ImiBhalo eNgcwele
Jakobe 3


Isahluko 3

Abamsulwa enhliziyweni bemukela izwi elithokozisayo likaNkulunkulu—Ukulunga kwamaLamani kwedlula lokho kwamaNefi—UJakobe uxwayisa ngokuhlobonga, inkanuko, kanye naso sonke isono. Cishe ngonyaka wama 544 kuya kowama 421 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Kodwa bhekani, mina, Jakobe, ngizokhuluma kini enimsulwa enhliziyweni. Bhekani kuNkulunkulu ngokugxila komqondo, futhi nikhuleke kuye ngokholo olukhulu, futhi uyoniduduza ezinkathazweni zenu, futhi uyonikhulumela, futhi athumele ukulunga phezu kwalabo abafuna ukunibhubhisa.

2 O nonke nina enimsulwa enhliziyweni, phakamisani amakhanda enu namukele izwi elithokozisayo likaNkulunkulu, futhi nizitike othandweni lwakhe; ngokuba ningakwazi, uma imiqondo yenu aigxilile, njalo.

3 Kodwa, maye, maye, kini eningekho msulwa enhliziyweni, nina aeningcolile ngalolu suku phambi kukaNkulunkulu; ngokuba ngaphandle kokuthi niphenduke izwe liqalekisiwe ngenxa yenu; futhi amaLamani, angangcolile njengani, nokho baqalekiswe ngesiqalekiso esibuhlungu, ayonihlupha ngisho nize nibhubhe.

4 Futhi isikhathi siyeza masinyane, sokuthi ngaphandle kokuthi niphenduke ayolithatha izwe lenu eliyifa, futhi iNkosi uNkulunkulu aiyohola abalungileyo baphume phakathi kwenu.

5 Bhekani, amaLamani abafowenu, enibazondayo ngenxa yokungcola kwabo kanye naleso siqalekiso eseza phezu kwezikhumba zabo, alunge kakhulu kunani; ngokuba aawawukhohliwe umyalelo weNkosi, owanikwa ubaba—wokuthi kumele babe noyedwa kuphela umfazi, futhi izancinza bangabi nazo nasinye, futhi kungabi bikho bufebe obenzekayo phakathi kwabo.

6 Manje, lomyalelo bayazama ukuwugcina; ngalokho-ke, ngenxa yalokhu kuwugcina, lomyalelo, iNkosi uNkulunkulu ayiyikubabhubhisa, kodwa iyokuba anomusa kubo; futhi ngolunye usuku bayokuba ngabantu ababusisiwe.

7 Bhekani, abayeni babo abayabathanda abafazi babo, futhi abafazi babo bayabathanda abayeni babo; futhi abayeni babo kanye nabafazi babo bayabathanda abantwana babo, futhi ukungakholwa kwabo kanye nenzondo yabo kini kungenxa yobubi obukhulu boyise; ngalokho-ke, ngabe ningcono kangakanani nina kunabo, emehlweni oMdali wenu omkhulu na?

8 O bafowethu, ngiyesaba ukuthi ngaphandle kokuthi niphenduke ezonweni zenu ukuthi izikhumba zabo ziyokuba mhlophe kakhulu kunezenu, uma senilethwa kanye nabo phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu.

9 Ngalokho-ke, ngininika umyalelo, oyizwi likaNkulunkulu, ukuthi ningabe nisabethuka nanini ngenxa yobumnyama bezikhumba zabo; noma nibethuke ngenxa yokungcola kwabo; kodwa nikhumbule ukungcola kwenu uqobo, futhi nikhumbule ukuthi ukungcola kwabo kweza ngenxa yoyise.

10 Ngalokho-ke, niyokhumbula aabantwana benu, ukuthi nizidabukise kanjani izinhliziyo zabo ngenxa yesibonelo enisenze phambi kwabo; futhi phezu kwalokho, khumbulani ukuthi, ngenxa yokungcola kwenu, ningaletha abantwana benu ekubhujisweni, futhi izono zabo ziyonqwabelana phezu kwamakhanda enu ngosuku lokugcina.

11 O bafowethu, yizwani amazwi ami; vusani amandla emiphefumulo yenu; zithintitheni ukuze anivuke ebuthongweni bokufa; futhi nizikhulule ebuhlungwini bbesihogo ukuze ningabi cyizingelosi kudeveli, ukuze niphoswe kulelochibi lomlilo kanye nesibabuli delingukufa kwesibili.

12 Manje mina, Jakobe, ngakhuluma eziningi kakhulu izinto kubantu baNefi, ngibaxwayisa ngokumelene anokuhlobonga kanye bnenkanuko, kanye nayo yonke inhlobo yesono, ngibatshela ngomphumela omubi waso.

13 Futhi ingxenye yokwekhulu yezenzo zalaba bantu, manje abasebeqala ukuba baningi, ayizukubhalwa akulezi zingcwephe; kodwa eziningi zezenzo zabo zibhaliwe ezingcwepheni ezinkudlwana, nezimpi zabo, nemibango yabo, kanye nokubusa kwamakhosi abo.

14 Lezi zingcwephe zibizwa ngezingcwephe zikaJakobe, futhi zenziwa ngesandla sikaNefi. Futhi ngenza isiphetho sokukhuluma lamazwi.