ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 122


Isigaba 122

Izwi leNkosi kuJoseph Smith umPhrofethi, ngesikhathi eyisiboshwa etilongweni laseLiberty, eMissouri, ngoMashi, 1839. Lesi sigaba siyingxenye ethathwe encwadini ayibhalela iBandla ngosuku langomhlaka 20 Mashi, 1839 (bheka isihloko sesigaba 121).

1–4, Umhlaba wonke uzobuza ngegama likaJoseph Smith; 5–7, Bonke ubungozi nokuzwa kwakhe ubuhlungu kuyomnika ithuba lokuzizwela nokuzibonela futhi kumnike inzuzo; 8–9, Indodana yoMuntu ikuzwe konke.

1 Umhlaba wonke uyobuza angegama lakho, futhi iziwula ziyokudelela, futhi isihogo siyolwa nawe ngolaka olukhulu.

2 Kodwa abamsulwa ngenhliziyo, futhi abahlakaniphile, naba nobuntu, nabalungile, bayofuna aukwelulekwa, negunya, nezibusiso njalo ngaphansi kwesandla sakho.

3 Futhi abantu bakho ngeke bakuphendukele ngobufakazi bamambuka.

4 Futhi nakuba umthelela wabo uyokufaka ezinkathazweni, nasejele, uyohlonishwa; futhi ngaphandle akwesikhashana kuphela izwi lakho liyokwesabeka phakathi kwezitha zakho kune bbhubesi elinolaka, ngenxa yokulunga kwakho; futhi uNkulunkulu wakho uyoma eduze kwakho phakade naphakade.

5 Uma ubizelwa ukudlula osizini; uma usebungozini phakathi kwalabo owakhe nabo abangama mbuka; uma usebungozini phakathi kwabaphangi; uma usebungozini ezweni noma olwandle;

6 Uma ubekwa icala ngazo zonke izindlela zamanga zokubekwa icala; uma izitha zakho zikuhlasela; uma bekwahlukanisa noyihlo nonyoko nabafowenu nodadewenu; futhi uma ngenkemba izitha zakho zikuhlukanisa nomfazi wakho, nabantwana bakho, futhi nendodana yakho endala, nakuba ineminyaka eyisithupha kuphela ubudala, iyonamathela ezingubeni zakho, futhi ithi: Baba, baba, kungani ungahlali nathi na? O, baba, azokwenzani lamadoda na? futhi uma emva kwalokho iyohlukaniswa nawe ngempoqo ngenkemba, futhi bakuhudulele etilongweni, futhi izitha zakho zikuzulumba njenge azimpisi zifuna igazi lemvana;

7 Futhi uma uphonswa emgodini, noma ezandleni zababulali, futhi ugwetshwa isigwebo sokufa; uma uphonswa aekujuleni; uma amagagasi aphakamayo ekwenzela uzungu; uma izivunguvungu ziba yisitha sakho; uma isibhakabhaka siba mnyama, futhi imvelo ihlangana yonke ukuvimba indlela; futhi phezu kwakho konke, uma imihlathi ye bsihogo uqobo iyokuvulela umlomo kakhulu, wokwazi, ndodana yami, ukuthi zonke lezi zinto ziyokunika ithuba lo ckuzizwela nokuzibonela, futhi ziyokuba yinzuzo kuwe.

8 aINdodana yoMuntu bikuzwe konke. Ngabe umkhulu kunayo na?

9 Ngakho-ke, bambelela endleleni yakho, futhi ubuphristi abuyohlala kuwe; ngokuba bimikhawulo yabo ibekiwe, ngeke bayidlule. cIzinsuku zokuphila zakho ziyaziwa, futhi iminyaka yakho ngeke incishiswe; ngakho-ke, dungakwesabi umuntu angakwenza, ngokuba uNkulunkulu uyoba nawe phakade naphakade.