ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 25


Isahluko 25

Abozalo lukaMuleki abase Zarahemla baba ngamaNefi—Bafunda ngabantu ba-Alima kanye nabaZenifi—U-Alima ubhabhadisa uLimihi kanye nabo bonke abantu bakhe—UMosiya ugunyaza u-Alima ukuthi ahlele ibandla likaNkulunkulu. Cishe ngonyaka we 120 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje inkosi uMosiya yenza ukuthi bonke abantu babuthane ndawonye.

2 Manje babengebaningi kakhulu ababengabantwana baNefi, noma bengebaningi kakhulu labo ababengabozalo lukaNefi, njengoba kwakunjalo angabantu baZarahemla, owayengowozalo blukaMuleki, kanye nalabo abeza naye ehlane.

3 Futhi babengebaningi kakhulu ababengabantu baNefi kanye nababengabantu baZarahemla njengoba kwakunjalo ngabamaLamani; yebo, babengeyona ngisho inxenye enkulu kakhulu.

4 Manje bonke abantu baNefi base bebuthene ndawonye, futhi ngokunjalo nabo bonke abantu baZarahemla, futhi babebuthene ndawonye bengamaqoqo amabili.

5 Futhi kwenzeka ukuthi uMosiya nempela wayifunda, futhi wenza ukuthi ifundwe, imibhalo kaZenifi ifundelwe abantu bakhe; yebo, wayifunda imibhalo yabantu baZenifi, kusukela ngesikhathi beshiya ezweni lakwaZarahemla kuze kube bayabuya futhi.

6 Futhi phezu kwalokho wafunda indaba ka-Alima kanye nabafowabo, kanye nazo zonke izinkathazo zabo, kusukela ngesikhathi beshiya ezweni lakwaZarahemla kuze kube yisikhathi bebuya futhi.

7 Manje, ngesikhathi uMosiya esenze isiphetho sokufunda imibhalo, abantu bakhe ababehlala ezweni baba nokumangala kanye nokushaqeka.

8 Ngokuba babengazi ukuthi bacabangeni; ngokuba ngesikhathi bebona labo ababekhululiwe abaphuma ebugqilini bagcwala ukujabula okukhulu kakhulu.

9 Futhi phezu kwalokho, ngesikhathi becabanga ngabafowabo ababebulewe ngamaLamani bagcwala usizi, futhi baze bakhipha ngisho izinyembezi eziningi zosizi.

10 Futhi phezu kwalokho, ngesikhathi becabanga ngobuhle bukaNkulunkulu obuqonda ngqo kubantu, kanye namandla akhe ekukhululeni u-Alima kanye nabafowabo bephuma ezandleni zamaLamani kanye nasekuthunjweni, nempela baphakamisa amazwi abo futhi bambonga uNkulunkulu.

11 Futhi phezu kwalokho, ngesikhathi becabanga ngamaLamani, ayengabafowabo, ngokona kwawo kanye nangesimo sawo esingcolile, bagcwala aubuhlungu nokudabuka ngokuphathelene nokuzuza bkwemiphefumulo yawo.

12 Futhi kwenzeka ukuthi labo ababengabantwana ba-Amuloni kanye nabafowabo, ababethathe amadodakazi amaLamani ukuwashada, abaphathekanga kahle ngendlela oyise ababeziphethe ngayo, futhi bona abazange besabizwa ngamagama oyise, ngakho-ke bazithathela igama likaNefi, ukuze babizwe ngabantwana baNefi futhi babalwe kanye nalabo ababebizwa ngokuthi bangamaNefi.

13 Manje bonke abantu baZarahemla ababalwa kanye namaNefi, futhi lokhu ngenxa yokuthi umbuso wawunganikezwanga muntu kodwa kulabo ababengabozalo lukaNefi.

14 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMosiya esenze isiphetho senkulumo kanye nokufundela abantu bakhe, waba nesifiso sokuthi u-Alima naye ngokunjalo akhulume kubantu.

15 Futhi u-Alima nempela wakhuluma kubo, ngesikhathi bonke sebebuthene ndawonye amaqoqo amakhulu, futhi wahamba esuka kwelinye iqoqo eya kwelinye, eshumayela kubantu ukuphenduka nokholo eNkosini.

16 Futhi nempela wabancenga abantu baLimihi kanye nabafowabo, bonke labo ababekhululiwe baphuma ebugqilini, ukuthi bakhumbule ukuthi kwakuyiNkosi eyabakhulula.

17 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esebafundisile abantu izinto eziningi, futhi esenze isiphetho sokukhuluma nabo, inkosi uLimihi yaba nesifiso sokuthi ibhabhadiswe; futhi nabo bonke abantu bayo babanesifiso sokuthi nabo babhabhadiswe.

18 Ngakho-ke, u-Alima nempela wahamba waya emanzini futhi nempela awababhabhadisa; yebo, wababhabhadisa ngendlela leyo enza ngayo kubafowabo bemanzini kaMormoni; yebo, futhi ngobuningi balabo ababhabhadisayo nempela bangena ebandleni likaNkulunkulu; futhi lokhu kwakungenxa yokukholelwa kwabo emazwini ka-Alima.

19 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uMosiya yanikeza u-Alima ukuthi akhe amabandla kulo lonke izwe lakwaZarahemla; futhi yamnika aamandla okuthi abeke abaphristi kanye nabafundisi phezu kwawo wonke amabandla.

20 Manje lokhu kwenziwa ngenxa yokuthi babebaningi kakhulu abantu kangangokuthi babengenakuphathwa ngumfundisi oyedwa; noma bonke bakwazi ukulizwa izwi likaNkulunkulu embuthanweni owodwa;

21 Ngakho-ke nempela babuthana ndawonye amaqoqo ehlukene, bebizwa ngokuthi bangamabandla; ibandla nebandla linabaphristi balo kanye nabafundisi balo, futhi wonke umphristi eshumayela izwi njengoba lalinikeziwe kuye ngomlomo ka-Alima.

22 Futhi ngalendlela, naphezu kokuthi kwakungamabandla amaningi bonke ababeyibandla elilodwa, yebo, ngisho ibandla likaNkulunkulu; ngokuba kwakungekho lutho olwalushunyayelwa kuwo wonke amabandla ngaphandle kokuphenduka kanye nokholo kuNkulunkulu.

23 Manje kwasekukhona amabandla ayisikhombisa ezweni lakwaZarahemla. Futhi kwenzeka ukuthi labo ababenesifiso sokubizwa angegama likaKristu, noma likaNkulunkulu, bazihlanganisa namabandla kaNkulunkulu;

24 Futhi babebizwa ngokuthi abangabantu baNkulunkulu. Futhi iNkosi nempela yawuthela uMoya wayo phezu kwabo, futhi babusiseka, futhi baphumelela ezweni.