlu yakho mayigcwaliswe, njengokuvunguza komoya onamandla, angenkazimulo yakho.

38 Beka phezu kwezinceku zakho aubufakazi besivumelwano, ukuze uma bephuma futhi bememezela izwi lakho bbawubophe umthetho, futhi izinhliziyo zabangcwele bakho bazilungiselele zonke izahlulelo osuzozithumela, olakeni lwakho, phezu kwabantu cbasemhlabeni, ngenxa yeziphambeko zabo, ukuze abantu bakho bangalahlekelwa yithemba ngosuku lwenkathazo.

39 Futhi noma yiliphi idolobha izinceku zakho eziyongena kulo, nabantu balelo dolobha bemukela ubufakazi babo, ukuthula kwakho nensindiso yakho makube phezu kwalelo dolobha; ukuze baqoqe abalungileyo kulelo dolobha, ukuze abeze eSiyoni, noma kuzo izikhonkwane zakhe, izindawo ezikhethwe nguwe, ngamaculo enjabulo yaphakade;

40 Futhi kuze kube lokhu kuyafezeka, izahlulelo zakho mazingaweli phezu kwalelo dolobha.

41 Futhi noma yiliphi idolobha izinceku zakho eziyongena kulo, futhi abantu balelo dolobha bengabemukeli ubufakazi bezinceku zakho, nezinceku zakho zibaxwayisa ukuba bazisindise kulesi sizukulwane esiphambeneyo, makube phezu kwalelo dolobha ngokwalokho okukhulumile ngemilomo yabaphrofethi bakho.

42 Kodwa zikhulule, O Jehova, siyakunxusa, izinceku zakho ezandleni zabo, futhi ubahlanze egazini labo.

43 O Nkosi, asikujabuleli ukubhujiswa kwabanye abantu; aimimoya yabo iyigugu phambi kwakho;

44 Kodwa izwi lakho kufanele ligcwaliseke. Siza izinceku zakho ukuba zithi, ngokulekelelwa angumusa wakho: Intando yakho mayenziwe, O Nkosi, futhi hhayi eyethu.

45 Siyazi ukuthi ukhulumile ngemilomo yabaphrofethi bakho izinto ezesabekayo ngokuphathelene nababi, aezinsukwini zokugcina—ukuthi uzothulula izahlulelo zakho, ngaphandle kwesilinganiso;

46 Ngakho-ke, O Nkosi, khulula abantu bakho osizini lwababi; zinike amandla izinceku zakho ukuba ziwunamathelise umthetho, futhi zibophe ubufakazi, ukuze balungele usuku lokushiswa.

47 Siyakucela, Baba oNgcwele, ukuba ukhumbule labo abaxoshwe ngabahlezi esifundeni saseJackson, eMissouri, emihlabeni yefa labo, futhi linqamule, O Nkosi, lelijokwe lokuhlushwa elibekwe phezu kwabo.

48 Uyazi, O Nkosi, ukuthi bebe cindezelekile futhi behlushwe kakhulu ngabantu ababi; futhi izinhliziyo zethu azigcwele usizi ngenxa yemithwalo yabo enzima.

49 O Nkosi, akuyoze kube nini uvumela labantu ukuba bathwale lokhu kuhlushwa, nokukhala kwabantu babo abangena cala kunyukele ezindlebeni zakho, bnegazi labo lize njengobufakazi phambi kwakho, futhi ungenzi isibonakaliso sobufakazi bakho ngenxa yabo na?

50 Yiba anomusa, O Nkosi, phezu kwequlu lababi, elixoshe abantu bakho, ukuze bayeke ukuphanga, ukuze baphenduke ezonweni zabo uma ukuphenduka kukhona;

51 Kodwa uma bengezuku phenduka, yambula ingalo yakho, O Nkosi, futhi aubuyisele lokho okumisile kwaba yiSiyoni ukuze kuzuze abantu bakho.

52 Futhi uma kungeke kwaba ngenye indlela, ukuze umgomo wabantu bakho ungasileli phambi kwakho sengathi ulaka lwakho lungokheleka, nokuthukuthela kwakho kwehlele phezu kwabo, ukuze babhujiswe, izimpande namagatsha, ngaphansi kwezulu;

53 Kodwa kangangoba bezophenduka, wena unobubele nomhawu, futhi uyolususa ulaka lwakho uma ubuka ubuso boGcotshiweyo wakho.

54 Yiba nomusa, O Nkosi, kuzo zonke izizwe zomhlaba; yiba nomusa kubabusi bezwe lethu; sengathi leyo migomo, evikelwe ngenhlonipho nangobuqhawe, okungukuthi, auMthetho-sisekelo wezwe lethu, ngobaba bethu, ingamiswa ingunaphakade.

55 Khumbula amakhosi, amakhosana ohlanga, izikhulu, nabaphakeme bomhlaba, nabo bonke abantu, namabandla, bonke abampofu, nabantulayo, nabahluphekile bomhlaba;

56 Ukuze izinhliziyo zabo zithanjiswe uma izinceku zakho seziphuma endlini yakho, O Jehova, ukuze zifakaze ngegama lakho; ukuze ubandlululo ludedele aiqiniso, futhi abantu bakho bathole ukwemukeleka emehlweni abo bonke;

57 Ukuze wonke umhlaba wazi ukuthi thina, izinceku zakho, asilizwile izwi lakho, nokuthi usithumelile;

58 Ukuze phakathi kwabo bonke laba, izinceku zakho, amadodana kaJakobe, aqoqe abalungileyo ukuze bakhe idolobha lakho elingcwele egameni lakho, njengoba ubayalile.

