ImiBhalo eNgcwele
Umfanekiso Owesithathu


Umfanekiso othathwe eNcwadini ka-Abrahama

Owesithathu

Isithombe
Umfanekiso Owesithathu

Incazelo

Umdwebo 1. U-Abrahama ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaFaro, ngomusa wenkosi, nomqhele ekhanda lakhe, okhombisa ubuPhristi, okuwuphawu lobuMongameli obukhulu kakhulu eZulwini; nentonga yokulunga nokwahlulela esandleni sakhe.

Umdwebo 2. INkosi uFaro, igama lakhe elikhonjiswe ngokulotshiweyo ngaphezu kwekhanda lakhe.

Umdwebo 3. Ukhombisa u-Abrahama eseGibithe njengoba kukhonjisiwe futhi kuwo umdwebo weshumi womfanekiso wokuqala.

Umdwebo 4. Inkosana kaFaro, iNkosi yaseGibithe, njengoba kubhalwe ngaphezu kwesandla.

Umdwebo 5. UShulemu, enye yezikhonzi zenkosi, njengoba kukhonjiswe ngokulotshiweyo ngaphezu kwesandla sakhe.

Umdwebo 6. U-Olimla, isigqila senkosana yenkosi.

U-Abrahama uchazela abantu abaseduze neNkosi amaqiniso eziNkanyezi.