ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 3


Isahluko 3

INkosi uBenjamini iyaqhubeka nenkulumo yayo—INkosi uMninimandla Onke izosebenza phakathi kwabantu isedokodweni lobumba—Igazi lizophuma kuzo zonke iziqu zoboya ngesikhathi Yona ihlawulela izono zomhlaba—Elayo yilona kuphela igama okuza ngalo insindiso—Abantu bangamkhumula umuntu wemvelo futhi babe ngabaNgcwele ngeNhlawulo—Ukuhlupheka kwababi kuzoba njengechibi lomlilo kanye nesibabuli. Cishe ngonyaka we 124 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi phezu kwalokho bafowethu, ngicela nilalele, ngokuba nginokuthile okuningi engizokukhuluma kini; ngokuba bhekani, nginezinto engizonitshela zona mayelana nalokho okuzofika.

2 Futhi lezo zinto engizonitshela zona zambulwe kimi angengelosi evela kuNkulunkulu. Futhi yathi kimi: Vuka; futhi ngavuka, futhi bheka yayimi phambi kwami.

3 Futhi yathi kimi: Vuka, futhi uzwe amazwi engizokutshela wona; ngokuba bheka; ngize ukuzomemezela kuwe aizindaba ezimnandi zokuthokoza okukhulu.

4 Ngokuba iNkosi iyizwile imithandazo yakho, futhi yakwehlulela ngokulunga kwakho, futhi yangithuma ukuthi ngizomemezela kuwe ukuze uthokoze; nokuthi umemezele kubantu bakho, ukuze nabo ngokunjalo bagcwaliswe ngenjabulo.

5 Ngokuba bheka, isikhathi siyeza, futhi asikho kude kakhulu, ukuthi ngamandla, aiNkosi uMninimandla Onke ebusayo, eyayinguye, futhi enguye evela kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade, iyokwehla ivela ezulwini yehlele phakathi kwabantwana babantu, futhi iyohlala bedokodweni lobumba, futhi iyohamba phakathi kwabantu, yenza cizimangaliso ezinamandla, njengokuphilisa abagulayo, ukuvusa abafileyo, yenze izishosha zihambe, izimpumputhe zithole ukubona kwazo, kanye nezithuli ukuthi zizwe, futhi yelaphe zonke izinhlobo zezifo.

6 Futhi iyokhipha aodeveli, noma imimoya emibi ehlala ezinhliziyweni zabantwana babantu.

7 Futhi bheka, iyohlushwa ayizilingo, kanye nobuhlungu bomzimba, bindlala, ukoma, kanye nokukhathala, ngisho nangaphezulu kwalokho umuntu cangakuzwa, ngaphandle kokuthi kuze kube uyafa; ngokuba bheka, luyoba lukhulu kakhulu dusizi kuyo ngenxa yobubi kanye nezinengiso zabantu bayo, kangangoba eigazi liyophuma kuzo zonke iziqu zoboya.

8 Futhi iyobizwa ngokuthi anguJesu Kristu, biNdodana kaNkulunkulu, cuBaba wezulu nomhlaba, uMdali wazo zonke izinto kusukela ekuqaleni; futhi dunina uyobizwa ngokuthi enguMariya.

9 Futhi bheka, uza kwabakhe, ukuze ainsindiso ize kubantwana babantu ngisho bnangokukholwa egameni lakhe; futhi ngisho nasemva kwakho konke lokhu bayomthatha njengomuntu, futhi bayothi cunodeveli, futhi dbayombhaxabula, futhi ebambethele.

10 Futhi auyovuka bngosuku lwesithathu kwabafileyo; futhi bheka, umi cukwahlulela umhlaba, futhi bheka, zonke lezi zinto zenziwa ukuze ukwahlulela okulungileyo kuze kubantwana babantu.

11 Ngokuba bheka, futhi phezu kwalokho aigazi lakhe blihlawulela izono zalabo cabawa ngesiphambeko sika-Adamu, labo abafa bengayazi intando kaNkulunkulu mayelana nabo, noma abona dngokungazi.

12 Kodwa maye, maye kulowo owaziyo ukuthi auyahlubuka kuNkulunkulu! Ngokuba insindiso ayizi konjalo ngaphandle kokuthi kube ngokuphenduka kanye nokholo beNkosini uJesu Kristu.

13 Futhi iNkosi uNkulunkulu ithumele abaphrofethi bayo abangcwele phakathi kwabo bonke abantwana babantu, ukumemezela lezi zinto kuyo yonke imindeni, izizwe, kanye nezilimi, ukuze ngalokho noma ngubani oyokholwa ukuthi uKristu uyokuza, yibo futhi labo abangathola aukuthethelwa kwezono zabo, futhi bathokoze ngokuthokoza okukhulu, kube bsengathi usefikile vele phakathi kwabo.

