ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 4


Isigaba 4

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuyise, uJoseph Smith oMdala, eHarmony, ePennsylvania, ngoFebruwari 1829.

1–4, Ukusebenza ngesibindi kusindisa abafundisi beNkosi; 5–6, Isimilo sobunkulunkulu sibanika ikhono lobufundisi; 7, Izinto zikaNkulunkulu kufanele ziphokophelelwe.

1 Manje bhekani, aumsebenzi omangalisayo usuzoqala kubantwana babantu.

2 Ngakho-ke, O nina enenza aumsebenzi kaNkulunkulu, bonani ukuthi bnimsebenzela ngayo yonke cinhliziyo yenu, nangamandla, nangomqondo, nangomfutho, ukuze nime dningenacala phambi kukaNkulunkulu ngosuku lokugcina.

3 Ngakho-ke, uma ninentshisekelo yokusebenzela uNkulunkulu anibizelwe emsebenzini;

4 Ngokuba bhekani ainsimu imhlophe isilungele bukuvunwa; futhi bheka, lowo oshwiba isikela lakhe ngamandla akhe, yena lowo uzilondolozela ukuthi cangashatshalaliswa, kodwa uzilethela insindiso emoyeni wakhe;

5 Futhi aukholo, bithemba, cisihe, dnothando, engeso eliqonde finkazimulo kaNkulunkulu, kumnika ikhono lalomsebenzi.

6 Khumbula ukholo, aubumsulwa, ulwazi, ukuzithiba, bisineke, umusa wobuzalwane, ubunkulunkulu, isihe, cukuzithoba, dnokuzikhandla.

7 aCela, futhi uzophiwa; ngqongqotha, futhi uzovulelwa. Amen.