ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 24


Isahluko 24

U-Israyeli uzoqoqwa futhi uzothokozela ukuphumula ngeminyaka eyinkulungwane—ULusifa walahlwa ngaphandle kwasezulwini ngenxa yokuhlubuka—U-Israyeli uzoyinqoba iBabiloni (umhlaba)—Qhathanisa no-Isaya 14. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba iNkosi izoba nesihawu kuJakobe, futhi aisazomkhetha u-Israyeli, futhi ibabeke ezweni labo uqobo; babafokazi bayohlanganiswa nabo, futhi bayonamathela endlini kaJakobe.

2 aFuthi abantu bayobathatha bababuyisele endaweni yabo; yebo, kusuka kude le emikhawulweni yomhlaba; futhi bayobuyela bemazweni abo esethembiso. Futhi bayoba ngabendlu ka-Israyeli, futhi izwe leNkosi liyoba cngelezinceku kanye nezincekukazi; futhi bayobathatha babathumbe labo ababe kade bebathumbile; futhi bayobusa phezu kwabacindezeli babo.

3 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku ukuthi iNkosi iyokunika aukuphumula, ezinsizini zakho, nasekwesabeni kwakho, nasebugqilini obunzima owenziwa ukuthi usebenze kubo.

4 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku, ukuthi uyosho lesisaga ngenkosi ayaseBabiloni, uthi: Uphela kanjani umcindezeli, umuzi wegolide uphela kanjani!

5 INkosi iluphulile udondolo lwababi, ubhoko lwababusi.

6 Lowo oshaya abantu entukuthelweni ngokushaya okunganqamukiyo, lowo obusa izizwe ngolaka, uhlushiwe, futhi akekho namunye okunqandayo.

7 Wonke umhlaba usekuphumuleni, futhi uthule; baqhumuka angokuhlabelela.

8 Yebo, aimisayipuresi iyathokoza ngawe, futhi ngokunjalo nemisedari yaseLebanoni, ithi: Selokhu bwalaliswa phansi akukho mgawuli okhuphukela kithi.

9 aIsihogo ngaphansi sinyakaziselwe wena ukukuhlangabeza ekubuyeni kwakho; sikuphehlela babafileyo, ngisho nabo bonke abakhulu bomhlaba; siphakamisele phezulu ezihlalweni zabo zobukhosi wonke amakhosi ezizwe.

10 Bonke bayokhuluma futhi bathi kuwe: Ngabe nawe futhi usubuthakathaka njengathi na? Ngabe nawe usufana nathi na?

11 Ubukhosi bakho buhliselwe phansi ethuneni; umsindo wamavayolina akho awuzwakali; izimpethu zenekiwe phansi kwakho, futhi izimpethu ziyakumboza.

12 aNgabe uwe kanjani ezulwini, O bLusifa, ndodana yokusa! Ngabe unqunyelwe phansi yini, wena owenza buthakathaka izizwe!

13 Ngokuba uthe enhliziyweni yakho: aNgizonyukela ezulwini, ngizophakamisela isihlalo sami sobukhosi ngaphezulu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; phezu kwalokho ngizohlala entabeni yomhlangano, ngasekugcineni bkwasenyakatho;

14 Ngizokwenyukela ngaphezulu kwamafu; ngizokuba njengoPhakeme kaKhulu.

15 Kodwa uyokwehliselwa phansi esihogweni, ekugcineni akomgodi.

16 Labo abakubonayo abayokubhekisisa, futhi bayokuthi: Ngabe nguye yini lomuntu owenza ukuthi umhlaba udikize, lowo owazamazamisa imibuso na?

17 Futhi owenza umhlaba waba njengehlane, wabhubhisa amadolobha awo, futhi wangayivula indlu yeziboshwa zakhe na?

18 Wonke amakhosi ezizwe, yebo, wonke, alele ngodumo, yileyo naleyo yawo aendlini yayo.

19 Kepha wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho anjengegatsha elinengekile, futhi insalela yalabo ababulewe, bagwazwa ngenkemba, labo abehlela ezansi bematsheni omgodi; njengesidumbu sinyathelwa ngaphansi kwezinyawo.

20 Awuyikuhlanganiswa nabo ekungcwatshweni, ngenxa yokuthi ulibhubhisile izwe lakho futhi wabulala abantu bakho; ainzalo byabenzi bobubi ayiyikuba nasithunzi nanini.

21 Lungiselela ukubulala abantwana bakhe ngenxa ayobubi boyise, ukuze bangavuki, noma bazuze izwe, noma bagcwalise ubuso bomhlaba ngamadolobha.

22 Ngokuba ngiyobavukela, kusho iNkosi yamaBandla, futhi ngibulale eBabiloni aigama, kanye nensalela, nendodana, kanye bnomshana, kusho iNkosi.

23 Phezu kwalokho ngiyoyenza aibe yifa likanondwebu, kanye namachibi amanzi; futhi ngiyoyishanela ngomshanelo wembubhiso, kusho iNkosi yamaBandla.

24 INkosi yamaBandla ifungile, ithi: Ngempela njengoba ngikucabangile, kuyokwenzeka kanjalo; futhi njengokunquma kwami, kuyokuma kanjalo—

25 Ukuthi ngiyoletha aum-Asiriya ezweni lami, futhi bezintabeni zami ngimnyathele ngaphansi kwezinyawo; ngaleso sikhathi cijoka lakhe liyosuka kubo, futhi nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.

26 aLena yinhloso ehloswe phezu komhlaba wonke; futhi lesi yisandla eselulelwe phezu kwezizwe zonke.

27 Ngokuba iNkosi yamaBandla ikuhlosile, futhi ngubani oyokuchitha na? Futhi isandla sayo seluliwe, futhi ngubani oyosibuyisela emuva na?

28 aNgonyaka wokufa kwenkosi bu-Ahazi kwavela lesi sibikezelo.

29 Ungathokozi wena, Filistiya yonke, ngenxa yokuthi induku yalowo okushayile yephukile; ngokuba empandeni yenyoka kuyophuma umantshingeyana, futhi isithelo sakhe siyokuba yinyoka endizayo enomlilo.

30 Futhi izibulo lompofu liyokondliwa, futhi abasweleyo bayolala phansi bavikeleke; futhi ngiyoyibulala impande yakho ngendlala, futhi uyobulala insalela yakho.

31 Hewula, O sango; khala O dolobha; wena, Filistiya yonke, uncibilikile; ngokuba kuyovela enyakatho intuthu, futhi akekho namunye oyoba yedwa ngezikhathi zakhe ezibekiwe.

32 Uma kunjalo ziyonika yiphi impendulo izithunywa zesizwe na? Ukuthi iNkosi iyitholile aiSiyoni, futhi babampofu babantu bayo bayophephela kuyo.