ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 4


Isahluko 4

INkosi uBenjamini iyaqhubeka nenkulumo yayo—Insindiso iza ngenxa yeNhlawulo—Kholwa kuNkulunkulu ukuze usindiswe—Gcina ukuthethelelwa kwezono zakho ngokukholwa—Yipha lokho onakho abampofu—Yenza zonke izinto ngokuhlakanipha kanye nangohlelo. Cishe ngonyaka we 124 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi emva kokuthi inkosi uBenjamini isiqedile ukukhuluma amazwi ayekade elethwe kuyo yingelosi yeNkosi, yaphonsa amehlo ayo kuso sonke isixuku, futhi bheka sase siwele phansi, ngokuba base befikelwe awukuyesaba iNkosi.

2 Futhi base bezibone besesimweni sabo asasemhlabeni, bbengaphansi ngisho nothuli lomhlabathi. Futhi bonke bakhala kakhulu ngezwi elilodwa, bethi: O yiba nesihawu, futhi wenze cigazi elihlawulayo likaKristu lisebenze ukuze sithole ukuthethelelwa kwezono zethu, futhi nezinhliziyo zethu zicwebiswe; ngokuba siyakholwa kuJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, dowadala izulu nomhlaba, kanye nazo zonke izinto; oyokwehlela phansi phakathi kwabantwana babantu.

3 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi sebekhulume lamazwi uMoya weNkosi wehlela phezu kwabo, futhi bagcwala injabulo, sebethole aukuthethelelwa kwezono zabo, futhi sebenokuthula bkukanembeza, ngenxa cyokholo olukhulu ababenalo kuJesu Kristu owayezofika, njengokwamazwi inkosi uBenjamini eyayiwakhulume kubo.

4 Futhi inkosi uBenjamini yaphinda yavula umlomo wayo yaqala ukukhuluma kubo, ithi: Bangani bami kanye nabafowethu, zihlobo zami kanye nabantu bami, ngiyaphinda futhi ngiyanicela ukuthi nilalele, ukuze nizwe futhi niqonde insalela yamazwi ami engizowakhuluma kini.

5 Ngokuba bhekani, uma ulwazi lobuhle abukaNkulunkulu ngalesi sikhathi selunivusele ekuboneni ukungabi lutho kwenu, kanye nobuze benu kanye nesimo sokuwa—

6 Ngithi kini, uma senifike aolwazini lobuhle bukaNkulunkulu, kanye namandla akhe angenakulinganiswa, kanye nokuhlakanipha kwakhe, kanye nesineke sakhe, kanye nokubabekezelela kwakhe abantwana babantu; futhi phezu kwalokho, bnenhlawulo eyalungiswa kusukela cekusekelweni komhlaba, ukuze ngayo insindiso ize kulowo oyobeka dithemba lakhe eNkosini, futhi akhuthale ekugcineni imiyalelo yayo, futhi aqhubeke okholweni ngisho kuze kube sekugcineni kwempilo yakhe, ngisho impilo yomzimba ofayo—

7 Ngithi, yilomuntu othola insindiso, ngenhlawulo eyalungiselwa bonke abantu kusukela ekusekelweni komhlaba, ababelokhu bekhona kusukela aekuweni kuka-Adamu, noma abakhona, noma abayoba khona nanini, ngisho kuze kube sekupheleni komhlaba.

8 Futhi yiyona ndlela lena insindiso eyoza ngayo. Futhi aayikho enye insindiso ngaphandle kwalena osekukhulunywe ngayo; futhi ayikho eminye imibandela umuntu angase asindiswe ngayo ngaphandle kwalemibandela enginitshele ngayo.

9 Kholwani kuNkulunkulu; kholwani ukuthi unguye, futhi nokuthi wadala izinto zonke, okusezulwini nokusemhlabeni, kholwani ukuthi unakho konke aukuhlakanipha, kanye nawo wonke amandla, ezulwini nasemhlabeni; kholwani ukuthi umuntu angeke akwazi bukuqonda zonke izinto iNkosi ekwazi ukuziqonda.

