ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 16


Isigaba 16

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuPeter Whitmer omNcane, eFayette, eNew York, ngoJuni 1829. (bheka isihloko sesigaba 14). UPeter Whitmer omNcane, kamuva waba ngomunye woFakazi abayisiShiyagalombili beNcwadi kaMormoni.

1–2, Ingalo yeNkosi iphezu kwawo wonke umhlaba; 3–6, Ukushumayela ivangeli futhi usindise abantu kuyinto ebaluleke kakhulu.

1 aLalela, nceku yami uPeter, futhi uzwe amazwi kaJesu Kristu, iNkosi yakho futhi nongumHlengi wakho.

2 Ngokuba bheka, ngikhuluma kuwe ngokuthintayo nangamandla, ngokuba eyami ingalo iphezu komhlaba wonke.

3 Futhi ngizokutshela lokho okungaziwa muntu ngaphandle kwami nawe—

4 Ngokuba izikhathi eziningi ucelile kimi ukwazi lokho okuyoba okubaluleke kakhulu kuwe.

5 Bheka, ubusisiwe ngenxa yalesisenzo, futhi nangokukhuluma amazwi ami engikunike wona ngokwemiyalelo yami.

6 Manje, bheka, ngithi kuwe, isenzo esiyoba ngesibaluleke kakhulu kuwe ukushumayela ngokuphenduka kulaba bantu, ukuze ulethe abantu kimi, ukuze uphumule nabo embusweni kaBaba. Amen.

      • Bheka Mf&V 15 ukuze uthole amazwi afanayo.