ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 23


Indaba ka-Alima kanye nabantu beNkosi, ababebalekisiwe baya ehlane ngabantu benkosi uNowa.

Itholakala esahlukweni 23 nesahluko 24.

Isahluko 23

U-Alima wenqaba ukuba yinkosi—Usebenza njengomphristi omkhulu—INkosi iyabajezisa abantu Bayo, futhi amaLamani anqoba izwe lakwaHelamu—U-Amuloni, umholi wabaphristi ababi benkosi uNowa, uyabusa engaphansi kwenkosi yamaLamani. Cishe ngonyaka we 145 kuya kowe 121 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje u-Alima, esexwayiswe yiNkosi ukuthi amabutho enkosi uNowa ayezotheleka phezu kwabo, futhi esazise abantu bakhe, ngakho-ke baqoqela ndawonye imihlambi yabo, futhi bathatha okunye okusanhlamvu kwabo, bemuka baya ehlane phambi kwamabutho enkosi uNowa.

2 Futhi iNkosi nempela yabaqinisa, ukuze abantu benkosi uNowa bangakwazi ukubafica ukuthi bababulale.

3 Futhi babaleka bathatha uhambo lwezinsuku eziyisishiyagalombili besehlane.

4 Futhi bafika ezweni, yebo, ngisho ezweni elihle kakhulu futhi elipholile, izwe lamanzi acwebile.

5 Futhi bagxumeka amatende abo, futhi baqala ukulima umhlabathi, futhi baqala ukwakha izakhiwo; yebo, babekhuthele, futhi nempela basebenza kakhulu.

6 Futhi abantu babenesifiso sokuthi u-Alima abe yinkosi yabo, ngokuba wayethandwa ngabantu bakhe.

7 Kodwa wathi kubo: Bhekani, akukuhle ukuthi sibe nenkosi; ngokuba isho kanje iNkosi: aNingacabangi ukuthi enye inyama ingaphezulu kwenye, noma umuntu oyedwa makangaziboni engaphezulu komunye; ngakho-ke ngithi kini akukuhle ukuthi nibe nenkosi.

8 Nokho, ukuba kwakungenzeka ukuthi nikwazi njalo ukuba namadoda alungileyo ukuthi abe ngamakhosi enu bekuyoba kuhle kini ukuthi nibe nenkosi.

9 Kodwa khumbulani aububi benkosi uNowa kanye nabaphristi bayo; futhi nami uqobo bngangena ogibeni, futhi ngenza eziningi izinto ezazinengekile emehlweni eNkosi, ezangenzela ukuphenduka okunzima;

10 Nokho, emva akokuhlupheka okukhulu, iNkosi nempela yakuzwa ukukhala kwami, yayiphendula imithandazo yami, futhi isingenze isu ezandleni zayo ekuletheni babaningi kangaka benu ekulazini iqiniso layo.

11 Nokho, kulokhu angiziqhayisi, ngokuba angifanele ukuziqhayisa.

12 Manje ngithi kini, benicindezelwe yinkosi uNowa, futhi benisebugqilini bakhe kanye nabaphristi bakhe, futhi nangena ebubini ngenxa yabo; ngakho-ke naniboshwe angezibopho zobubi.

13 Manje njengoba senikhululiwe ngamandla kaNkulunkulu naphuma kulezi zibopho; yebo, ngisho nasezandleni zenkosi uNowa kanye nabantu bakhe, futhi ngokunjalo nakuzo izibopho zobubi, ngisho kanjalo ngifisa ukuthi anime niqine bkulenkululeko enikhululwe ngayo, futhi nokuthi ningathembi cmuntu ukuthi abe yinkosi phezu kwenu.

14 Futhi phezu kwalokho ningathembi namunye ukuthi abe angumfundisi noma yisikhonzi senu, ngaphandle kokuthi engumuntu kaNkulunkulu, ehamba ezindleleni zakhe futhi eyigcina imiyalelo yakhe.

15 U-Alima wabafundisa ngalendlela abantu bakhe, ukuthi wonke umuntu kufanele aathande umakhelwane wakhe njengaye, ukuze kungabi khona bmpikiswano phakathi kwabo.

16 Manje, u-Alima awayengumphristi wabo omkhulu, yena engumsunguli webandla labo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi akukho namunye owanikezwa aigunya lokushumayela noma lokufundisa ngaphandle kokuthi kube ngaye kuvela kuNkulunkulu. Ngakho-ke wagcoba bonke abaphristi kanye nabo bonke abafundisi babo; futhi abekho abagcwotshwayo ngaphandle kokuthi bengabantu abalungile.

