ImiBhalo eNgcwele
Joseph Smith—Mathewu 1


Joseph Smith—Mathewu

Lena yingxenye ethathwe ekuhunyushweni kweBhayibheli njengoba yembulwa kuJoseph Smith umPhrofethi ngo1831: NgokukaMathewu 23:39 nesahluko 24.

Isahluko 1

UJesu ubikezela ngokubhujiswa okuzokwenzeka kweJerusalema—Futhi ukhuluma ngokuZa kwesiBili kweNdodana yoMuntu, nokubhujiswa kwababi.

1 Ngokuba ngithi kini, ngeke ningibone kusuka manje futhi nazi ukuthi nginguye okubhalwe ngaye ngabaphrofethi, nize nithi: Ubusisiwe aozayo egameni leNkosi, ngamafu asezulwini, nazo zonke izingelosi ezingcwele ezikanye naye. Emva kwalokho base beqonda abafundi bakhe ukuthi kufanele eze futhi emhlabeni, emva kwalokho wakhazimuliswa futhi waqheliswa ngakwesokunene isandla sika bNkulunkulu.

2 Futhi uJesu waphuma, wahamba walishiya ithempeli; abafundi bakhe beza kuye, ukuzomlalela, bethi: Nkosi, sitshengise ngokuphathelene nezakhiwo zethempeli, njengoba wawuthe—Ziyobhujiswa, futhi zisale zingenamuntu.

3 Futhi uJesu wathi kubo: Aniziboni yini zonke lezi zinto, futhi aniziqondi yini na? Ngiqinisile ngithi kini, akuyikusala, phezu kwaleli thempeli, aitshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.

4 Futhi uJesu wabashiya, waya kuyo aiNtaba yeMinqumo. Futhi ngesikhathi esahlezi eNtabeni yeMinqumo, abafundi beza kuye ngasese, bethi: Sitshele ziyoba nini lezi zinto osuzishilo ngokuphathelene nokubhujiswa kwethempeli, namaJuda na?; futhi yisiphi bisibonakaliso csokuza kwakho, neso dkuphela komhlaba, noma ukubhujiswa ekwababi, okungukuphela komhlaba na?

5 Futhi uJesu waphendula, wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu;

6 Ngokuba kuyokuza abaningi ngegama lami, bethi—NginguKristu—futhi bayodukisa abaningi;

7 Emva kwalokho bayoni nikela ukuba anihlushwe, futhi bayonibulala, futhi niyoba ngaba bzondwa yizizwe zonke, ngenxa yegama lami;

8 Futhi emva kwalokho baningi abayokhubeka, futhi bayokhaphelana, futhi bayozondana;

9 Futhi kuyovela abaphrofethi bamanga abaningi, futhi bayodukisa abaningi;

10 Futhi ngenxa yokuthi ububi buyokwanda, authando lwabaningi luyophela;

11 Kodwa lowo oqinayo futhi nonganqotshwa, nguye oyosindiswa.

12 Ngakho-ke, uma senibona aincithakalo yesinengiso, eyashiwo ngu bDaniyeli umphrofethi, ngokuphathelene nokubhujiswa ckweJerusalema, ngaleso sikhathi niboma kuyo dindawo engcwele; lowo ofundayo makaqonde.

13 Ngaleso sikhathi abaseJudiya maba balekele kuzo aizintaba;

14 Lowo ophezu kwendlu makabaleke, futhi angabuyi ukuzothatha noma yini endlini yakhe;

15 Futhi nalowo osensimini makangabuyeli emuva ukuzothatha izingubo zakhe;

16 Futhi maye kulabo aba akhulelweyo, nakulabo abancelisayo ngalezo zinsuku;

17 Ngakho-ke, khulekani eNkosini ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika, noma ngosuku lweSabatha;

18 Ngokuba ngaleso sikhathi, kulezo zinsuku, luyoba lukhulu usizi ku amaJuda, nakubantu base bJerusalema, olungakaze lubekhona phambilini kwa-Israyeli, oluvela kuNkulunkulu, kusukela ekuqaleni kombuso wabo kuze kube yilesi sikhathi; cha, futhi alusophinde luthunyelwe futhi ku-Israyeli.

