ImiBhalo eNgcwele
Jakobe 7


Isahluko 7

USheremi uphika uKristu, uphikisana noJakobe, ufuna isibonakaliso, futhi ushaywa nguNkulunkulu—Bonke abaphrofethi bakhuluma ngoKristu kanye nangenhlawulo Yakhe—AmaNefi aphila izinsuku zawo njengabazulazulayo, bazalelwa ekuhluphekeni, futhi bazondwa ngamaLamani. Cishe ngonyaka wama 544 kuya kowama 421 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka emva kokuthi sekwedlule iminyaka embalwa, kwafika indoda phakathi kwabantu baNefi, egama layo kwakunguSheremi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi yaqala ukushumayela phakathi kwabantu, nokumemezela kubo ukuthi angeke abe khona uKristu. Futhi yashumayela eziningi izinto ezazibathopha abantu; futhi yakwenza lokhu ukuze ichithe imfundiso kaKristu.

3 Futhi yasebenza ngokukhuthala ukuze iholele kude izinhliziyo zabantu, kangangokuthi nempela yaziholela kude eziningi izinhliziyo; futhi yazi ukuthi mina, Jakobe, nganginokholo kuKristu owayezofika, yalifuna kakhulu ithuba ukuze ize kimi.

4 Futhi yayifunde, kangangokuthi yayinolwazi oluphelele lolimi lwabantu; ngalokho-ke, yayikwazi ukusebenzisa ukuthopha okuningi, kanye namandla amakhulu okukhuluma, ngokwamandla kadeveli.

5 Futhi yayinethemba lokunginyakazisa okholweni, nakuba ngase ngibone aizambulo kanye nezinto eziningi mayelana nalezi zinto; ngokuba ngempela ngase ngizibonile izingelosi, futhi zase zingisebenzele. Futhi phezu kwalokho, ngase ngilizwile izwi leNkosi uqobo likhuluma kimi, izikhathi ngezikhathi; ngalokho-ke, ngangingenakunyakaziseka.

6 Futhi kwenzeka ukuthi yeza kimi, futhi nempela yakhuluma kimi ngalendlela, ithi: Mfowethu uJakobe, sengilifune kakhulu ithuba lokuthi ngikhulume kuwe; ngokuba ngizwile futhi phezu kwalokho ngiyazi ukuthi wena uhamba kakhulu, ushumayela lokho okubiza ngevangeli, noma imfundiso kaKristu.

7 Futhi usuholele kude abaningi balaba bantu ukuze baphendukezele indlela eqondile kaNkulunkulu, futhi abangawugcini umthetho kaMose oyindlela eqondile; futhi nokuthi bawuguqule umthetho kaMose kukhonzwe umuntu wena othi uyofika eminyakeni engamakhulu amaningi ezayo. Manje bheka, mina, Sheremi, ngimemezela kuwe ukuthi lokhu ngukuhlambalaza; ngokuba akukho muntu owaziyo ngalezi zinto ezinje; ngokuba bakanakukwazi ukwazisa ngezinto ezisazofika. Futhi nempela uSheremi waphikisana nami ngalendlela.

8 Kodwa bheka, iNkosi uNkulunkulu yathela auMoya wayo emphefumulweni wami, kangangokuthi nempela ngamthobisa kuwo wonke amazwi akhe.

9 Futhi ngathi kuye: Uyamphika yini uKristu ozofika na? Yena wathi: Uma kuzobakhona uKristu, anginakumphika; kodwa ngiyazi ukuthi akukho Kristu, nokuthi akakaze abe khona, futhi akasoze aba khona.

10 Futhi ngathi kuye: Ngabe uyayikholwa yini imibhalo engcwele na? Yena wathi, Yebo.

11 Futhi ngathi kuye: Uma kunjalo-ke awuyiqondi; ngokuba ngempela ifakaza ngoKristu. Bheka, ngithi kuwe akekho namunye umphrofethi obhalile, noma aophrofethile, ngaphandle kokuthi ekhulume mayelana naloKristu.

12 Futhi akusikho lokhu kuphela—kubonakalisiwe futhi kimi, ngokuba ngizwile futhi ngabona; futhi phezu kwalokho kubonakalisiwe kimi angamandla kaMoya oyiNgcwele; ngalokho-ke, ngiyazi ukuthi uma kungekho nhlawulo engenziwa bonke abantu kufanele bbalahleke.

13 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kimi: Ngikhombise aisibonakaliso ngalamandla kaMoya oyiNgcwele, owazi kangaka ngawo.

14 Futhi ngathi kuye: Ngingubani mina ukuthi ngingalinga uNkulunkulu ukuthi akhombise wena isibonakaliso ngento oyaziyo ukuthi aiyiqiniso na? Noma kunjalo uyayiphika, ngenxa yokuthi bungokadeveli. Nokho, makungenziwa intando yami; kodwa uma uNkulunkulu ezokushaya, lokho makube yisibonakaliso kuwe ukuthi yena unamandla, ezulwini kanye nasemhlabeni; futhi, nokuthi uKristu uyofika. Futhi intando yakho, O Nkosi, mayenziwe, hhayi eyami.

