ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 12


Isigaba 12

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuJoseph Knight oMdala, eHarmony, ePennsylvania, ngoMeyi 1829. UJoseph Knight wayekholwa okwakushiwo nguJoseph Smith mayelana nokuthi wayenezingcwephe zeNcwadi kaMormoni, futhi mayelana nomsebenzi wokuhumusha owawuqhubeka ngaleso sikhathi futhi ezikhathini eziningi wayelokhu enikeza uJoseph Smith nombhali wakhe usizo lwezinto ezibonakalayo, okwabenza bakwazi ukuqhubeka nokuhumusha. Ngokucela kukaJoseph Knight, umPhrofethi wabuza iNkosi wasethola lesi sambulo.

1–6, Izisebenzi ensimini zizothola insindiso; 7–9, Bonke abafisayo futhi benamandla bangasiza emsebenzini weNkosi.

1 aUmsebenzi omkhulu nomangalisayo usuzoqala phakathi kwabantwana babantu.

2 Bheka, nginguNkulunkulu; naka izwi lami, elisheshayo futhi elinamandla, elibukhali ngaphezu kwenkemba ebukhali nhlangothi zombili, ukuhlukanisa ujuqu amalunga nomkantsha; ngakho-ke, naka izwi lami.

3 Bheka, insimu isimhlophe isilungele ukuvunwa; ngakho-ke, noma ubani onesifiso sokuvuna makashwibe isikela lakhe ngamandla, futhi avune ngesikhathi kusesemini, ukuze alondolozele umoya wakhe insindiso yaphakade embusweni kaNkulunkulu.

4 Yebo, yilowo nalowo ozoshwiba isikela lakhe futhi avune, nguye lowo obizwe nguNkulunkulu.

5 Ngakho-ke, uma uzocela kimi uyothola; uma uzongqongqotha uyovulelwa.

6 Manje, njengoba ucelile, bheka, ngithi kuwe, ngcina imiyalelo yami, futhi ufune ukuveza futhi umise inhloso yeSiyoni.

7 Bheka, ngikhuluma nawe, futhi nakubo bonke abanezifiso zokuveza futhi bamise lomsebenzi;

8 Futhi akekho noyedwa ongasiza kulomsebenzi ngaphandle uma aethobekile futhi egcwele buthando, enoku ckholwa, dnethemba, enesihe, enokuzithiba ezintweni zonke, kuzo zonke izinto ayophathiswa zona.

9 Bheka, ngingukukhanya nokuphila komhlaba, okhuluma lamazwi, ngakho-ke naka ngamandla akho, futhi emva kwalokho ubiziwe. Amen.