14 Nokho iNkosi uNkulunkulu yabona ukuthi abantu bayo babengontamo lukhuni, futhi yabamisela umthetho, ngisho aumthetho kaMose.

15 Futhi ziningi izimpawu, nezimangaliso, anezifanekiso, kanye nokufana akuveza kubo, mayelana nokuza kwakhe; futhi phezu kwalokho nabaphrofethi abangcwele bakhuluma kubo mayelana nokuza kwakhe; kodwa nokho bazenza lukhuni izinhliziyo zabo, futhi bangaqonda ukuthi bumthetho kaMose wawungasizi ngalutho ngaphandle kokuthi kwakungenxa yenhlawulo yegazi lakhe.

16 Futhi ngisho noma ngabe kwakunokwenzeka ukuthi aabantwana abancane babengona babengenakusindiswa; kodwa ngithi kini bbabusisiwe; ngokuba bheka, njengoba ngo-Adamu, noma ngokwemvelo, bewa, ngisho ngokunjalo igazi likaKristu lihlawulela izono zazo.

17 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, aaliyikuba bikho elinye igama eliyonikwa nanoma iyiphi enye indlela noma isu okungafika ngalo binsindiso kubantwana babantu, kuphela kulo kanye nangalo igama clikaKristu, iNkosi, uMninimandla Onke.

18 Ngokuba bheka iyahlulela, futhi ukwahlulela kwayo kulungile; futhi umntwana omncane akabhubhi ofa ebuntwaneni bakhe; kodwa abantu baziphuzela bona uqobo usizi ngaphandle kokuthi bazithobe futhi ababe njengabantwana abancane, futhi bakholwe ukuthi insindiso yeza, futhi iza, futhi isazoza, kulo futhi nangalo bigazi elihlawulayo likaKristu, iNkosi uMninimandla Onke.

19 Ngokuba aumuntu wemvelo uyisitha kuNkulunkulu, futhi selokhu aba yiso kusukela bngokuwa kuka-Adamu, futhi uyokuba yiso, phakade naphakade, ngaphandle kokuthi cavumele ukuholwa dnguMoya oyiNgcwele, futhi amkhumule umuntu wemvelo futhi abe engongcwele ngenhlawulo kaKristu iNkosi, futhi abe fnjengomntwana, avume, azehlise, azithobe, abekezele, agcwale uthando, athande ukuvumela zonke izinto iNkosi ebona kufanelekile ukuthi izibeke phezu kwakhe, ngisho njengomntwana evumela uyise.

20 Futhi ngaphezu kwalokho, ngithi kini, isikhathi siyofika lapho aulwazi lomSindisi luyokwanda lugcwale kuzo bzonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.

21 Futhi bhekani, uma leso sikhathi sifika, akekho namunye oyotholakala aengenacala phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwabantwana abancane, kuphela ngokuphenduka nangokukholwa egameni leNkosi uNkulunkulu uMninimandla Onke.

22 Futhi ngisho nangaso lesi sikhathi, uma sewubafundisile abantu bakho izinto iNkosi uNkulunkulu wakho akuyale ngazo, ngisho nangaleso sikhathi abatholakali bengenacala phambi kukaNkulunkulu, kuphela kuyokuba ngokwamazwi engiwakhulume kuwe.

23 Manje sengiwakhulumile amazwi iNkosi uNkulunkulu engiyale ngawo.

24 Futhi isho kanje iNkosi: Ayokuma njengobufakazi obugqamile ngokumelene nalaba bantu, ngosuku lokwahlulela; ngalokho-ke bayokwahlulelwa, wonke umuntu njengokwemisebenzi yakhe, noma ngabe mihle, noma ngabe mibi.

25 Futhi uma imibi abayoboniswa ububi bamacala abo uqobo kanye nezinengiso, okubenza bashwabane phambi beNkosi babe sesimweni bsosizi kanye nokuhlupheka okungenakuphela, lapho bengasenakubuya nanini; ngakho-ke baziphuzele bona uqobo usizi.

26 Ngakho-ke, baphuze enkomishini yolaka lukaNkulunkulu, ukulunga okungasenakuhoxiswa nanini kubo kunokuba kuhoxise ukuthi au-Adamu wawa ngenxa yokudla kwakhe bisithelo esasingavunyelwe; ngalokho-ke, cumusa awusenakukwazi ukubathola nanini ingunaphakade.

27 Futhi aukuhlupheka kwabo bkunjengechibi lomlilo nesibabuli, amalangabi alo angacisheki, futhi intuthu yalo ekhuphukela phezulu phakade naphakade. Ingiyale kanjena-ke iNkosi. Amen.