19 Zonke izinto ezibehleleyo ziyisiqalo sosizi oluyoza kubo.

20 Futhi ngaphandle kokuba lezo zinsuku zifinyezwe, akufanele nasicubu senyama yabo isindiswe; kepha ngenxa yabakhethiweyo, ngokwesivumelwano, lezo zinsuku ziyofinyezwa.

21 Bhekani, lezi zinto ngizikhulume kini ngokuphathelene namaJuda; futhi phezu kwalokho, emva kosizi lwalezo zinsuku oluzokwehlela iJerusalema, uma kukhona oyothi kini, Bhekani, nangu uKristu, noma nanguya, ningamukholwa;

22 Ngokuba kulezo zinsuku kuyovela futhi oKristu bamanga, nabaphrofethi bamanga, futhi bayotshengisa izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, kangangoba, uma kungenzeka, bayodukisa nabakhethiweyo uqobo, abakhethiweyo ngokwesivumelwano.

23 Bhekani, ngikhuluma kini lezi zinto ngenxa ya abakhethiweyo; futhi niyophinde nizwe nge bzimpi, nangamahemuhemu ezimpi; bhekani ningakhathazeki, ngokuba konke enginitshele kona kumele kwenzeke; kodwa isiphelo asikakafiki.

24 Bhekani, nginitshelile phambilini;

25 Ngalokho-ke, uma bethi kini: Bhekani, usogwadule; ningayi: Bhekani, usemagunjini afihlekileyo; ningakukholwa lokho;

26 Ngokuba njengokukhanya kokusa kuphuma aempumalanga, futhi kukhazimula ngisho nasentshonalanga, futhi kugcwalisa wonke umhlaba, kuyoba njalo futhi nokuza kweNdodana yoMuntu.

27 Manje senginifundisa ngomfanekiso. Bhekani, nomaphi lapho kukhona isidumbu khona, kulapho amanqe eyobuthana khona; kanjalo-ke nabakhethiweyo bami bayo aqoqwa besuka emagunjini amane omhlaba.

28 Futhi bayokuzwa ngezimpi, nangamahemuhemu ezimpi.

29 Bhekani ngikhuluma ngenxa yabakhethiweyo bami; ngokuba isizwe siyovukela isizwe, umbuso uyovukela umbuso; kuyoba khona aindlala, umashaya-bhuqe wezifo, nokuzamazama komhlaba, ezindaweni ezahlukene.

30 Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi ububi buyokwanda, uthando lwabantu luyophela; kodwa lowo ongeke anqotshwe, nguye oyosindiswa.

31 Futhi phezu kwalokho, leliVangeli loMbuso liyoshunyayelwa kuwo wonke aumhlaba, libe wubufakazi ezizweni zonke, futhi emva kwalokho isiphelo siyofika, noma ukubhujiswa kwababi;

32 Futhi phezu kwalokho incithakalo yesinengiso, eyashiwo nguDaniyeli umphrofethi, iyofezeka.

33 Futhi masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku, ailanga liyofiphala, nenyanga ngeke ikukhiphe ukukhanya kwayo, nezinkanyezi ziyowa ezulwini, namandla ezulu ayozanyazanyiswa.

34 Ngiqinisile, ngithi kini, lesi sizukulwane, okuyotshengiswa kuso lezi zinto, ngeke sidlule kuze kube konke enginitshele kona kuyafezeka.

