ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 66


Isigaba 66

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 29 Oktoba, 1831. UWilliam E. McLellin wayeyi celile iNkosi ngasese ukuba yembule ngomPhrofethi impendulo emibuzweni emihlanu, uJoseph Smith ayengayazi. Ngenxa yokucela kuka McLellin, umPhrofethi wabuza eNkosini wase ethola lesi sambulo.

1–4, Isivumelwano saphakade singukuphelela kwevangeli; 5–8, Amagosa kufanela ashumayele, afakaze, futhi akhulume nabantu; 9–13, Ukwenza umsebenzi wokushumayela ngokwethembeka kuqinisekisa ifa lokuphila okuphakade.

1 Bheka, isho kanje iNkosi encekwini yami uWilliam E. McLellin—Ubusisiwe, kangangoba usubufulathele ububi bakho, futhi wawemukela amaqiniso ami, kusho iNkosi umHlengi wakho, umSindisi womhlaba, ngisho wabo bonke aabakholwa egameni lami.

2 Ngiqinisile ngithi kuwe, ubusisiwe ngokwamukela aisivumelwano sami saphakade, ngisho nokuphelela kwevangeli lami, elithunyelwe kubantwana babantu, ukuze bafumane bukuphila futhi babe ngabahlanganyela ezinkazimulweni ezisazokwembulwa ngezinsuku zokugcina, njengoba kwakubhaliwe ngabaphrofethi nabaphostoli ngezinsuku zasemandulo.

3 Ngiqinisile ngithi kuwe, nceku yami uWilliam, uhlanzekile, kodwa hhayi ngokuphelele; ngakho-ke, phenduka, kulezo zinto ezingajabulisi emehlweni ami, kusho iNkosi, ngokuba iNkosi aizokutshengisa zona.

4 Manje, ngiqinisile, mina, iNkosi, ngizokutshengisa engikufisayo ngawe, noma okuyintando yami ngawe.

5 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, kuyintando yami ukuthi aushumayele ivangeli lami kusuka ezweni kuya kwelinye, kusuka edolobheni kuya kwelinye, yebo, kulezo zifunda eziseduze lapho lingakashunyayelwa khona.

6 Ungahlali izinsuku eziningi kulendawo; ungayi ezweni laseSiyoni njengamanje; kodwa kangangoba ungathumela, thumela; kungenjalo, ungacabangi ngempahla yakho.

7 aHamba uye emazweni asempumalanga, bufakaze ezindaweni zonke, kubantu bonke nasemasinagogweni abo, ukhuluma nabantu.

8 Inceku yami uSamuel H. Smith makahambe nawe, futhi ungamshiyi, futhi umnike imiyalelo yakho; futhi lowo othembekile uyokwenziwa aaqine kuzo zonke izindawo; futhi mina, iNkosi, ngizohamba nawe.

9 Beka aizandla zakho kwabagulayo, futhi bbayosinda. Ungabuyi ngize mina, iNkosi, ngikuthumele. Bekezela ezinhluphekweni. cCela, futhi uyofumana; nqonqotha, futhi uyovulelwa.

10 Ungafuni ukukhathazeka. Shiya konke ukungalungi. aUngaphingi—isilingo esesike sakuhlupha.

11 aGcina lemiyalelo, ngokuba iliqiniso futhi ithembekile; futhi uyosikhulisa isikhundla sakho, futhi ududulele abantu abaningi beSiyoni cngamaculo enjabulo yaphakade emakhanda abo.

12 aQhubeka kulezi zinto kuze kube sekugcineni, futhi uyofumana bumqhele wokuphila okuphakade ngakwesokunene sikaBaba, ogcwele umusa neqiniso.

13 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi auNkulunkulu wakho, umHlengi wakho, ngisho uJesu Kristu. Amen.