18 Ngakho-ke nempela bababheka abantu babo, futhi ababondla ngezinto eziphathelene nokulunga.

19 Futhi kwenzeka ukuthi baqala ukuphumelela kakhulu ezweni; futhi balibiza lelozwe ngokuthi yiHelamu.

20 Futhi kwenzeka ukuthi nempela banda futhi baphumelela kakhulu ezweni lakwaHelamu; futhi bakha idolobha, abalibiza ngokuthi yidolobha lakwaHelamu.

21 Nokho iNkosi ibona kufanele ukuthi aibajezise abantu bayo; yebo, iyakuvivinya bukubekezela kwabo kanye nokholo lwabo.

22 Nokho—lowo obeka aithemba lakhe kuyo nguye kanye lowo boyophakanyiswa ngosuku lokugcina. Yebo, futhi kwaba njalo nakulaba bantu.

23 Ngokuba bheka, ngizonikhombisa ukuthi babesekuthunjweni, futhi kwakungekho namunye owayengabakhulula kodwa iNkosi uNkulunkulu wabo, yebo, ngisho uNkulunkulu ka-Abrahama kanye no-Isaka kanye noJakobe.

24 Futhi kwenzeka ukuthi nempela yabakhulula, futhi yawakhombisa amandla ayo amakhulu kubo, futhi yabankulu injabulo yabo.

25 Ngokuba bheka, kwenzeka ukuthi ngesikhathi besezweni lakwaHelamu, yebo, edolobheni lakwaHelamu, ngesikhathi belima ezweni lonke, bheka impi yamaLamani yayisemingceleni yezwe.

26 Manje kwenzeka ukuthi abafowabo ba-Alima babaleka emasimini abo, futhi baqoqana ndawonye edolobheni lakwaHelamu; futhi babenokwesaba okukhulu ngenxa yokuqhamuka kwamaLamani.

27 Kepha u-Alima wahamba futhi wema phakathi kwabo, futhi wabanxusa ukuthi bangesabi, kodwa bakhumbule iNkosi uNkulunkulu wabo futhi iyobakhulula.

28 Ngakho-ke bakwehlisa ukwesaba kwabo, futhi baqala ukukhala eNkosini ukuthi ithambise izinhliziyo zamaLamani, ukuze angababulali nabafazi babo, kanye nabantwana babo.

29 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi nempela yazithambisa izinhliziyo zamaLamani. Futhi u-Alima kanye nabafowabo bahamba futhi bazinikela ezandleni zawo; futhi amaLamani alithatha izwe lakwaHelamu.

30 Manje amabutho amaLamani, lawo ayelandele ngemuva abantu benkosi uLimihi, ayeselahlekile ehlane izinsuku eziningi.

31 Futhi bheka, ayesethole labo baphristi benkosi uNowa, endaweni ababeyibiza ngokuthi i-Amuloni; futhi base beqale ukuthatha izwe lakwa-Amuloni futhi sebeqale ukulima umhlabathi.

32 Manje igama lomholi walabo baphristi kwakungu-Amuloni.

33 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amuloni nempela wawancenga amaLamani; futhi phezu kwalokho wathumela abafazi babo, aababengamadodakazi amaLamani, ukuthi ancenge abafowabo, ukuthi angababulali abayeni babo.

34 Futhi amaLamani aba anobubele ku-Amuloni kanye nabafowabo, futhi awazange ababulale ngenxa yabafazi babo.

35 Futhi u-Amuloni kanye nabafowabo nempela bahlangana namaLamani, futhi babehamba ehlane befuna izwe lakwaNefi ngesikhathi bethola izwe lakwaHelamu, okwakungelika-Alima kanye nabafowabo.

36 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani amthembisa u-Alima kanye nabafowabo, ukuthi uma bengabakhombisa indlela eyayizobaholela ezweni lakwaNefi babezobavumela baphile futhi bakhululeke.

37 Kodwa emva kokuthi u-Alima esebakhombisile indlela eyayiya ezweni lakwaNefi amaLamani awasigcinanga isethembiso sawo; kodwa abeka aabalindi bazungeza izwe lakwaHelamu, phezu kuka-Alima kanye nabafowabo.

38 Futhi insalela yabo yahamba yaya ezweni lakwaNefi; kwathi inxenye yabo yabuyela ezweni lakwaHelamu, futhi phezu kwalokho baletha kanye nabo abafazi kanye nabantwana babalindi labo ababeshiywe ezweni.

39 Futhi inkosi yamaLamani yayinikeze u-Amuloni ukuthi abe yinkosi kanye nombusi phezu kwabantu bakhe, ababe sezweni lakwaHelamu; nokho wayengezukuba namandla okwenza noma yini eyayingahambisani nentando yenkosi yamaLamani.