59 Siyakucela ukuba umisele iSiyoni ezinye aizikhonkwane ngaphandle kwalesi osusimisile, ukuze bukuqoqana kwabantu bakho kuqhubeke ngamandla amakhulu nobukhosi, ukuze umsebenzi wakho cufinyezwe ngokulunga.

60 Manje lamazwi, O Nkosi, siwakhulumile phambi kwakho, ngokuphathelene nezambulo nemiyalelo osinike yona, thina esihlangene anabeZizwe.

61 Kodwa uyazi ukuthi unothando olukhulu lwabantwana baJakobe, aba satshalaliswe ezintabeni isikhathi eside, osukwini oluguqubele nolumnyama.

62 Ngakho-ke siyakuncenga ukuba ube nomusa kubantwana baJakobe, ukuze aiJerusalema, kusukela ngaleli hora, iqale ukubuyiselwa;

63 Futhi nejoka lobugqili liqale ukunqanyulwa endlini ka aDavide;

64 Futhi nabantwana ba aJuda baqale ukubuyela bemihlabeni oyinike u-Abrahama, uyise.

65 Futhi wenze ukuba ainsali kaJakobe, ebiqalekisiwe futhi yashaywa ngenxa yeziphambeko zayo, biphenduke esimweni sayo sobuluhlaza nokuba nonya ize ekupheleleni konke kwevangeli laphakade;

66 Ukuze babeke phansi izikhali zabo zokuchitha igazi, futhi bakuyeke nokuvukela kwabo.

67 Futhi sengathi yonke insali esabalele ka-aIsrayeli, exoshiwe kwaze kwaba semikhawulweni yomhlaba, ingafinyelela olwazini lweqiniso, ikholwe kuMesiya, futhi ibuyiswe ekucindezelekeni, futhi ijabule phambi kwakho.

68 O Nkosi, khumbula inceku yakho, uJoseph Smith, omNcane, nakho konke ukuhlushwa nokukhathazwa kwakhe—ukuthi auvumelane kanjani no bJehova, futhi wafunga kuwe, O Nkulunkulu oMkhulu kaJakobe—nemiyalelo omnike yona, futhi nokuthi uzamile ngobuqotho ukwenza intando yakho.

69 Yiba nomusa, O Nkosi, kumfazi wakhe nabantwana bakhe, ukuze baphakanyiselwe lapho ukhona, futhi bagcinwe ngesandla sakho esilondolozayo.

70 Yiba nomusa kuzo zonke izihlobo zabo, ukuze ubandlululo lwabo luqedwe futhi lushanelwe njengokwezikhukhula; ukuze baphenduke futhi bakhululwe no-Israyeli, futhi bazi ukuthi wena unguNkulunkulu.

71 Khumbula, O Nkosi, omongameli, ngisho bonke omongameli bebandla lakho, ukuba isandla sakho sokunene sibaphakamise, nayo yonke imindeni yabo, nezihlobo zabo, ukuze amagama abo aqhutshelwe phambili futhi akhunjulwe phakade izizukulwane ngezi zukulwane.

72 Khumbula lonke ibandla lakho, O Nkosi, nayo yonke imindeni yabo, nazo zonke izihlobo zabo, nabo bonke abagulayo nabahlushiwe babo, nabo bonke abampofu nabazithobile bomhlaba; ukuze aumbuso, owumise ngaphandle kwezandla, ube yintaba enkulu futhi ugcwalise umhlaba wonke;

73 Ukuze ibandla lakho liphume ehlane lobumnyama, futhi licwazimule libe lihle anjengenyanga, licace njengelanga, futhi lisabeke njengebutho namaduku;

74 Futhi lihlotshiswe njengomakoti ngalolo suku lapho uyokwambula amazulu, futhi wenze izintaba azigobhoze ngobukhona bakho, bnezigodi ziphakanyiswe, izindawo ezingamagebhugebhu zilingane; ukuze inkazimulo yakho igcwale umhlaba wonke;

75 Ukuze kuthi uma icilongo likhalela abafileyo, asiyohlwithwa phezulu emafwini ukuyokuhlangabeza, ukuze sibe neNkosi njalo;

76 Ukuze izingubo zethu zihlanzwe, ukuze simbathiswe aizingubo zokulunga, namasundu ezandleni zethu, bnemiqhele yenkazimulo emakhanda ethu, futhi sivune cukujabula kwaphakade ngakho konke dukuzwa kwethu ubuhlungu.

77 O Nkosi Nkulunkulu Mninimandla Onke, sizwe kulezi zicelo zethu, futhi usiphendule usezulwini, endlini yakho engcwele, lapho uhlezi khona esihlalweni sobukhosi, une ankazimulo, ukuhlonishwa, amandla, ubukhulu, ukubusa, iqiniso, ukulunga, ukwahlulela, umusa, nokuphelela konke okungenamkhawulo, kusuka phakade kuya phakade.

78 O sizwe, O sizwe, O sizwe, O Nkosi! Futhi uziphendule izicelo zethu, futhi wamukele ukwahlukaniselwa kwalendlu kuwe, umsebenzi wezandla zethu, esiyakhele igama lakho;

79 Futhi naleli bandla, ukuba ubeke igama lakho kulo. Futhi usilekelele ngamandla oMoya wakho, ukuba sihlanganise amazwi ethu nalawo amaserafi akhazimulayo, acwebezelayo azungeze isihlalo sakho sobukhosi, ngomhalaliso wendumiso, sihlabelela uHosana kuNkulunkulu nakuyo biMvana!

80 Futhi makuthi laba, ababekiweyo, abembathiswe ngensindiso, nabangcwele bakho bamemeze kakhulu ngokujabula. Amen, futhi Amen.