10 Futhi phezu kwalokho, kholwani ukuthi kufanele aniphenduke ezonweni zenu futhi nizishiye, futhi nizithobe phambi kukaNkulunkulu; futhi nicele ngobuqotho benhliziyo ukuze banithethelele; manje, uma cnikholwa yizo zonke lezi zinto bonani ukuthi dniyazenza.

11 Futhi phezu kwalokho ngithi kini njengoba ngishilo ngaphambili, ukuthi njengoba senifike olwazini lwenkazimulo kaNkulunkulu, noma uma seninolwazi ngobuhle bakhe futhi aseniluzwile uthando lwakhe, futhi senithole bukuthethelelwa kwezono zenu, okwenza injabulo enkulu kakhulu emiphefumulweni yenu, futhi ngokunjalo ngifuna ukuthi nize nikhumbule, futhi njalo nihlale nikhumbula, ubukhulu bukaNkulunkulu, kanye cnobuze benu uqobo, dnobuhle bakhe nokunibekezelela kwakhe, zidalwa ezingafanelekile, futhi nizithobe ngisho nasekujuleni ekwentobeko, fnibize igama leNkosi nsuku zonke, futhi nime ngokuqina ekukholweni kulokho okuzayo, okwakhulunywa ngomlomo wengelosi.

12 Futhi bhekani, ngithi kini uma nikwenza lokhu niyohlala nithokoza, futhi nigcwaliswe angothando lukaNkulunkulu, futhi niyohlala bnigcine ukuthethelewa kwezono zenu; futhi niyokhula olwazini lwenkazimulo yalowo owanidalayo, noma olwazini lwalokho okulungile futhi okuyiqiniso.

13 Futhi aniyikuba nawo umqondo wokulimazana, kodwa ukuthi nihlale angokuthula, futhi ninike wonke umuntu lokho okumfanele.

14 Futhi aniyikuvuma aabantwana benu ukuthi bahambe belambile, noma bahambe benqunu; noma nivume ukuthi baphule imithetho kaNkulunkulu, futhi bbalwe futhi baxabane omunye nomunye, futhi basebenzele udeveli, oyinkosi yesono, noma ongumoya omubi abakhuluma ngawo obaba bethu, oyisitha sakho konke ukulunga.

15 Kodwa aniyobafundisa ukuthi bbahambe ezindleleni zeqiniso kanye nezobuqotho; niyobafundisa ukuthi cbathandane, futhi nokuthi basizane.

16 Futhi phezu kwalokho, nani uqobolwenu aniyobasiza labo abami bedinga usizo lwenu; niyokupha ngalokho eninakho kulowo omi edinga; futhi aniyikuvuma ukuthi bisiceli siphakamise isicelo saso ngeze, futhi nisixoshe ukuthi sibhubhe.

17 Mhlawumbe auyothi: Lomuntu uzilethele yena phezu kwakhe usizi lwakhe; ngalokho-ke ngizosigodla isandla sami, futhi angiyikumnika ukudla kwami, noma ngimnike enginakho ukuze angahlupheki, ngokuba izijeziso zakhe zilungile—

18 Kodwa mina ngithi kini, O muntu, lowo owenza lokhu nguye kanye onesidingo esikhulu sokuphenduka; futhi ngaphandle kokuthi aphenduke ngalokho akwenzile uyobhubha ingunaphakade, futhi akanasabelo embusweni kaNkulunkulu.

19 Ngokuba bhekani, asizona yini sonke iziceli na? Ngabe asincikile yini sonke kuye kanye lowo Muntu, ngisho uNkulunkulu, ngazo zonke izinto esinazo, ngokudla kanye nezingubo, kanye nangegolide, kanye nangesiliva, kanye nangayo yonke ingcebo esinayo enhlobonhlobo na?

