ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 20


Isahluko 20

Amanye amadodakazi amaLamani athunjwa ngabaphristi baNowa—AmaLamani aphaka impi kuLimihi kanye nabantu bakhe—Amabutho amaLamani abuyiselwa emuva futhi ayaxoliswa. Cishe ngonyaka we 145 kuya kowe 123 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwakukhona indawo eShemiloni lapho amadodakazi amaLamani ayehlanganela khona ndawonye ukuthi ahlabelele, adanse, futhi azijabulise.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngelinye ilanga ayeyidlanzana nje ehlangene ndawonye ukuthi ahlabelele futhi adanse.

3 Manje abaphristi benkosi uNowa, benamahloni okubuyela edolobheni lakwaNefi, yebo, futhi phezu kwalokho besaba ukuthi abantu babezobabulala, ngakho-ke abazange balokothe babuyele ebafazini babo kanye nasebantwaneni babo.

4 Futhi sebehlalile ehlane, futhi sebewatholile amadodakazi amaLamani bacasha bawabuka.

5 Futhi ngesikhathi sekusele ingconsana nje yawo eyayibuthene ndawonye ukuthi idanse, baphuma ezindaweni zabo ezicashileyo bawathatha bawathwala baya nawo ehlane; yebo, amashumi amabili nane amadodakazi amaLamani bawathwala baya nawo ehlane.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi amaLamani esetholile ukuthi amadodakazi awo ayelahlekile, athukuthelela abantu baLimihi, ngokuba acabanga ukuthi kwakungabantu baLimihi.

7 Ngakho-ke athumela amabutho awo phambili; yebo, ngisho nenkosi uqobo lwayo yahamba phambi kwabantu bayo baya ezweni lakwaNefi ukuyobhubhisa abantu baLimihi.

8 Manje uLimihi wawabona esembhoshongweni, ngisho nawo wonke amalungiselelo awo empi nempela wawabona; ngakho-ke waqoqela ndawonye abantu bakhe, futhi bahlala bawalinda ezinkundleni kanye nasemahlathini.

9 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi amaLamani eseqhamukile, abantu baLimihi baqala ukuthi bawele phezu kwawo bevela ezindaweni zabo zokulinda, futhi baqala ukuwabulala.

10 Futhi kwenzeka ukuthi impi yaba nzima kakhulu, ngokuba balwa njengezingonyama zibanga ukudla kwazo.

11 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baLimihi baqala ukuwabalekisa amaLamani; nakuba bona babengeyona nenxenye eningi njengamaLamani. Kodwa abalwela izimpilo zabo, nezabafazi babo, kanye nezabantwana babo; ngakho-ke bazikhandla futhi nempela balwa njengezilo.

12 Futhi kwenzeka ukuthi bayithola inkosi yamaLamani phakathi kwesibalo sabafileyo bawo; nakuba yona yayingafile, yayilimele futhi yashiywa phansi, kwakushesha kakhulu ukubaleka kwabantu bayo.

13 Futhi bayithatha bayibopha amanxeba, bayiletha phambi kukaLimihi, futhi bathi: Bheka, nansi inkosi yamaLamani; ngokuba ithole inxeba iye yawa phakathi kwabafileyo bayo, futhi bayishiyile; futhi bheka, siyilethe phambi kwakho; manje masiyibulale.

14 Kodwa uLimihi wathi kubo: Anizukuyibulala, kodwa yiletheni lapha ukuze ngiyibone. Futhi bayiletha. Futhi uLimihi wathi kuyo: Yisiphi isizathu esenze nina nize nizokulwa nabantu bami na? Bheka, abantu bami abazange basephule aisifungo engasenza kini; ngakho-ke, kungani nina nisephulile isifungo enasenza ebantwini bami na?

15 Manje inkosi yathi: Ngisephulile isifungo ngoba abantu bakho bathwale amadodakazi abantu bami; ngakho-ke, entukuthelweni yami ngenze ukuthi abantu bami beze bazolwa nabantu bakho.

16 Manje uLimihi wayengezwanga lutho mayelana naloludaba; ngakho-ke wathi: Ngizophenya phakathi kwabantu bami futhi lowo owenze lento uyobhujiswa. Ngakho-ke wenza ukuthi kwenziwe uphenyo phakathi kwabantu bakhe.

17 Manje ngesikhathi auGidiyoni esezizwile lezi zinto, yena eyinduna yamasosha enkosi, wahamba waya phambili futhi wathi enkosini: Ngiyakucela hoxa, futhi ungabaphenyi laba bantu, futhi ungalibeki icala kubo ngalento.

18 Ngokuba awubakhumbuli yini abaphristi bayihlo, laba bantu ababefuna ukubabhubhisa na? Futhi abekho yini ehlane na? Futhi ngabe akubona yini abantshontshe amadodakazi amaLamani na?

19 Manje, bheka, futhi utshele inkosi ngalezi zinto, ukuze yona itshele abantu bayo ukuze baxoliswe ngathi; ngokuba bheka vele sebelungiselela ukuthi beze bazolwa nathi; futhi bheka phezu kwalokho kukhona kuphela ingcosana yethu.

20 Futhi bheka, beza namaningi amabutho abo; futhi ngaphandle kokuthi inkosi ibaxolise ngathi sizobhubha.

21 Ngokuba aakugcwaliseki yini amazwi ka-Abinadi, awaphrofetha maqondana nathi—futhi konke lokhu ngenxa yokuthi asizange siwalalele amazwi eNkosi, futhi siphenduke ebubini bethu na?

22 Manje masiyixolise inkosi, futhi sigcwalise isifungo esasenza kuyo; ngokuba kungcono ukuthi sibe sekuthunjweni kunokuthi silahlekelwe yizimpilo zethu; ngakho-ke, masiyeke ukuchitha igazi elingaka.

23 Manje uLimihi wayitshela inkosi zonke izinto mayelana noyise, kanye anabaphristi ababebalekele ehlane, futhi wabeka isenzo sokuthwalwa kwamadodakazi abo kubo.

24 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi yaxoliswa ngabantu bakhe; futhi yathi kubo: Masihambeni siyohlangana nabantu bami, ngaphandle kwezikhali; futhi ngiyafunga kini ngesifungo ukuthi abantu bami abayikubabulala abantu bakho.

25 Futhi kwenzeka ukuthi bayilandela inkosi, futhi bahamba ngaphandle kwezikhali ukuyohlangana namaLamani. Futhi kwenzeka ukuthi nempela bahlangana namaLamani; futhi inkosi yamaLamani yakhothama phambi kwawo, futhi yabancengela abantu baLimihi.

26 Futhi ngesikhathi amaLamani ebona abantu baLimihi, ukuthi babengenazikhali, aba anobubele kubo futhi axoliswa ngabo, futhi abuyela emuva nenkosi yawo ngokuthula aya ezweni lawo.