ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 11


Isahluko 11

INkosi uNowa ibusa ngobubi—Ithanda kakhulu ukuphila ngesiphithiphithi nabafazi bayo kanye nezancinza—U-Abinadi uphrofetha ukuthi abantu bazothathwa bathunjwe—Impilo yakhe ifunwa yinkosi uNowa. Cishe ngonyaka we 160 kuya kowe 150 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi uZenifi umbuso wawunika uNowa, omunye wamadodana akhe; ngakho-ke uNowa waqala ukubusa esikhundleni sakhe; futhi akahambanga ezindleleni zikayise.

2 Ngokuba bheka, akazange ayigcine imiyalelo kaNkulunkulu, kodwa wahamba ngezifiso zenhliziyo yakhe. Futhi wayenabafazi abaningi kanye anezancinza. Futhi bwenza abantu bakhe ukuthi bone, futhi benze lokho okwakunengekile emehlweni eNkosi. Yebo, futhi nempela benza cubufebe kanye nalo lonke uhlobo lobubi.

3 Futhi wabeka intela yenxenye eyodwa kokuhlanu kukho konke ababenakho, inxenye eyodwa kokuhlanu yegolide labo nesiliva labo, nenxenye eyodwa kokuhlanu ayensimbi yabo eyigugu, neyekhopha yabo, neyethusi labo kanye neyensimbi yabo; nenxenye eyodwa kokuhlanu yokukhuluphalisiweyo kwabo; futhi ngokunjalo nenxenye eyodwa kokuhlanu yakho konke okusanhlamvu kwabo.

4 Futhi konke lokhu nempela wakuthatha ukuze azondle yena, kanye nabafazi bakhe kanye nezancinza zakhe; futhi ngokunjalo nabaphristi bakhe, kanye nabafazi babo kanye nezancinza zabo; ngakho-ke wayesezishintshile izindaba zombuso.

5 Ngokuba wabehlisa bonke abaphristi ababegcotshwe nguyise, wagcoba abasha esikhundleni sabo, njengalabo ababephakeme ezinhliziyweni zabo.

6 Yebo, futhi bondliwa ngalendlela ebuvileni babo, kanye nasekukhonzeni kwabo izithixo, kanye nasebufebeni babo, ngezintela inkosi uNowa eyayizibeke phezu kwabantu bayo; nempela abantu basebenza kakhulu ngalendlela ukondla ububi.

7 Yebo, futhi nabo baba ngabakhonza izithixo, ngenxa yokuthi babekhohliswe ngamazwi ayize kanye nathophayo enkosi kanye nabaphristi; ngokuba nempela bakhuluma izinto ezithophayo kubo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uNowa wakha izakhiwo eziningi ezinkulu nezinhle kakhulu; futhi wazihlobisa ngomsebenzi omuhle wokhuni, kanye nangazo zonke izinto eziyigugu, zegolide, nezesiliva, nezensimbi, nezethusi, nezensimbi eyigugu, kanye nezekhopha;

9 Futhi phezu kwalokho wazakhela isigodlo esikhulu, kanye nesihlalo sobukhosi phakathi naso, konke okwakungokokhuni oluhle futhi sasihlotshiswe ngegolide nangesiliva kanye nangezinto eziyigugu.

10 Futhi phezu kwalokho wenza ukuthi abasebenzi bakhe benze zonke izinhlobo zomsebenzi omuhle ngaphakathi kwezindonga zethempeli, ngokhuni oluhle, nangekhopha, kanye nangethusi.

11 Futhi izihlalo ezazibekelwe zabaphristi abakhulu, ezazingaphezulu kwazo zonke ezinye izihlalo, wazihlobisa ngegolide elimsulwa; futhi wenza ukuthi kwakhiwe udonga olufushane ngaphambi kwazo, ukuze baphumuze imizimba yabo kanye nezingalo zabo kulo ngesikhathi bekhuluma amanga kanye namazwi ayize kubantu bakhe.

12 Futhi kwenzeka ukuthi wakha aumbhoshongo eduze nethempeli; yebo, umbhoshongo omude kakhulu, ngisho ophezulu ngendlela yokuthi wayekwazi ukuma phezu kwesicongo sawo abuke izwe lakwaShilomu, futhi ngokunjalo nezwe lakwaShemiloni, okwakungelamaLamani; futhi wayekwazi ngisho ukubuka kulo lonke izwe elizungezile.

13 Futhi kwenzeka ukuthi wenza ukuthi kwakhiwe izakhiwo eziningi ezweni lakwaShilomu; futhi wenza ukuthi kwakhiwe omkhulu umbhoshongo egqumeni elisenyakatho yezwe lakwaShilomu, okwakungelokuphumula labantwana bakwaNefi ngesikhathi bebaleka bephuma ezweni; futhi yilokhu akwenza ngengcebo ayithola ngentela yabantu bakhe.

