ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 116


Isigaba 116

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eduze nesiKebhe sikaWight, endaweni ebizwa ngokuthi iSpring Hill, esiFundeni saseDaviess, eMissouri, ngomhlaka 19 Meyi, 1838.

1 ISpring Hill ibizwa yiNkosi nge-Adamu-ondi-Ahman, ngokuba, kusho yona, kuyindawo lapho u-Adamu eyoza khona ukuzovakashela abantu bakhe, noma oMdala weziNsuku eyohlala khona, njengoba kukhulunywe ngakho nguDaniyeli umphrofethi.