35 Nakuba, izinsuku ziyofika, lapho izulu nomhlaba kuyodlula; kodwa aamazwi ami ngeke adlula, kodwa konke kuyofezeka.

36 Futhi, njengoba ngasho ngaphambili, emva ko asizi lwalezo zinsuku, amandla amazulu ayozanyazanyiswa, emva kwalokho kuyovela uphawu lweNdodana yoMuntu ezulwini, emva kwalokho zonke izizwana zomhlaba ziyolila; futhi ziyoyibona iNdodana yoMuntu biza emafwini ezulu, ngamandla nangenkazimulo enkulu;

37 Futhi lowo ogcina aizwi ami, ngeke adukiswa, ngokuba iNdodana yoMuntu iyoza, futhi iyothumela bizingelosi zayo phambi kwayo ngezwi elikhulu lecilongo, futhi ziyo cqoqa ndawonye insali yabakhethiweyo bakhe kumagumbi omane, kusuka emkhawulweni wezulu kuya komunye.

38 Manje fundani ngomfanekiso we asihlahla somkhiwane—Uma amagatsha aso esethambile, futhi sesiqala ukukhipha amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo selisondele;

39 Kanjalo-ke, nabakhethiweyo bami, uma sebebona zonke lezi zinto, bayokwazi ukuthi useseduze, ngisho eminyango;

40 Kodwa lolo suku, nehora, akekho aolaziyo; Cha, ngisho nezingelosi zikaNkulunkulu ezulwini, kodwa wuBaba kuphela.

41 Kodwa njengoba kwakunjalo ezinsukwini zika aNowa, kuyoba njalo futhi ekuzeni kweNdodana yoMuntu;

42 Ngokuba kuyoba kubo, njengoba kwakunjalo ezinsukwini ezazingaphambi kwe asikhukhula; ngokuba kuze kube wusuku lapho uNowa engena emkhunjini babedla futhi bephuza, begana futhi bendiswa;

43 Futhi abazanga kwaze kwafika isikhukhula, sabathatha bonke; kuyoba kanjalo-ke nokuza kweNdodana yoMuntu.

44 Ngaleso sikhathi kuyofezeka lokho okulotshiweyo, ukuthi nge azinsuku zokugcina, ababili bayoba sensimini, oyedwa uyothathwa, futhi omunye uyo bshiywa;

45 Ababili bayobe begaya etsheni, oyedwa uyothathwa, futhi omunye uyoshiywa;

46 Futhi engikusho koyedwa, ngikusho kubo bonke abantu; ngakho-ke, aqaphelani, ngokuba anilazi ihora iNkosi yenu eyofika ngalo.

47 Kepha yazini lokhu, uma umninindlu ubesazi isikhathi isela eliyofika ngaso, ubeyoqapha, futhi ubengeke avumele indlu yakhe ibodlozwe, kepha ubeyozilungiselela.

48 Ngakho-ke nani futhi lungani, ngokuba ngehora enigalicabangiyo, iNdodana yoMuntu iyoza.

49 Uma kunjalo-ke ngubani oyinceku aethembekileyo nehlakaniphileyo, owenziwe yinkosi yakhe waba ngumbusi phezu kwekhaya lakhe, ukuba abanike ukudla ngesikhathi esifanele?

50 Ibusisiwe leyo nceku inkosi yayo, uma ifika, eyomthola enza lokho; futhi ngiqinisile ngithi kini, iyomenza abe ngumbusi phezu kwayo yonke impahla yayo.

51 Kepha uma leyonceku embi iyothi enhliziyweni yayo: Inkosi yami iyaku alibazisa ukuza kwayo,

52 Futhi isiyoqala ukushaya izinceku esebenza nazo, futhi idle iphuze nabadakiweyo,

53 Inkosi yaleyo nceku iyofika ngosuku lapho inganakile, futhi ngehora engalaziyo,

54 Futhi iyomjezisa, futhi imnike indawo yakhe nabazenzisi; lapho kuyoba khona ukukhala noku agedla kwamazinyo.

55 Futhi kuyoza kanjalo-ke aukuphela kwababi, njengokwesi phrofetho sikaMose, ethi: Bayosuswa phakathi kwabantu; kepha ukuphela komhlaba akukafiki, kepha maduze.