ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 69


Isigaba 69

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 11 Novemba, 1831. Ukuhlanganiswa kwezambulo okwakuqondwe ukuba zikhishwe ekuqaleni kwase kuvunyiwe emhlanganweni womhlaka 1 nangomhlaka 2 Novemba. Ngomhlaka 3 Novemba, isambulo esivela kulencwadi njenge sigaba 133, kamuva esabizwa ngeSithasiselo, sengezwa. U-Oliver Cowdery ngaphambilini wayebekwe ukuba ahambise umbhalo owawulotshwe ngesandla owawuhlanganise izambulo nemiyalelo e-Independence, eMissouri, ukuze ucindezelwe. Kwakufanele futhi ahambe nemali eyayinikelelwe ukwakha iBandla eMissouri. Lesi sambulo siyala uJohn Whitmer ukuba aphelezele u-Oliver Cowdery futhi sitshela uWhitmer ukuba ahambe aqoqe konke okuphathelene nomlando obizweni lwakhe njengo mbhali womlando weBandla.

1–2, UJohn Whitmer kufanele aphelezele u-Oliver Cowdery ukuya eMissouri; 3–8, Kufanele naye futhi ashumayele futhi aqoqe, alobe, futhi abhale imininingwane yomlando.

1 Ngilaleleni, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, ukwenzela inceku yami au-Oliver Cowdery. Akukona ukuhlakanipha kimi ukuthi aphathiswe imiyalelo nezimali azozihambisa ezweni laseSiyoni, ngaphandle kubekhona ohamba naye ozoba neqiniso futhi athembeke.

2 Ngalokho-ke, mina, iNkosi, ngifisa kuba inceku yami, auJohn Whitmer, ahambe nenceku yami u-Oliver Cowdery;

3 Futhi nokuthi usazoqhubeka nokubhala futhi nokwenza aumlando wazo zonke izinto ezibalulekile ayozibona nayozazi ngokuphathelene nebandla lami;

4 Futhi nokuba athole aukwelulekwa nokusizwa yinceku yami u-Oliver Cowdery nabanye.

5 Futhi phezu kwalokho, izinceku zami ezindawo zonke emhlabeni kufanele zithumele imibiko angobuphathi bazo ezweni laseSiyoni;

6 Ngokuba izwe laseSiyoni liyoba yikomkhulu nendawo yokwemukela neyokwenza zonke lezi zinto.

7 Nokho, inceku yami uJohn Whitmer mayihambe izikhathi eziningi izindawo ngezindawo, futhi ibandla ngebandla, ukuze akwazi ukuthola kalula ulwazi—

8 Eshumayela futhi efundisa, ebhala, ekopisha, ehlunga, ethola zonke izinto eziyokuba yinzuzo ebandleni, futhi nokwenzela izizukulwane ezikhulayo eziyokhula ezweni lase aSiyoni, ukuze zibe nakho izizukulwane ngezizukulwana, phakade naphakade. Amen.