ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 18


Isahluko 18

U-Alima ushumayela ngasese—Uchaza ngesivumelwano sombhabhadiso futhi ubhabhadisa emanzini kaMormoni—Uhlela iBandla likaKristu futhi ugcoba abaphristi—Bazondla bona futhi bafundisa abantu—U-Alima kanye nabantu bakhe babalekela iNkosi uNowa baya ehlane. Cishe ngonyaka we 147 kuya kowe 145 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi u-Alima, lowo owayebalekele izinceku zenkosi uNowa, awaphenduka ezonweni kanye nasebubini bakhe, wahamba ngasese phakathi kwabantu, waqala ukubafundisa amazwi ka-Abinadi—

2 Yebo, mayelana nalokho okwakuzokwenzeka, futhi ngokunjalo mayelana nokuvuka kwabafileyo, anokukhululwa kwabantu, okwakuzokwenzeka bngamandla, nezinhlupheko, nokufa kukaKristu, nokuvuka kanye nokwenyukela kwakhe ezulwini.

3 Futhi ngobuningi balabo ababelizwa izwi lakhe nempela wabafundisa. Futhi wabafundisa ngasese, ukuze kungafiki olwazini lwenkosi. Futhi abaningi nempela bawakholwa amazwi akhe.

4 Futhi kwenzeka ukuthi ngobuningi balabo abakholwa bahamba baya aendaweni eyayibizwa ngokuthi yiMormoni, ithole igama layo enkosini, isemingceleni yezwe elaligcwala izilwane zasendle, ngezinye izikhathi noma ngezigaba zonyaka ezithile.

5 Manje, kwakukhona eMormoni umthombo wamanzi acwebileyo, futhi u-Alima waphumula lapho, lapho eduze kwamanzi kukhona ihlozi lezihlahla ezincane, lapho azifihla khona emini ekuthungathweni yinkosi.

6 Futhi kwenzeka ukuthi ngobuningi balabo ababemkholwa baya lapho ukuyozwa amazwi akhe.

7 Futhi kwenzeka ukuthi emva kwezinsuku eziningi kwase kukhona isibalo esikhulu esase sibuthana ndawonye endaweni kaMormoni, ukuzozwa amazwi ka-Alima. Yebo, bonke babuthana ndawonye ababekholelwa emazwini akhe, ukuze bamuzwe. Futhi nempela awabafundisa, futhi washumayela kubo ukuphenduka, nokukhululwa, kanye nokholo eNkosini.

8 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kubo: Bhekani, nanka amanzi kaMormoni (ngokuba ayebizwa kanjalo) manje, njengokuba anifisa ukuza bemhlambini kaNkulunkulu, futhi nibizwe ngabantu bakhe, futhi cnifuna ukuthwalisana imithwalo omunye nomunye, ukuze ibe lula;

9 Yebo, futhi nifuna ukukhala kanye nalabo abakhalayo; yebo, futhi niduduze labo abadinga ukududuzwa, futhi nime anjengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo eningaba kuzo, ngisho kuze kube sekufeni, ukuze nikhululwe nguNkulunkulu, futhi nibalwe kanye nalabo bbovuko lokuqala, ukuze nibe cnokuphila okuphakade

10 Manje ngithi kini, uma lokhu kuyisifiso sezinhliziyo zenu, yini pho eyenza ukuthi aningabhabhadiswa egameni leNkosi, kube njengobufakazi phambi kwayo ukuthi seningene besivumelwaneni nayo ukuthi nizoyisebenzela futhi nigcine imiyalelo yayo, ukuze ithele uMoya wayo ubemningi kakhulu kini na?

11 Manje ngesikhathi abantu sebewazwile lamazwi, bashaya izandla zabo ngenxa yentokozo, futhi bamemeza bathi: Lokhu kuyisifiso sezinhliziyo zethu.

12 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima wathatha uHelamu, engomunye wabokuqala, wahamba wema phambili emanzini, futhi wakhala, ethi: O Nkosi, thela uMoya wakho phezu kwenceku yakho, ukuze yenze lomsebenzi ngobungcwele benhliziyo.

13 Futhi ngesikhathi esewashilo lamazwi, auMoya weNkosi waba phezu kwakhe, futhi wathi: Helamu, bngiyakubhabhadisa, cnginegunya elivela kuNkulunkulu uSomandla, njengobufakazi bokuthi ungenile esivumelwaneni sokuthi umsebenzele uze ufe ngokomzimba ofayo; futhi sengathi uMoya weNkosi ungathelwa phezu kwakho; futhi sengathi angakunika ukuphila okuphakade, dngokukhululwa kukaKristu, amlungisa kusukela eekusekelweni komhlaba.

14 Futhi emva kokuthi u-Alima esewashilo lamazwi, bobabili u-Alima noHelamu abacwila emanzini; futhi bavuka futhi baphuma emanzini bethokozile, begcwaliswe ngoMoya.

15 Futhi, u-Alima wathatha omunye, waya phambili okwesibili emanzini, wambhabhadisa njengowokuqala, kuphela yena akacwilanga futhi emanzini.