20 Futhi bhekani, ngisho nangalesi sikhathi, benimemeza igama lakhe, futhi nicela ukuthethelelwa kwezono zenu. Ngabe uvumile yini ukuthi nicele ngeze na? Cha; uwuthululile uMoya wakhe phezu kwenu, futhi wenza ukuthi izinhliziyo zenu zigcwaliswe angenjabulo, futhi ibinkulu kakhulu injabulo yenu kangangoba wenza ukuthi imilomo yenu ivalwe ukuze ingakwazi ukukhuluma.

21 Manje, uma uNkulunkulu, onidalile, enincike kuye ngezimpilo zenu kanye nangakho konke eninakho futhi eniyikho, eninika noma yini eniyicelayo elungile, ngokholo, nikholwa ukuthi niyoyithola, O pho-ke, kufaneleke kangakanani ukuthi aniphane ngalokho eninakho.

22 Futhi uma awehlulela umuntu owenza isicelo sakhe kuwe ngento yakho ukuze angabhubhi, futhi umsole, ngabe kuyolunga kangakanani okwakho ukusolwa bngokugodla into yakho, okungesiyo eyakho kodwa engekaNkulunkulu, nempilo yakho okungeyakhe; futhi nokho ube ungenzi sicelo, noma uphenduke entweni oyenzile.

23 Ngithi kini, maye kulowo muntu, ngokuba impahla yakhe iyobhubha kanye naye; manje, ngisho lezi zinto kulabo aabanothile ngokwezinto zalomhlaba.

24 Futhi phezu kwalokho, ngithi kwabampofu, nina eningenalutho kodwa nibe ninakho okwanele, ukuze niphile usuku nosuku; ngisho nina nonke enenqabela isiceli, ngenxa yokuthi ningenakho; ngifuna ukuthi nithi ezinhliziyweni zenu: angiphi ngenxa yokuthi anginakho, kodwa ukube benginakho abengiyokupha.

25 Manje, uma nikusho lokhu ezinhliziyweni zenu niyohlala ningenacala, ngaphandle kwalokho aninecala; futhi ukuba necala kwenu kulungile ngokuba nifisa lokho eningakunikwanga.

26 Manje, ngenxa yalezi zinto engizikhulume kini—okungukuthi, ukuze kugcinwe ukuthethelelwa kwezono zenu usuku nosuku, ukuze anihambe ningenacala phambi kukaNkulunkulu—ngifuna ukuthi bniphane ngeninakho ckwabampofu, wonke umuntu ngokwalokho anakho, dnjengokondla abalambile, ukwembathisa abahambaze, ukuvakashela abagulayo kanye nokubasiza ukuthi bakhululeke, ngokukamoya kanye nangokwenyama, njengokwezimfuno zabo.

27 Futhi bonani ukuthi zonke lezi zinto zenziwa ngokuhlakanipha kanye nangohlelo; ngokuba akufanele ukuthi umuntu agijime angaphezu kwamandla anawo. Futhi phezu kwalokho, kudingekile ukuthi akhuthale, ukuze ngalokho athole umvuzo; ngalokho-ke, zonke izinto kufanele zenziwe ngohlelo.

28 Futhi ngifuna ukuthi nize nikhumbule, ukuthi noma ngubani phakathi kwenu otshelekile kumakhelwane wakhe makabuyisele into leyo ayitshelekile, njengoba kade evumile, ngaphandle kwalokho uyokwenza isono; futhi mhlawumbe uyokwenza umakhelwane wakhe ukuthi enze isono naye.

29 Futhi okokugcina, anginakunitshela zonke izinto eningenza ngazo isono; ngokuba kukhona izinhlobonhlobo zezindlela kanye namasu, ngisho eziningi kakhulu kangangokuthi anginakuzibala.

30 Kodwa nakhu enginganitshela kona, ukuthi uma aningazibheki, kanye bnemicabango yenu, kanye cnamazwi enu, kanye nezenzo zenu, futhi niqaphele imiyalelo kaNkulunkulu, futhi niqhubeke okholweni lwalokho enikuzwile mayelana nokuza kweNkosi yethu, ngisho kuze kube sekupheleni kwezimpilo zenu, kufanele nibhubhe. Manje, O muntu, khumbula, futhi ungabhubhi.