ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 31


Isigaba 31

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuThomas B. Marsh, ngoSeptemba 1830. Kwakumasinyane nje emva komhlangano weBandla (bheka isihloko sesigaba 30). UThomas B. Marsh wayebhabhadiswe ekuqaleni kwalenyanga futhi wagcotshelwa ubugosa eBandleni ngaphambi kokuba kunikwe lesi sambulo.

1–6, UThomas B. Marsh ubizelwa ukushumayela ivangeli futhi uyaqinisekiswa ngenhlalakahle yomndeni wakhe; 7–13, Uyalwa ukuba abekezele, akhuleke njalo, futhi alandele uMduduzi.

1 aThomas, ndodana yami, ubusisiwe ngenxa yokholo lwakho emsebenzini wami.

2 Bheka, usube nenhlupheko eningi ngenxa yomndeni wakho; nokho, ngizokubusisa wena nomndeni wakho, yebo, nabantwana bakho; futhi usuku luyeza lapho beyokholwa futhi balazi iqiniso futhi babemunye nawe ebandleni lami.

3 Phakamisa inhliziyo yakho uthokoze, ngokuba ihora lomsebenzi wakho wokufundisa ivangeli lifikile; futhi ulimi lwakho luyokhululwa, futhi uyomemezela aizindaba ezimnandi zentokozo enkulu kulesi sizukulwane.

4 aUyomemezela izinto ezambulwe encekwini yami uJoseph Smith, omNcane. Uyoqala ukushumayela kusuka kulesi sikhathi kuya phambili, yebo, ukuvuna ensimini besimhlophe esilungele ukushiswa.

5 Ngakho-ke, ashwiba isikela lakho ngawo wonke umphefumulo wakho, futhi izono zakho bzithethelelwe, futhi uzothwala cizithungu emhlane wakho, ngokuba disisebenzi sifanelwe inkokhelo yaso. Ngalokho-ke, umndeni wakho uyophila.

6 Bheka, ngiqinisile ngithi kuwe, suka kubo isikhathi esincane kuphela, futhi ushumayele izwi lami, futhi ngizobalungisela indawo.

7 Yebo, angizozivula izinhliziyo zabantu, futhi bazokwemukela. Futhi ngizokwakha ibandla ngesandla sakho;

8 Futhi auzobaqinisa futhi ubalungisele isikhathi lapho bezoqoqwa khona.

9 aBekezela bezinhluphekweni, ungabethuki labo abethukayo. Busa cindlu yakho ngobumnene, futhi uqine.

10 Bheka, ngithi kuwe uyokuba ngumelaphi webandla, kodwa ungabi ngowomhlaba, ngokuba ngeke bakwemukele.

11 Hamba endleleni yakho noma yikuphi lapho ngizokuthumela khona, futhi uzokwambulelwa anguMduduzi ukuthi uzokwenzani nokuthi uzoya kuphi.

12 aKhuleka njalo, funa ungene bekulingweni futhi ulahlekelwe wumvuzo wakho.

13 aThembeka kuze kube sekugcineni, futhi bheka, bnginawe. Lawa mazwi akuwona awomuntu noma abantu, kodwa ngawami, ngisho uJesu Kristu, umHlengi wakho, cngentando kababa. Amen.