ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 83


Isigaba 83

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, e-Independence, eMissouri, ngomhlaka 30 Epreli 1832. Lesi sambulo satholakala ngesikhathi umPhrofethi ehleli emkhandlwini nabazalwane bakhe.

1–4, Abesifazane nabantwana banelungelo lokondliwa ngabayeni noyise; 5–6, Abafelokazi nezintandane banelungelo lokondliwa yiBandla.

1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi, ngaphezulu kwemithetho yebandla ngokuphathelene nabesifazane nabantwana, labo abangabebandla, aasebelahlekelwe ngabayeni noma oyise:

2 Abesifazane abanelungelo lokondliwa ngabayeni babo, baze abayeni babo bathathwe yiNkosi; futhi uma bengatholwanga bephambuka bayoba nobulungu ebandleni.

3 Futhi uma bengathembekile ngeke babe nobulungu ebandleni; nokho bangaphila ngamafa abo ngokwemithetho yezwe.

4 Bonke aabantwana banelungelo lokondliwa ngabazali babo baze babe neminyaka yobudala.

5 Futhi emva kwalokho, banelungelo lokondliwa yibandla, noma ngamanye amazwi aendlini yengcebo yeNkosi, uma abazali babo bengenakho abangabanika ngakho amafa.

6 Futhi indlu yengcebo iyogcinwa ngeminikelo yebandla; futhi aabafelokazi nezintandane bayokondliwa khona, ngokunjalo bnabampofu. Amen.