16 Futhi ngalendlela wababhabhadisa bonke labo abaya endaweni kaMormoni; futhi babeyisibalo cishe esingamakhulu amabili nabantu abane; yebo, futhi ababhabhadiswa emanzini kaMormoni, futhi bagcwaliswa bngomusa kaNkulunkulu.

17 Futhi babizwa ngebandla likaNkulunkulu, noma aibandla likaKristu, kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili. Futhi kwenzeka ukuthi lowo owayebhabhadiswa ngamandla nangegunya likaNkulunkulu wayehlanganiswa nebandla lakhe.

18 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima, aenegunya elivela kuNkulunkulu, wagcoba abaphristi; ngisho umphristi oyedwa kubo bonke abangamashumi amahlanu esibalweni sabo nempela wabagcoba ukuthi bashumayele kubo, futhi bbabafundise mayelana nezinto eziphatheleni nombuso kaNkulunkulu.

19 Futhi wabayala ukuthi bangafundisi lutho ngaphandle kokuthi kube yizinto lezo ayezifundisile, futhi ezazikhulunywe ngomlomo wabaphrofethi abangcwele.

20 Yebo, wabayala ngisho ukuthi abangashumayeli lutho ngaphandle kokuphenduka kanye nokholo eNkosini, eyayibakhululile abantu bayo.

21 Futhi wabayala ukuthi kungabibikho ambango omunye nomunye, kodwa ukuthi babheke phambili bngaso linye, benokholo lunye kanye nombhabhadiso munye, benezinhliziyo zabo ezihlanganiswe ndawonye cebunyeni kanye nasothandweni omunye komunye.

22 Futhi wabayala ukuthi bashumayele kanjalo. Futhi ngalendlela baba angabantwana baNkulunkulu.

23 Futhi wabayala ukuthi bagcine ausuku lwesabatha, balugcine lungcwele, futhi phezu kwalokho izinsuku zonke babonge eNkosini uNkulunkulu wabo.

24 Futhi phezu kwalokho wabayala ukuthi abaphristi ayebagcobile abasebenze ngezandla zabo uqobo ukuze bazondle bona.

25 Futhi kwakukhona usuku olulodwa masonto onke olwalubekwe eceleni ukuthi bahlangane ndawonye ukuze bafundise abantu, futhi abakhonze iNkosi uNkulunkulu wabo, futhi phezu kwalokho, bahlangane kaningi kangangoba kwakusemandleni abo, ukuthi bahlangane ndawonye.

26 Futhi abaphristi kwakungafanele bathembele kubantu ukuthi babondle; kodwa ngokusebenza kwabo babezothola aumusa kaNkulunkulu, ukuze bakhule babe namandla eMoyeni, babe bnolwazi lukaNkulunkulu, ukuze bafundise ngamandla kanye nangegunya elivela kuNkulunkulu.

27 Futhi phezu kwalokho u-Alima wabayala ukuthi abantu bebandla kufanele baphane ngabanakho, awonke umuntu ngokwalokho anakho; uma ngabe enakho kukuningi kufanele aphe ngobuningi; futhi lowo onakho kepha kukuncane, kuncane okuyodingeka kuye; futhi lowo ongenakho kufanele anikwe.

28 Futhi ngaleyondlela kufanele baphane ngezinto abanazo ngokuthanda kwabo okukhululekileyo kanye nezifiso ezinhle ngoNkulunkulu, futhi nakulabo baphristi ababedinga, yebo, futhi nakubo bonke abantu abadingayo nabangenakho okokwembatha okwanele.

29 Futhi lokhu wakusho kubo, eyalwe nguNkulunkulu; futhi nempela abahamba ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu, bbephana omunye nomunye okwenyama nokukamoya njengokwezidingo zabo kanye nezimfuno zabo.

30 Manje kwenzeka ukuthi konke lokhu kwenziwa eMormoni, yebo, angasemanzini kaMormoni, ehlathini elaliseduzane namanzi kaMormoni; yebo, indawo kaMormoni, amanzi kaMormoni, ihlathi likaMormoni, kwakukuhle kangakanani emehlweni alabo abeza lapho olwazini loMkhululi wabo; yebo, futhi babusiswe kangakanani, ngokuba bayohlabelela ukumdumisa naphakade.

31 Futhi lezi zinto zenziwa aemingceleni yezwe, ukuze zingafinyeleli olwazini lwenkosi.

32 Kodwa bhekani, kwenzeka ukuthi inkosi, isitholile ngomnyakazo phakathi kwabantu, yathumela izinceku zayo ukuthi zibabheke. Ngakho-ke osukwini lolo ababehlangene ngalo ndawonye ukuzozwa izwi leNkosi batholwa yinkosi.

33 Manje inkosi yathi u-Alima wayephehla abantu ukuthi bayivukele; ngalokho-ke yathumela amabutho ayo ukuthi ayobabhubhisa.

34 Futhi kwenzeka ukuthi u-Alima kanye nabantu beNkosi abavuswa ngokuza kwempi yenkosi; ngakho-ke bathatha amatende abo kanye nemindeni yabo futhi bemuka baya ehlane.

35 Futhi babebalelwa cishe kubantu abangamakhulu amane namashumi amahlanu.