ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 6


Isahluko 6

INkosi uBenjamini ibhala amagama abantu futhi ibeka abaphristi ukuthi babafundise—uMosiya ubusa njengenkosi elungile. Cishe ngonyaka we 124 kuya kowe 121 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, inkosi uBenjamini yacabanga ukuthi kwakukuhle, emva kokuthi isiqedile ukukhuluma kubantu, ukuthi aithathe amagama abo bonke labo ababengene esivumelwaneni noNkulunkulu ukuthi bagcine imiyalelo yakhe.

2 Futhi kwenzeka ukuthi kwakungekho namunye umuntu, ngaphandle kwabantwana abancane, ongangenanga esivumelwaneni futhi wamukela uKristu wabizwa ngegama lakhe.

3 Futhi phezu kwalokho, kwenzeka ukuthi ngesikhathi inkosi uBenjamini isisenzile isiphetho sazo zonke lezi zinto, futhi isiyingcwelisile indodana yayo auMosiya ukuthi ibe ngumbusi kanye nenkosi phezu kwabantu bayo, futhi isiyinikile imiyalelo mayelana nombuso, futhi phezu kwalokho bisibabekile abaphristi ukuthi cbafundise abantu, ukuze ngalokho bayizwe futhi bayazi imiyalelo kaNkulunkulu, futhi nokuba babaphehlele ekukhumbuleni disifungo abasenza, yasemukisa isixuku, futhi babuyela emuva, wonke umuntu, njengokwemindeni yabo, ezindlini zabo.

4 Futhi auMosiya waqala ukubusa esikhundleni sikayise. Futhi waqala ukubusa ngonyaka wamashumi amathathu eminyaka yakhe yobudala, lokhu okwenza sekukonke, cishe iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisikhombisa nesithupha kusukela bngesikhathi uLehi eshiya eJerusalema.

5 Futhi inkosi uBenjamini waphila iminyaka emithathu wafa.

6 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uMosiya nempela wahamba ezindleleni zeNkosi, futhi nempela waziqaphela izahlulelo zayo kanye nemithetho yayo, futhi wayigcina imiyalelo yayo kuzo zonke izinto noma ngabe yini eyayimyale ngayo.

7 Futhi inkosi uMosiya nempela yenza abantu bayo ukuthi balime umhlabathi. Futhi naye ngokunjalo, uqobo lwakhe, wawulima umhlabathi, ukuze ngalokho aangabi wumthwalo kubantu bakhe, ukuze enze njengoba uyise ayenzile kuzo zonke izinto. Futhi akuzange kube khona mbango phakathi kwabo bonke abantu bakhe isikhathi esingangeminyaka emithathu.