15 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi mina, Jakobe, sengiwakhulumile lamazwi, amandla eNkosi ehlela kuye, kangangokuthi wawela phansi. Futhi kwenzeka ukuthi wondliwa isikhathi esiyizinsuku eziningi.

16 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kubantu: Qoqanani ndawonye kusasa, ngokuba ngizofa; ngalokho-ke, ngifisa ukukhuluma kubantu ngaphambi kokuthi ngife.

17 Futhi kwenzeka ukuthi ngakusasa isixuku saqoqana ndawonye; futhi wakhuluma ngokusobala kuso futhi waziphika izinto ayebafundise zona, futhi wamvuma uKristu, kanye namandla kaMoya oyiNgcwele, kanye nokusetshenzelwa yizingelosi.

18 Futhi wakhuluma ngokusobala kubo, ukuthi awayekhohliswe ngamandla bkadeveli. Futhi wakhuluma ngesihogo, kanye nangephakade, kanye nangesijeziso esingapheliyo.

19 Futhi wathi: Ngiyesaba hleze sengenze aisono esingaxoleleki, ngokuba ngiqambe amanga kuNkulunkulu; ngokuba ngiphike uKristu, futhi ngathi ngiyayikholwa imibhalo engcwele; futhi ngempela ifakaza ngaye. Futhi ngenxa yokuthi ngiqambe amanga kuNkulunkulu ngiyesaba kakhulu hleze icala lami libe blibi kakhulu; kodwa ngiyahlambuluka kuNkulunkulu.

20 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi esewashilo lamazwi akabange esakwazi ukusho amanye, futhi wabe aesefa.

21 Futhi emva kokuthi isixuku sesibonile ukuthi wakhuluma lezi zinto ngesikhathi esezofa, bamangala kakhulu; kangangokuthi amandla kaNkulunkulu ehlela phezu kwabo, futhi aabanqoba kangangokuthi bawela phansi.

22 Manje, lento yayithokozisa kimi, uJakobe, ngokuba ngangiyicelile kuBaba osezulwini; ngokuba wakuzwa ukukhala kwami futhi wawuphendula umthandazo wami.

23 Futhi kwenzeka ukuthi ukuthula kanye nothando lukaNkulunkulu lwabuyiselwa futhi phakathi kwabantu; futhi abayicwaninga imibhalo engcwele, futhi bangaphinde balalela amazwi alendoda embi.

24 Futhi kwenzeka ukuthi izindlela eziningi zazisungulelwe aukuguqula kanye nokubuyisela amaLamani ekwazini iqiniso; kodwa konke lokhu kwaba byize, ngokuba ayethokozela cizimpi kanye dnokuchitha igazi, futhi eayenenzondo engapheliyo ngokumelene nathi, abafowabo. Futhi afuna ngamandla ezingalo zawo ukusibhubhisa njalonjalo.

25 Ngalokho-ke, abantu baNefi nempela baziqinisa ngokumelene nawo ngezikhali zabo, kanye nangawo wonke amandla abo, bethembele kuNkulunkulu aoyidwala lensindiso yabo; ngalokho-ke, baqhubeka okwaleso sikhathi, baba ngabanqobi bezitha zabo.

26 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Jakobe, ngaqala ukuba mdala; futhi imibhalo yalaba bantu njengoba igcinwe akwezinye izingcwephe zikaNefi, ngalokho-ke, ngiyawuphetha lombhalo, ngiqinisa ukuthi ngibhale njengokolwazi lwami, ngokusho ukuthi isikhathi sedlula nathi, futhi phezu kwalokho bnezimpilo zethu zedlula kwasengathi kwakunjengephupho kithi, thina singabantu abanesizungu futhi abanesizotha, singabazulazulayo, sixoshwe eJerusalema, sizalelwe ekuhluphekeni, ehlane, futhi sizondwa ngabafowethu, okwadala izimpi kanye nemibango; ngalokho-ke, nempela sakhala ngezinsuku zethu zonke.

27 Futhi mina, Jakobe, ngabona ukuthi kwasekufanele masinyane ngehlele ezansi ethuneni lami; ngalokho-ke, ngathi endodaneni yami au-Enoshe: Thatha lezi zingcwephe. Futhi ngamtshela lezo zinto umfowethu uNefi bayengiyale ngazo, futhi wathembisa ukuyilalela lemiyalelo. Futhi ngenza isiphetho sokubhala kwami kulezi zingcwephe, obekuwumbhalo omncane; futhi kumfundi ngiyavalelisa, ngethemba ukuthi abaningi babafowethu bayowafunda amazwi ami. Bafowethu, salani kahle.