ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 126


Isigaba 126

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, endlini kaBrigham Young, eNauvoo, e-Illinois, ngomhlaka 9 Julayi 1841. Ngalesi sikhathi uBrigham Young wayenguMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili.

1–3, UBrigham Young uyanconywa ngemisebenzi yakhe futhi uyakhululwa ekuhambeni ndawo zonke ngesikhathi esizayo.

1 Mfowethu othandiweyo nothandeka kakhulu, auBrigham Young, ngiqinisile isho kanje iNkosi kuwe: Nceku yami uBrigham, akusadingekile esandleni sakho ukushiya umndeni wakho njengase zikhathini eziphambili, ngokuba umnikelo wakho wamukelekile kimi.

2 Ngiwubonile aumsebenzi wakho futhi nokuzikhandla kwakho ekuhambeleni igama lami.

3 Ngakho-ke ngikuyala ukuba uthumele izwi lami ndawo zonke, futhi unakekele kakhulu aumndeni wakho kusukela manje, naphakade. Amen.