14 Futhi kwenzeka ukuthi wabeka inhliziyo yakhe engcebweni yakhe, futhi wachitha isikhathi sakhe ngokuhlala ngesiphithiphithi nabafazi bakhe kanye nezancinza zakhe; futhi ngokunjalo nabaphristi bakhe bachitha isikhathi sabo nezifebe.

15 Futhi kwenzeka ukuthi watshala izivini zazungeza izwe; futhi wakha izikhamo zewayini, wenza iwayini eliningi; ngakho-ke waba angumphuzi wewayini, futhi ngokunjalo nabantu bakhe.

16 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani aqala ukuhlasela abantu bakhe, kancane kancane, kanye nokubabulala emasimini abo, nangesikhathi beluse imihlambi yabo.

17 Futhi inkosi uNowa yathumela abaqaphi bazungeza izwe ukuwagcina ekude; kodwa akathumelanga isibalo esanele, futhi amaLamani atheleka phezu kwabo ababulala, futhi aqhuba eminingi yemihlambi yabo ayikhipha ezweni; ngakho-ke amaLamani aqala ukubabhubhisa, kanye nokusebenzisa inzondo yawo kubo.

18 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uNowa yathumela amabutho ayo ukuyolwa nawo, futhi bawabalekisa bawaphindisela emuva, noma bawabalekisa bawaphindisela emuva okwesikhashana; ngakho-ke, babuyela emuva bethokozile empangweni yabo.

19 Manje, ngenxa yalokhu kunqoba okukhulu baphakama ezinhliziyweni zabo; abazigabisa ngamandla abo, besho ukuthi abangamashumi amahlanu abo angamelana nezinkulungwane zamaLamani; futhi nempela bazigabisa ngalendlela, futhi bajabula ngegazi, kanye nangokuchitheka kwegazi labafowabo, futhi bakwenza lokhu ngenxa yobubi benkosi yabo kanye nabaphristi.

20 Futhi kwenzeka ukuthi kwakukhona indoda phakathi kwabo egama layo kwakungu-aAbinadi; futhi wahamba phakathi kwabo, futhi waqala ukuphrofetha, ethi: Bhekani, isho kanje iNkosi, ingiyale ngalendlela, ithi, Hamba, uthi kulaba bantu, isho kanje iNkosi—Maye kulaba bantu, ngokuba ngizibonile izinengiso zabo, nobubi babo, kanye nobufebe babo; futhi ngaphandle kokuthi baphenduke ngizobahambela ngentukuthelo yami.

21 Futhi ngaphandle kokuthi baphenduke futhi babuyele eNkosini uNkulunkulu wabo, bheka, ngizobanikela ezandleni zezitha zabo; yebo, futhi bayolethwa aekuthunjweni; futhi bahlushwe ngesandla sezitha zabo.

22 Futhi kuyokwenzeka ukuthi bayokwazi ukuthi mina ngiyiNkosi uNkulunkulu wabo, futhi anginguNkulunkulu onomhawu, ngiyabuhambela ububi babantu bami.

23 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngaphandle kokuthi laba bantu baphenduke futhi babuyele eNkosini uNkulunkulu wabo, bayolethwa ekuthunjweni; futhi akukho namunye oyobakhulula, ngaphandle kokuthi kuyoba yiNkosi uNkulunkulu uSomandla.

24 Yebo, futhi kuyokwenzeka ukuthi ngesikhathi bekhala kimi angizophuza ukukuzwa ukukukhala kwabo; yebo, futhi ngizovumela ukuthi bashaywe yizitha zabo.

25 Futhi ngaphandle kokuthi baphenduke ngesambatho sesaka kanye nomlotha, futhi bakhale kakhulu eNkosini uNkulunkulu wabo, aangizukuyizwa imikhuleko yabo, noma ngibakhulule ezinkathazweni zabo; futhi isho kanje iNkosi, futhi ingiyale kanje.

26 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Abinadi esewakhulumile lamazwi kubo bamthukuthelela, futhi bafuna ukuthatha impilo yakhe; kodwa iNkosi yamkhulula ezandleni zabo.

27 Manje ngesikhathi inkosi uNowa isizwile ngalawo mazwi ayekhulunywe ngu-Abinadi kubantu, nayo ngokunjalo yathukuthela; futhi yathi: Ngubani u-Abinadi, ukuthi mina nabantu bami singahlulelwa nguye, noma angubani iNkosi, eyoletha phezu kwabantu bami inkathazo enkulu kangaka na?

28 Nginiyala ukuthi nilethe u-Abinadi lapha, ukuze ngimbulale, ngokuba usho lezi zinto ukuze aphehle abantu bami ukuthi bathukuthelelane omunye nomunye, nokuthi avuse imibango phakathi kwabantu bami; ngakho-ke ngizombulala.

29 Manje amehlo abantu aayephuphuthekisiwe; ngakho-ke bbaziqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene namazwi ka-Abinadi, futhi bafuna kusukela ngaso leso sikhathi kuyaphambili ukuthi bambambe. Futhi inkosi uNowa yayiqinisa inhliziyo yayo ngokumelene namazwi eNkosi, futhi ayiphendukanga ezenzweni zayo zobubi.