ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 48


Isigaba 48

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 10 Mashi, 1831. UmPhrofethi wayebuzile eNkosini ngenkambiso ekuthengeni imihlaba yokuhlala abaNgcwele. Lolu kwakuwudaba olwalu balulekile ngenxa yokuthutha kwamalungu eBandla esuka empumalanga neMelika, ukulalela umyalelo weNkosi wokuthi kufanele babuthane e-Ohio (bheka izigaba 37:1–3; 45:64).

1–3, AbaNgcwele abase-Ohio kufanele babelane imihlaba yabo nabazalwane babo; 4–6, AbaNgcwele kufanele bathenge imihlaba, bakhe idolobha, futhi balandele iseluleko sabaholi babo abengamele.

1 Kudingekile ukuthi nihlale okwesikhathi samanje ezindaweni zenu zokuhlala, njengoba kuyohambisana nezimo zenu.

2 Futhi kangangoba ninemihlaba, aniyobapha kubafowenu abangasempumalanga;

3 Futhi kangangoba ningenayo imihlaba, mabathenge okwesikhathi samanje ezifundeni eziseduze, njengoba kubonakala kukuhle kubo, ngokuba kunesidingo sokuthi babe nezindawo zokuhlala okwesikhathi samanje.

4 Kudingekile ukuthi nonge yonke imali eningakwazi ukuyonga, futhi nokuthi nithole konke eningakwazi ukukuthola ngokulunga, ukuze ngokuhamba kwesikhathi nikwazi aukuthenga imihlaba ezoba yifa, bngisho idolobha.

5 Indawo akukafanele yambulwe okwamanje; kodwa emva kokufika kwabafowenu abasuka empumalanga kufanele kubekhona aamadoda athile azobekwa, futhi bazokwaziswa indawo, noma kuyokwambulwa kuwo.

6 Futhi bayobekwa ukuze bathenge imihlaba, futhi nokuqalisa ukubeka isisekelo asedolobha; futhi ngalesosikhathi niyoqala ukubuthana ndawonye nemindeni yethu, wonke umuntu bngokomndeni wakhe, ngokwezimo zakhe, nanjengokunikezwa kwakhe ngobumongameli nombhishobhi webandla, ngokwemithetho nemiyalelo eniyitholile, nenisazoyithola emva kwalokhu. Ngisho kanjalo. Amen.